14.Abraham

  1. Alif Lam Ra incwadi (iQur’an) esiyembulile kuwena ukuze ukhiphe abantu ebumnyameni ubayise ekukhanyeni ngemvume yeNkosi yabo ubayise endleleni yophakeme ngamandla odunyiswayo
  2. UMvelinqangi okunguyena okungokwakhe konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni, usizi kwabangakholwayo esijezisweni esinzima
  3. Labo abathanda impilo yalomhlaba kunempilo ezayo futhi bevimbela (abantu) endleleni kaMvelinqangi befuna ukuyenza ibemazombezombe labo-ke basekudukeni okukhulu
  4. Futhi asisithumelanga isithunyanywa ngolunye ulimi ngaphandle kolimi lwabantu baso ukuze sibachazele ngokucacile ngakho-ke uMvelinqangi udukisa lowo amthandayo futhi ahole lowo amthandayo futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani
  5. Futhi ngempela sathumela uMose namavesi ethu ukuthi khipha abantu bakho ebumnyameni ubayise ekukhanyeni futhi ubakhumbuzise ngezinsuku zezijeziso zikaMvelinqangi, ngempelakulokhokunezimpawukubonabonkeababekezelayo ababongayo
  6. Futhi (khumbula) ngenkathi uMose ethi kubantu bakhe (Oh bantwana bakwa-Israyeli!) “Khumbulani ububele bukaMvelinqangi kunina ngenkathi enisindisa ebantwini baFaro ababenihlupha ngesijeziso esinzima futhi babebulala amadodana enu beshiya abesifazane benu bephila futhi kulokho kwakunesivivinyo esikhulu esivela eNkosini yenu”
  7. Futhi (khumbula) ngenkathi imemezela iNkosi yenu ukuthi uma nibonga ngempela ngizoninezelela (ngizoninika okungaphezulu kwalokho) futhi uma ningakholwa ngempela isijeziso sami sinzima
  8. Futhi uMose wathi, “uma ningakholwa nina kanye nabobonke abasemhlabeni ngakho-ke ngempela uMvelinqangi akaswele lutho ungodunyiswayo”
  9. Ngakube azizange zifike yini kunina izindaba zalabo ababengaphambilini kwenu izindaba zabantu bakaNowa no- A’d noThamud kanye nezalabo (abeza) ngemumva kwabo, akekho obaziyo ngaphandle kukaMvelinqangi, zafika kubona izithunywa zabo nezimpawu ezicacile ngakho-ke babuyisela izandla zabo emilonyeni yabo base bethi “ngempela thina sakuphika lokho enanithunywe nako futhi ngempela thina sisekungabazeni okukhulu kulokhu enisimemela kukona”
  10. Izithunywa zabo zathi, “Ngakube kukhona yini ukungabaza ngoMvelinqangi umsunguli wamazulu nomhlaba na? Uyanimema ukuze anithethelele ezonweni zenu bese eninika ithuba kuze kube isikhathi esinqunyiwe” bathi (ezithunyweni) aniyilutho ngaphandle kokuthi ningabantu njengathi nifuna ukusivimba kulokho okwakukhonzwa ngobaba bethu na? Ngakho-ke siletheleni igunya elicacile
  11. Izithunywa zabo zathi kubona “asiyilutho thina ngaphandle kokuthi singabantu njengani kepha uMvelinqangi wethwesa umusa lowo amthandayo ezincekwini zakhe futhi akusikhona okwethu ukuthi sinilethele igunya ngaphandle kwentando kaMvelinqangi futhi ikuMvelinqangi lapho bebeka khona ithemba abakholwayo”
  12. Futhi kungani ukuthi singathembeli kuMvelinqangi kulapho esiholele ezindleleni zethu na? Futhi sizokubekezela kulokho enisihlupha ngako futhi ikuMvelinqangi lapho bebeka khona ithemba abanethemba
  13. Futhi labo abangakholwanga bathi ezithunyweni zabo, “ngempela sizonigxosha ezweni lethu noma nibuyele enkolweni yethu ngakho-ke iNkosi yabo yembula (isambulo) kubona (yathi), “ngempela sizozibhubhisa izoni”
  14. Futhi ngempela sizonizinzisa emhlabeni emva kwabo, lokhu okwalowo owesaba ukuma phambi kwami futhi owesaba ukusonga kwami
