13.The Thunder

  1. Alif Lam Mim Ra, lawa ngamavesi encwadi kanye nalokho okwembulwe kuwena okuvela eNkosini yakho okuyiqiniso kepha iningi labantu alikholwa
  2. UMvelinqangi nguyena owaphakamisa amazulu ngaphandle kwezinsika ukuze nibone, wayesezibeka esihlalweni sobukhosi futhi wenza ilanga nenyanga ukuthi ngakunye kuhambe ngesikhathi esinqunyiwe, uhlela udaba (ngalunye) uwachaza ngobunjalo bawo amavesi ukuze niqiniseke ekuhlanganeni neNkosi yenu
  3. Futhi nguyena owendlala umhlaba wazinzisa kuwona izintaba kanye nemifula futhi (nguyena owenza ukuthi) kuleso naleso sithelo okubili ngakubili wenza ukuthi ubusuku bumboze imini ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abacabangayo
  4. Futhi emhlabeni kunemihlaba ebanzi esondelene nezivande zamagilebhisi nezitshalo namasundu amila emabili empandeni nangamili empandeni, kuchelelwa ngamanzi awodwa futhi senza ezinye (izithelo) zibe ngcono kunezinye ekudliweni, ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abanomqondo
  5. Futhi uma umangele ngakho-ke siyamangaza isisho sabo (esithi) ngakube uma siwuthuli ngempela (siyovuswa) yini sibe izidalwa ezintsha na? Labo bayilabo abaphika ukholo eNkosi yabo futhi laba bayoba namaketanga emiqaleni yabo, futhi labo bayoba ngabanqwamani nomlilo bayohlala khona ingunaphakade
  6. Futhi bakujahela ebubini ngaphambi kobuhle futhi sezadlula ngaphambilini kwabo izijeziso ezifana (nalokho abakujahayo) futhi ngempela iNkosi yakho ingumnikazi wentethelelo kubantu ekungalungini kwabo futhi ngempela iNkosi yakho inzima ekujeziseni
  7. Futhilaboabangakholwangabathi,“kunganikungehliselwanga phansi kuyena uphawu oluvela eNkosini yakhe na?” Kuphela wena ungumxwayisi futhi kulabo nalabo bantu kunomholi
  8. UMvelinqangi uyakwazi lokho okukhulelwe ibona bonke abesifazane kanye nalokho izizalo ezilahlekelwa yikona (okusuke kungakalungeli ukuthi kungazalwa) kanye nalokho ezikwandisayo (izizalo) futhi zonke izinto kuyena zilinganisiwe
  9. Uyisazi sokungabonwayo nokubonwayo, mkhulu uphakeme
  10. Kuyefana (kuyena) noma ngabe omunye wenu ufihla inkulumo noma nalowo oyivezayo kanye nalowo ozifihlayo ebusuku bese ehamba emini
  11. Ezakhe izingelosi eziqaphelayo ngaphambili (komuntu ngamunye) nangemva kwakhe ziyamlondoloza ngempoqo kaMvelinqangi akasiguquli isimo sabantu kuze kube ilapho beguqula lokho okusemiphefumulweni yabo futhi uma uMvelinqangi eqonde okubi ebantwini akekho ongakuphindisela emumva futhi abanaye umvikeli ngaphandle kwakhe
  12. Nguyena onikhombisa umbani odala ukwesaba nethemba futhi (nguyena) oletha amafu asindayo
  13. Nokuduma kuyamphakamisa ngodumo lwakhe kanye nezingelosi (ziyamdumisa) ngenxa yokumesaba futhi athumele ukushaya konyazi ashaye ngawo lowo amthandayo ngenkathi bona bephikisana ngoMvelinqangi kanti yena uphakeme ngamandla futhi unzima ekujeziseni
  14. Ikuyena lapho umthandazo uyiqiniso khona futhi labo abamemeza abanye esikhundleni sakhe ababaphenduli ngalutho ngaphandle njengalowo owelulela izandla zakhe zombili emanzini ukuze afinyelele emlonyeni wakhe kepha wona akafinyeleli kuyena, umthandazo wabangakholwayo awulutho ngaphandle kokuthi ungukuduka
  15. Futhi ikuMvelinqangi lapho noma ngabe ubani osemazulwini nasemhlabeni ekhothama khona bethanda noma bengathandi kanye nezithunzi zabo ekuseni nakusihlwa
