2.The Cow

  1. Alif Laam Meem
  2. Lena yincwadi engenakungabaza kuyo, ingumholi kulabo abesaba uMvelinqangi
  3. Laboabakholelwakokungabonwayofuthiabenzaumthandazo, futhi banikele kulokho esibaphe kona
  4. Nalabo abakholwa kulokho okwambulelwa wena nalokho okwambulelwa labo abangaphambilini kwakho, futhi benesiqiniseko ngempilo ezayo
  5. Labo-ke basekuholweni okuvela eNkosini yabo, futhi yilabo abaphumelelayo
  6. Ngempela labo abaphika ukholo kuyefana nje noma uyabaxwayisa noma awubaxwayisi angeke baze bakholwe
  7. UMvelinqangi uvale izinhliziyo zabo kanye nokuzwa kwabo, futhi kunesisithezo ngaphambili kwamehlo abo, futhi isijeziso sabo sikhulu
  8. Futhi phakathi kwabantu kukhona abathi “thina siyakholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina” kepha bengakholwa
  9. BazamaukukhohlisauMvelinqangikanyenalaboabakholwayo, kepha abakhohlisi (muntu) ngaphandle kokuzikhohlisa bona uqobo kepha ababoni
  10. Ezinhliziyweni zabo kukhona isifo ngakho-ke uMvelinqangi wabandisela isifo, bamelwe yisijeziso esibuhlungu ngalokho ababeqamba amanga ngakho
  11. Futhi uma betshelwa ukuthi yekani ukona emhlabeni bona bathi, “Singabalungisayo”
  12. Ngempela bayizoni zoqobo kepha ababoni
  13. Uma betshenwa kuthiwa kubo, “kholwani njengoba bekholwa abantu” bathi, “sikholwe njengoba zakholwa iziwula na?” Kepha okusempeleni yibona iziwula kepha abazi
  14. Uma behlangana nalabo abakholwayo bathi “siyakholwa” kepha uma bebodwa nosathane babo bathi sikanye nani kade sibhuqa nje
  15. UMvelinqangi uyophindisela kubona ukubhuqa kwabo abayeke benhlanhlatha beyizimpumputhe
  16. Labo-ke yilabo abathenga ukuduka esikhundleni sokukholwa, kepha ukuthenga kwabo akubanga nanzuzo futhi abazange babe abaholwayo
  17. Bafaniswa nomuntu ophemba umlilo okuthi lapho usukhanya yonke indawo uMvelinqangi athathe ukukhanya kwabo abashiye ebumnyameni bengaboni
  18. Izithulu, izimungulu, izimpumputhe angeke babuyele (endleleni eqondile)
  19. Noma njengezulu ligqunqe limnyama nemvula emafini futhi linyazima babeka iminwe yabo ezindlebeni zabo ngenxa yokuduma kwezulu besaba ukufa uMvelinqangi uyabazungeleza abangakholwayo
  20. Umbani uthi awufiphaze amehlo abo, uma linyazima bahamba ngokukhanya kwalo uma kubamnyama bame, futhi uma uMvelinqangi ubethanda ubengabaphuca ukuzwa kwabo nokubona kwabo, ngempela uMvelinqangi ungaphezu kwazo zonke izinto
  21. Oh Bantu! Khonzani iNkosi yenu eyanidalayo nina kanye nalabo ababengaphambili kwenu ukuze nibe ngabalungileyo
  22. Uyena owenza umhlaba wandlaleka nesibhakabhaka ukuthi sibe uphahla, wehlisela phansi imvula evela ezulwini, wenza ngayo ukuthi kuphume izithelo eziyisipho senu, yekani ukwenzela uMvelinqangi izimbangi nibe nazi
  23. Uma nina ningabaza kulokhu esikwehlisele encekwini yethu nani lethani isahluko esifanayo nibize ofakazi benu ngaphandle kukaMvelinqangi uma nineqiniso
  24. Kepha uma ningakwenzi (lokho) ukuletha ofakazi benu futhi anisonze nakwenza sabani lowomlilo ozithungelo zawo kungabantu namatshe alungiselwe labo abangakholwa
  25. Futhi yisho izindaba ezimnandi kulabo abakholwayo futhi abenza okulungileyo okwabo yizivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula, njalo uma bephiwa izithelo ezivela kulezi zivande bothi “lokhu kuyikho esakuphiwa ngaphambilini”, futhi bephiwa okufanayo, futhi okwabo lapho phakathi yizithandwa ezimsulwa, futhi bayohlala nazo kuze kube yingunaphakade
  26. Ngempela uMvelinqangi akanawo amahloni okwenza isibonelo ngomiyane noma okungaphansi kwawo, kepha labo abakholwayo bayazi ukuthi kuyiqiniso elivela eNkosini yabo kepha labo abaphika ukholo bathi “usho ukuthini uMvelinqangi ngalesisibonelo na?” udidisa ngaso abaningi futhi abaningi ubahola ngaso, kepha akadukisi (muntu) ngaso ngaphandle kwabonayo