  15. Futhi babefuna ukunqoba nosizo, futhi bonke ababephika (ubunye bukaMvelinqangi) baholelwa ekudukeni nasekubhujisweni
  16. Isihogo siyoba singaphambi kwakhe futhi uyophuziswa amanzi abilayo aphuma ezilondeni zabantu basesihogweni
  17. Uyowaphuza engathandi futhi ethola ubunzima ekuwagwinyeni bese ukufa kuyeza kuyena zinhlangothi zonke kepha angafi futhi ngaphambili kwakhe kuyobe kunesijeziso esinzima kakhulu
  18. Isibonelo salabo abangakholwanga eNkosini yabo ukuthi imisebenzi yabo injengemilotha ephephethwa isivunguvungu somoya ngosuku lwezivunguvungu, abanamandla ngalutho kulokho ababekusebenzela, lokho kungukuduka okukude le
  19. Ngakube awuboni yini ukuthi uMvelinqangi wadala amazulu nomhlaba ngeqiniso na? Uma ethanda anganisusa (anganibhubhisa) bese eletha indalo entsha
  20. Futhi lokho kuMvelinqangi akunzima nakancane (ukuthi akwenze)
  21. Futhi bonke bayovela kuMvelinqangi labo ababuthakathaka bayothi kulabo ababeqhosha “ngempela thina sasingabalandeli benu, ngakubeni nina ningasisiza ngokuthize esijezisweni sikaMvelinqangi na? Bayothi, “ukube uMvelinqangi wayesiholile sasizonihola, kuyefana kuthina noma ngabe asibekezeli noma siyabekezela angeke sikwazi ukuphunyuka”
  22. Kuyothi uma udaba selunqunyiwe usathane uyothi “ngempela uMvelinqangi wanethembisa isethembiso seqiniso nami nganethembisa ngabe sengiyanishiya futhi ngangingenalo igunya kunina ngaphandle kokuthi nganibiza nangiphendula ngakho-ke ningangisoli solani imphefumulo yenu, angisiyena umsizi wenu nani aniyibona abasizi bami ngempela mina ngakuphika ukungihlanganisa kwenu noMvelinqangi ekumkhonzeni ngaphambilini ngempela okwezoni isijeziso esibuhlungu”
  23. Futhi labo abakholwayo futhi benza okulungileyo bayongeniswa ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo imifula bayohlala khona ingunaphakade ngemvume yeNkosi yabo, isibingelelo sabo lapho (esivande) kuyoba ukuthula
  24. Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi usenze kanjani isibonelo segama elihle sinjengesesihlahla esihle izimpande zaso ezisimeme namagatsha aso afinyelele esibhakabhakeni
  25. Sithela izithelo zaso zikhathi zonke ngemvume yeNkosi yaso futhi uMvelinqangi wenzela abantu izibonelo ukuze bakhumbuzeke
  26. Nesibonelo segama elibi sinjengesesihlahla esibi esiphulwe (sabekwa) ngaphezu komhlaba esingakwazi ukusimama
  27. UMvelinqangi uyabaqinisa labo abakholelwa ezwini eliyiqiniso empilweni yalomhlaba nasempilweni ezayo futhi uMvelinqangi uyazidukisa izoni futhi uMvelinqangi wenza lokho akuthandayo
  28. Awukababoni yini labo abaguqulela umusa kaMvelinqangi ekungakholweni futhi beholela abantu babo endaweni yokubhubha na
  29. Isihogo indawo abayosha kuyona futhi siyindawo embi ukwakha (noma ukuhlala) kuyona
  30. Futhi benzela uMvelinqangi izimbangi ukuze badukise (abantu) endleleni yakhe ithi, “zijabuliseni ngoba ngempela ukuphindela kwenu kusemlilweni”
  31. Tshena izinceku zami ezakholwayo ukuthi azenze umthandazo futhi ziphe kulokho esazipha kona esithe noma obala ngaphambi kokuba kufike usuku lapho kungekho khona ukuhwebelana nobungane
  32. UMvelinqangi owadala amazulu nomhlaba futhi wehlisela phansi amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni wenza ngayo ukuthi kuvele izithelo eziyisipho kunina futhi wanenzela ukuthi kuvele izithelo eziyisipho kunina futhi wanenzela ukuthi imikhumbi intweze olwandle ngempoqo yakhe futhi wanenzela imifula ukuthi ibe lusizo (kunina)
