15.The Rock

  1. Alif Lam Ra lawa ngamavesi encwadi neQur’an ecacile
  2. Mhlawumbe labo abangakholwanga bayofisa sengathi babezinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi
  3. Bayeke bazidlele, bazijabulise futhi babanjezelwe ithemba (elingeyilutho) ngakho-ke bazokwazi
  4. Futhi asizange silibhubhise idolobha ngaphandle kokuba kwakuyisimemezelo salo esaziwayo
  5. Asikho isizwe esingajahisa phambili isikhathi saso noma sisilibazise
  6. Futhi bathi, “Oh wena! Okwembulwe kuye isikhumbuzo (iQur’an) ngempela wena uyahlanya”
  7. Kungani ungezi kuthina nezingelosi uma kungukuthi ungomunye wabaneqiniso na
  8. Asizithumeli izingelosi phansi ngaphandle uma (ziza) nesijeziso futhi (abangakholwayo) angeke banikwe ithuba
  9. Ngempela thina sasembula isikhumbuzo (iQur’an) futhi ngempela thina singabalondolozi baso
  10. Futhi ngempela sathumela (izithunywa) ngaphambilini kwakho (Oh Muhammad!) phakathi kwabantu basendulo
  11. Futhi sasingafiki kubona isithunywa ngaphandle kokuba basenze inhlekisa
  12. Sikwenze kanjalo ukuba kungene ezinhliziyweni zezoni
  13. Abakholelwa kuyona (iQur’an) futhi ngempela sesadlula isibonelo salabo basendulo
  14. Futhi noma ngabe sabavulela umnyango wezulu babezoqhubeka bakhuphuke lapho
  15. Babezothi, “kuphela amehlo ethu abexhoshiwe kepha thina singabantu abalunjiwe.”
  16. Futhi ngempela sabeka izinkanyezi ezinkulu ezulwini futhi sazenza zabukeka zizinhle kwabazibonayo
  17. Futhi saliqaphela kubona bonke osathane abagxoshiwe (embusweni kaMvelinqangi)
  18. Ngaphandle kwalowo (sathane) ontshontsha ukulalela ngakho-ke ulandelwa ilangabi eligqamile
  19. Nomhlaba sawendlala senza kuwona izintaba ezisimeme futhi senza ukuthi kumile kuwona zonke izinto ngendlela efanele
  20. Futhi sanenzela kuwona izindlela zokuphila kanye nalezo (zidalwa) eningazondli (izinkomo nokunye)
  21. Futhi akukho lutho olungekho kepha kuthina kunokugcinwa kwako futhi angeke sikwehlisele phansi ngaphandle ngesilinganiso esaziwayo
  22. Futhi sathumela imimoya ukuze ivundise sabe sesinethisa imvula evela esibhakabhakeni ukuze siniphuzise yona futhi nina aniyibona abagcini bayo (imvula)
  23. Futhi ngempela thina siyaphilisa futhi siyabulala futhi siyizindlalifa
  24. Futhi ngempela siyabazi abeza kuqala kunani (izizukulwane ezafika ngaphambilini kwenu) futhi ngempela siyabazi abayoza emveni (kwalokho)
  25. Futhi ngempela iNkosi yakho iyobaqoqela ndawonye, ngempela yona inobuhlakani iyazi
  26. Futhi ngempela samdala umuntu ngobumba olomile olubhucukile oluqhamuka emhlabathini ecwelekile
  27. NamaJinn sawadala ngaphambilini ngamalangabi omlilo
  28. Futhi (khumbula) ngenkathi iNkosi yakho ithi ezingelosini ngempela mina ngingumdali womuntu ngobumba olomileyo ocubuzekile oluqhamuka emhlabathini ocwelekileyo
  29. Ngakho-ke kwathi lapho sengimenzile (u-Adam) ngaphefumulela umoya wami kuyena ngakho-ke ngathi yiwani nimkhothamele
  30. Ngakho-ke izingelosi zamkhothamela zonke
  31. Ngaphandle kuka-Iblis wenqaba ukuthi abe kanye nabakhothamayo
  32. (UMvelinqangi) wathi, “Oh Iblis! kwenzenjani ngawe ukuthi ungabi kanye nabakhothamayo na?”