  16. Ithi, ngubani iNkosi yamazulu nomhlaba na? Ithi, “uMvelinqangi” ithi, “ngakube nizithathele abanye abavikeli esikhundleni sikaMvelinqangi abangaziphatheli nzuzo nakulimaza emiphefumulweni yabo na?” ithi, “ngakube uyefana yini oyimpumputhe kanye nobabonayo noma ngakube buyefana yini ubumnyama nokukhanya na? Noma benzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni, abadale okunjengendalo yakhe ukuze indalo (abayidalile neyakhe) ibukeke ifana kubona ithi, “uMvelinqangi ongumdali wezinto zonke futhi ungoyedwa ongavinjwa”
  17. Wehlisela phansi amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni igeleza ezihosheni ngendlela eyithanda ngayo, izikhukhula ziwasuse amagwebu akhukhumalayo futhi nakulokho abakuncibilikisayo emlilweni ukuze kwakhiwe okokuhloba nomaizitsha, kuveleigwebuelifananako, kanjalouMvelinqangi uliveza (ngezibonelo) iqiniso kanye namanga ngakho-ke amagwebu ayadlula njengento engeyilutho bese kuthi lokho okuwusizo kubantu kuyasala emhlabeni uMvelinqangi wenza kanjalo-ke izibonelo
  18. Kulabo abayiphendula iNkosi yabo kunobuhle kanye nalabo abangazange bayiphendule ukube babengaba nakho konke okusemhlabeni kanye nokufana nakho kanye nakho babezonikela ngakho njengenhlengo, labo-ke okwabo ukwehlulelwa okubi futhi indawo yabo yokuhlala isihogo futhi yimbi ngempela leyo ndawo yokuphumula
  19. Ngakube lowo owaziyo ukuthi okwehliselwa phansi kuwena okuvela eNkosini yakho ukuthi kuyiqiniso njengalowo oyimpumputhe na? Kuphela abakhumbulayo abantu abaqondayo
  20. Labo abasifezayo isethembiso sikaMvelinqangi futhi bangasephuli isivumelwano
  21. Kanye nalabo abenza lokho uMvelinqangi aphoqe ngakho ukuba kwenziwe futhi abayesabayo iNkosi yabo futhi bayakwesaba ukwehlulelwa okubi
  22. Kanye nalabo ababekezelayo befuna ukubona ubuso beNkosi yabo futhi benza umthandazo benikela esithe nasobala kulokho esibaphe kona benqabela ububi ngobuhle labo okwabo kuyoba isiphetho esihle
  23. Izivande zase-Eden (zangunaphakade) abayongena kuzona kanye nalabo abenza okulungileyo abaphuma phakathi koyise nakumakhosikazi abo nasezinganeni zabo nezingelosi ziyongena kubona ngawo wonke amasango
  24. (Kuyothiwa) Ukuthula makube kunina ngenxa yokubekezela kwenu ubuhle ikhaya lokugcina
  25. Kanye nalabo ababephula isivumelwano sikaMvelinqangi emva kokuqinisekiswa kwaso futhi behlukanisa lokhu uMvelinqangi aphoqe ngakho ukuba kuxhunywe futhi benza ukona emhlabeni labo-ke okwabo isiqalekiso futhi okwabo ikhaya elibi (isihogo)
  26. UMvelinqangi uyakwandisa ukuphana kunoma ngabe ubani amthandayo futhi akuqinisekise (ukuphana kwakhe) futhi bayayithokozela impilo yalomhlaba futhi ayiyilutho impilo yalomhlaba kunempilo ezayo ngaphandle kokuthi iyintokozo yesikhashana
  27. Futhi labo abangakholwayo bathi, “kungani lungehliselwanga phansi kuyena uphawu oluvela eNkosini yakhe na?” Ithi ngempela uMvelinqangi udukisa lowo amthandayo bese eholela kuyena lowo ophendukela kuyena ngokuzisola
  28. Labo abakholwayo futhi izinhliziyo zabo ezithola ukuphumula ekukhumbuleni uMvelinqangi ngempela ekukhumbuleni uMvelinqangi izinhliziyo zithola ukuphumula
  29. Labo abakholwayo futhi benze izenzo ezinhle injabulo ingeyabo (nendawo) enhle yokuphindela