  33. Futhi wanenzela ilanga nenyanga ukuthi kube usizo kunina futhi wanenzela ukuthi ubusuku nemini bube usizo kunina
  34. Futhi waninika kukona konke enakucelayo kuyena futhi uma ningase (nizame) ukubala izipho zikaMvelinqangi angeke nikwazi ukuwubala ngempela umuntu akanabulungiswa akabongi
  35. Futhi (khumbula) ngenkathi u-Abrahamu ethi, “Nkosi yami yenza ukuthi kulendawo kube nokuphepha futhi ungisindise kanye namadodana ami ekukhonzeni izithixo”
  36. Nkosi yami ngempela zona (izithixo) zabadabukisa abantu abaningi ngakho-ke noma ngabe ubani ongilandelayo ngempela yena ungowami futhi noma ngabe ubani ongangihloniphi ngakho-ke ngempela wena uyathethelela unesihawu
  37. Nkosi yethu ngempela mina ngihlalise ingxenye yenzalo yami esigodini esingalimeki eduzane nendlu yakho engcwele, Nkosi yethu ukuze benze umthandazo ngakho-ke yenza ukuthi izinhliziyo zabanye abantu zithambekele kuyona (inzalo yami) futhi baphe izithelo ukuze mhlawumbe bona babonge
  38. Nkosi yami ngempela wena uyakwazi konke lokho esikufihlayo nakho konke esikuvezayo futhi akukho lutho olufihlekile kuMvelinqangi emhlabeni nasezulwini
  39. Udumo malube kuMvelinqangi okunguyena ongiphile ebudaleni bami u-Ishmayeli no-Isaka ngempela iNkosi yami ingewuzwayo umthandazo wami
  40. Nkosi yami ngenze ukuba ngigcine umthandazo nasenzalweni yami, nkosi yethu futhi wemukele umthandazo wami
  41. Nkosi yethu ngithethelele kanye nabazali bami kanye nabakholwayo ngosuku lokufika kokwahlulelwa
  42. Futhi ungacabangi ukuthi uMvelinqangi akakunakile lokho okwenziwa izoni kuphela ubanika ithuba kuze kube kufika usuku lapho amehlo ayobe egqolozile khona
  43. Bejahe phambili imiqala ilulekile amakhanda abo ebheke phezulu kwangabe kusabuyela kubona ukubona kwabo nezinhliziyo zabo zingenalutho
  44. Futhi xwayisa abantu ngosuku lapho beyofikelwa khona isijeziso ngakho-ke bayothi labo abayizoni “Nkosi yethu siphe ithuba kuze kube isikhathi esiseduzana ukuze siphendule esimemezelweni sakho futhi silandele izithunywa, (kuyothiwa) “anizange nifunge yini ngaphambilini ukuthi angeke nize niyiyeke (impilo yalomhlaba ngenxa yempilo ezayo) na
  45. Futhi nahlala ezindaweni zokuhlala zalabo abayona imiphefumulo yabo futhi kwacaca kunina ukuthi senzanjani ngabo futhi sanenzela izibonelo
  46. Futhi benza icebo labo futhi kuMvelinqangi kunecebo labo, futhi akusikhona ukuthi icebo labo (linzima) lingasusa izintaba ezindaweni zazo
  47. Ngakho-ke ungacabangi ukuthi uMvelinqangi uyisehluleki esithembisweni sakhe ezithunyweni zakhe, ngempela uMvelinqangi uphakeme ngamandla ungumnikazi wokuphindisela
  48. Ngosuku lapho umhlaba uyoshintshwa ngomunye umhlaba kanjalo namazulu futhi (zonke izidalwa) ziyoza kuMvelinqangi oyedwa, ongavinjelwa
  49. Futhi uyabona izoni ngalelo langa zihlanganiswe ndawonye ngamaketango
  50. Izingubo zabo ziyobe zenziwe ngekolitayi futhi ubuso babo bumbozwe ngomlilo
  51. Ukuze uMvelinqangi anike uMvuzo yonke imiphefumulo lokho ekusebenzele ngempela uMvelinqangi uyashesha ukwahlulela
  52. Lona ngumyalezo wabantu ukuze baxwaye ngawo futhi ukuze bazi ukuthi kuphela yena unguNkulunkulu oyedwa futhi ukuze bakhumbule abantu abaqondayo