  33. Wathi (u-Iblis) “angeke ngikwazi ukukhothamela umuntu owamdala ngobumba olucubuzekileyo oluphuma emhlabathini ocwelekileyo”
  34. Wathi (uMvelinqangi) phuma kulona (izulu) ngakho-ke ngempela wena ungogxoshiweyo (embusweni wezulu)
  35. Futhi ngempela phezu kwakho kunesiqalekiso kuze kube ilanga lokuvuka kwabafileyo.”
  36. (U-Iblis) wathi, “Nkosi yami nginike ithuba kuze kube usuku lokuvuswa kwabafileyo”
  37. Wathi (uMvelinqangi) ngempela wena ungomunye wabanikwe ithuba
  38. Kuze kube usuku lwesikhathi esiqokiwe
  39. (U-Iblis) wathi, “Nkosi yami ngokuba ungidukisile ngempela ngizokwenza (ukona) kubukeke kukuhle kubona (abantu) emhlabeni futhi ngempela ngizobadukisa bonke.”
  40. Ngaphandle kwezinceku zakho (eziholiwe) phakathi kwabo
  41. Wathi “lena indlela yami eqondile (elungileyo).”
  42. Ngempela ezincekwini zami awunagunya phezu kwazo ngaphandle kwalezo ezikulandelayo ezidukileyo
  43. Futhi ngempela isihogo siyisithembiso sabo bonke (labo abalandela u-Iblis)
  44. Sinamasango ayisikhombisa isango nesango lalawomasango kunengxenye (yezoni) ebekiwe (kulona)
  45. Ngempela abenza okulungileyo bayohlala ezivandeni nasemithonjeni yamanzi
  46. (Kuyothiwa kubona), “Ngenani kusona (isivande) ngokuthula niphephile”
  47. Futhi siyosusa konke okusezifubeni zabo okubi okuyinzondo bahlale njengabazalwane ezihlalweni eziqhwakele ezibhekene
  48. Angeke kubathinte ukukhathazeka khona lapho (esivandeni) futhi bona angeke bakhishwe kusona
  49. Zitshele izinceku zami ukuthi mina ngiyathethelela nginesihawu
  50. Nokuthi isijeziso sami siyisijeziso esibuhlungu
  51. Futhi batshele ngezivakashi zika-Abrahamu
  52. Khumbula ngenkathi zingena kuyena ngakho-ke zathi, “ukuthula” yena wathi “ngempela siyanesaba”
  53. Izivakashi (izingelosi) zathi, “ungesabi ngempela thina sikulethela izindaba ezimnandi zomfana onolwazi.”
  54. Wathi (u-Abrahamu), “Ngakube ningilethele izindaba ezimnandi kulapho sengificwe ukukhula (ukuguga) ningitshela izindaba ezimnandi ngani na
  55. Zathi (izingelosi) sikulethele izindabaezimnandingokweqiniso ngakho-ke ungabi ngomunye wabalahlekelwe yithemba
  56. Wathi (u-Abrahamu) “ngubani ongalahlekelwa yithemba lomusa weNkosi yakhe ngaphandle kwabadukileyo na?”
  57. (U-Abrahamu waphinde) wathi “nizokwenzani (lapha) Oh! Nina! zithunywa na?”