  30. Kanjalo sakuthumela esizweni esekwadlula ngaphambilini kwaso izizwe ukuze ubafundele lokho esakwembula kuwena kulapho bona bemphika onomusa, Ithi, “yena uyiNkosi yami akekho onokukhonzwa ngaphandle kwakhe ngithembele kuyena futhi kukuyena ukuphindela kwami”
  31. Futhi uma bekungaba khona iQur’an okungasuswa ngayo izintaba (zibekwe kwenye indawo) noma kudatshulwe ngayo umhlaba noma kukhulunyiswe ngayo abafileyo (beyingeke ibe khonangaphandlekwaleQur’an) kephazingezika-Mvelinqangi zonke izimo, ngakube abazi yini labo abakholwayo ukuthi ukube uMvelinqangi wayethanda wayezobahola bonke abantu, abasoze bayekwa labo abangakholwa ukwehliselwa okubi ngenxa yalokho abakwenzile noma kwehlele eduzane namakhaya abo kuze kube siyeza isithembiso sikaMvelinqangi ngempela uMvelinqangi akasephuli isethembiso
  32. Futhi ngempela kwenziwa inhlekisa ngezithunywa ngaphambilini kwakho ngakho-ke ngabanika ithuba labo abangakholwanga ngabe sengiyabathatha (ngiyabajezisa) ngakho-ke sasinjani isijeziso sami na
  33. Ngakube nguyena (uMvelinqangi) oqaphela yonke imiphefumulo mayelana nekusebenzeleyo, futhi benzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni ithi, “ziqambeni amagama (izithixo zenu) noma nimtshene ngalokho angakwazi emhlabeni noma abakuvezayo okuyinkulumo, kepha lenziwa labukeka lilihle icebo labo kulabo abangakholwayo futhi bavinjelwe endleleni eqondile futhi lowo odukiswe nguMvelinqangi angeke aze abenaye umholi.”
  34. Okwabo isijeziso empilweni yalomhlaba futhi ngempela isijeziso sempilo ezayo sinzima ngokwedlulele, futhi angeke babenaye umvikeli ovela kuMvelinqangi
  35. Isibonelo sesivande esethenjiswe abenza okulungileyo, kugeleza ngaphansi kwaso imifula, izithelo zaso azipheli nomthunzi waso. Leso isiphetho salabo abenza okulungileyo nesiphetho sabaphika ukholo ngumlilo
  36. Kanye nalabo esabanika incwadi bayathokoza ngalokho okwembulwa kuwena futhi ezixukwini kunabanye abayiphikayo ingxenye yayo ithi, “kuphela ngiphoqiwe ukuthi ngikhonze uMvelinqangi futhi ngingamenzeli abahlanganyeli ekumkhonzeni, ngimemela kuyena futhi kukuyena ukuphindela kwami.”
  37. Futhi kanjalo siwembulile umthetho (iQur’an) ngesi-Arab futhi uma ulandele izifiso zabo eziyize leze emva kokuba usufikelwe ulwazi angeke ube namqapheli obhekene noMvelinqangi futhi ngisho nomvikeli
  38. Futhi ngempela sathumela izithunywa ngaphambilini kwakho futhi sazenzela ukuthi zibe namakhosikazi nezingane futhi kwakungesikhona okwesithunywa ukuthi size nophawu ngaphandle kwemvume kaMvelinqangi isikhathi nesikhathi (udaba nodaba) kunesimemezelo (sikaMvelinqangi)
  39. UMvelinqangi ususa lokho akuthandayo futhi aqinise (lokho akuthandayo) futhi kuyena kunomama wencwadi
  40. Futhi noma ngabe siyakukhombisa ingxenye yalokho esibathembisa kona noma senze ukuthi ufe ngakho-ke kuphela umthwalo ophezu kwakhe ukushumayela futhi okwethu ukwehlulela
  41. Ngakube ababoni yini ukuthi ngempela thina siyeza emhlabeni siwunciphise emaceleni na? UMvelinqangi uyehlulela akekho ohoxisa isehlulelo sakhe futhi yena ungosheshayo ekwahluleleni
  42. Futhi benza icebo labo ababengaphambilini kwabo ngakho-ke angawaMvelinqangi wonke amacebo, uyakwazi konke okusetshenzelwa iyona yonke imiphefumulo futhi abangakholwa bayokwazi ukuthi ingekabani indlu yokugcina
  43. Futhi labo abangakholwanga bathi, “awusona isithunywa” ithi, “wanele uMvelinqangi njengofakazi phakathi kwami nani nanoma ubani onolwazi lwencwadi.”