  58. Zathi (izingelosi), “ngempela thina sithunywe ebantwini abayizoni.”
  59. Ngaphandle komndeni kaLothi ngempela sizobasindisa bonke (ekubhujisweni)
  60. Ngaphandle konkosikazi wakhe esimthatha njengokuthi ngempela yena ungomunye wabasalela ngemumva
  61. Ngakho-ke kwathi lapho sezifika izithunywa ebantwini baLothi
  62. Wathi “ngempela nina ningabantu abangaziwa”
  63. Zathi, (izithunywa) “Qhabo size lapha kuwena nalokho abangabaza ngakho”
  64. Futhi size kuwena neqiniso, ngempela thina singabaneqiniso
  65. Ngakho-ke hamba nomndeni wakho ngengxenye yobusuku futhi ubalandele ngemumva futhi kungabi khona ngisho noyedwa wenu ozobheka ngemumva futhi niye lapho eniphoqwe ukuya khona
  66. Futhi salwenza lwazeka kuyena lelo daba ukuthi izimpande zalaba (abayizoni) zizonqunywa ekuseni
  67. Futhi abantu bedolobha bafika begcwele injabulo
  68. Wathi “ngempela lezi izihambeli zami ngakho-ke ningangihlazi.”
  69. Futhi sabani uMvelinqangi futhi ningangihlazi
  70. Bathi (abantu baLothi) “asizange yini sikwenqabele (ekungeniseni) abantu na?”
  71. Wathi (uLothi) “lawa ngamadodakazi ami uma nina ningabenzi (bokuhle).”
  72. (Isifungo) ngempilo yakho! Ngempela bona badideke umqondo bayaphuphutheka njengezimpumputhe
  73. Ngakho-ke bathathwa ukukhala (umsindo) owesabekayo ngesikhathi sokuphuma kwelanga
  74. Ngakho-ke (idolobha lase-Sodom) saligumbuqela phansi futhi sanethisa phezu kwabo amatshe obumba olugazingiwe
  75. Ngempela kulokhu kunezimpawu kulabo ababonayo
  76. Futhi ngempela lona (idolobha laseSodom) lalisemgaqweni omkhulu
  77. Ngempela kulokho kunophawu kubantu abakholwayo
  78. Futhi izihlali zasehlathini (abantu baseMidyan) ngempela babengalungile
  79. Ngakho-ke saziphindisela kubona futhi ngempela wona womabili (amadolobha) asemgaqweni osobala
  80. Futhi ngempela izihlali zase-Hijr zaziphika izithunywa
  81. Futhi sabanikeza izimpawu zethu kepha abazinakanga (bazifulathela)
  82. Futhi babeqopha izintaba ukuze bakhe izindlu (bazizwe) bephephile
  83. Ngakho-ke umsindo owesabekayo wabathatha ngesikhathi sasekuseni
  84. Ngakho-ke akubazuzelanga lutho lokho ababekusebenzela
  85. Futhi asizange siwadale amazulu nomhlaba kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili ngaphandle kweqiniso futhi ngempela ihora liyeza ngakho-ke thethelela ngentethelelo emnene
  86. Ngempela iNkosi yakho ingumdali (wamazulu nomhlaba) iyisazi
  87. Futhi ngempela sikunikezile (amavesi) ayisikhombisa aphindaphindiwe (Surah Fatiha) kanye neQur’an enkulu (engcwele)
  88. Ungaphonsi amehlo akho kulokho esikuphe abanye phakathi kwabo njengesipho ukuze bazitike ngakho futhi ungabi lusizi ngabo yehlisela amaphiko akho (umusa wakho) phezu kwabakholwayo
  89. Futhi uthi, “ngempela mina ngingumxwayisi ogqamile”
  90. Njengoba sehlisa phezu kwalabo ababehlukanisa
  91. Labo abenza iQur’an ukuthi ibe izingxenye
  92. Ngakho-ke ngifunga ngeNkosi yakho! Siyobabuza bonke ndawonye
  93. Mayelana nalokho ababekwenza
  94. Ngakho-ke memezela ngokusobala ngalokho ophoqwe ngakho futhi uqhelelane nabakhonzi bezithixo
  95. Ngempela thina sikwenele ukubhekana nabenza inhlekisa
  96. Labo abenza omunye unkulunkulu (isithixo) basihlanganise noMvelinqangi ngakho-ke bayokwazi
  97. Futhi ngempela siyazi ukuthi wena siyacinana isifuba sakho ngenxa yalokho abakushoyo
  98. Ngakho-ke dumisa udumo lweNkosi yakho futhi ube ngomunye wabazithobayo
  99. Futhi khonza iNkosi yakho kuze kube ufikelwe isiqiniseko (ukufa)