  27. Labo abaphula isivumelwano sikaMvelinqangi emva kokuba sesiqinisekisiwe, futhi baphule lokho uMvelinqangi aphoqa ngakho ukuba kuhlanganiswe futhi bayona emhlabeni, yibo- ke labo abalahlekelwayo
  28. Anikholwa kanjani kuMvelinqangi nibe naningaphili waniphilisa wenza ukuba nife wabuye wanivusa bese nibuyela kuyena
  29. Nguyena (uMvelinqangi) owanidalela yonke into ekhona emhlabeni wasephendukela ezulwini walenza laba amazulu ayisikhombisa wehla wazinza futhi nguyena onolwazi ngazo zonke izinto
  30. Yabe seyithi iNkosi yakho ezingilosini “ngizobeka umholi lapha emhlabeni” zathi, “uzobeka ozokwenza ukona kuwona futhi achithe igazi thina sibe sibabaza udumo lwakho futhi sikungcwelisa na?” yena (uMvelinqangi) wathi “eqinisweni ngazi lokhu eningakwazi”
  31. Futhi yena wafundisa u-Adamu amagama ezinto zonke wayesewakhombisa izingelosi wayesethi “ngitsheleni amagama alezi zinto uma nineqiniso
  32. Zathi, “udumo lungolwakho” asinalo thina ulwazi ngaphandle kwalolo osifundise lona, ngempela nguwena owaziyo ohlakaniphile
  33. Wathi (uMvelinqangi) “Oh Adamu! Batshele amagama azo” kwathi lapho esebatshela amagama azo uMvelinqangi wathi “Anginitshelanga yini ukuthi ngempela mina ngiyakwazi okungabonwayo okusemazulwini nokusemhlabeni? Futhi ngiyakwazi lokho enikuvezayo nenikufihlayo
  34. Futhi khumbula ngenkathi sithi ezingelosini “khothamelani u-Adam” zakhothama ngaphandle kuka-Iblis (usathane) wala futhi waqhosha waba ngomunye wabaphika ukholo
  35. Thina sabe sesithi “Oh Adamu! Hlala esivandeni wena nenkosikazi wakho nidle izinto eziningi lapho nithanda khona kepha ningasondeli kulesisihlahla ngoba nizoba kanye nabenzi bokubi”
  36. Usathane wabakhubekisa kulokho wabakhipha kulokho ababeyikho, sabe sesithi, “yehlelani phansi abanye benu bayizitha zabanye, Indawo yenu yokuhlala isemhlabeni ninikwe yona isikhashana”
  37. U-Adam wathola amazwi avela eNkosini yakhe yase iyamthethelela, ngempela nguyena othethelelayo onomusa
  38. Sathi, “yehlelani phansi nisuke lapha nonke, uma kufika kunina ukuholwa okuvela kumina noma ngabe ngubani olandela ukuholwa kwami angeke kube khona ukwesaba kubona futhi angeke bakhathazeke”
  39. Nalabo abangakholwa baphinde baqambe amanga baphike izimpawu zethu labo-ke bangabangane bomlilo bayohlala kuwona ingunaphakade
  40. Oh Bantwana baka-Israyeli! Khumbulani ububele bami enganenzela bona bese nifeza isivumelwano sami ukuze ngifeze isivumelwano senu (nami) futhi nesabe mina (kuphela)
  41. Futhi nikholelwe kulokho engakwehlisela phansi (izambulo) ukuqinisekisa lokho eninakho futhi ningabi abokuqala abangakholelwa kukona ningashintshi izambulo zami ngokunenzuzo encane (ngokuyize leze) futhi sabani mina
  42. Ningasithezi iqiniso ngamanga futhi ningalifihli iqiniso nibe nilazi
  43. Futhi yenzani umthandazo ninikele kwabampofu (zakaah) bese nikhothama kanye nalabo abakhothamayo (ekudumiseni uMvelinqangi)
  44. Ngakube nitshela abantu ukuthi benze ukulunga bese nizikhohlwa nina nibe ningabafundi bencwadi ngakube aninawo yini umqondo na
  45. Futhi celani usizo ngokubekezela nangomthandazo ngempela lokho kunzima ngaphandle kwalabo abazithobayo
  46. Labo abacabanga (beqinisekile) ukuthi bona bayohlangana neNkosi yabo futhi yiyona abayophindela kuyo
  47. Oh Bantwana bakwa-Israyeli! Khumbulani ububele bami enganenzela bona nganikhetha ngaphezu kwabanye emihlabeni
  48. Futhi sabani usuku lapho umphefumulo ungeke usizwe omunye umphefumulo ngalutho nokuzincengela angeke kwamukelwe, angeke kuthathwe inhlawulo kuwo futhi angeke basizwe
  49. Futhi (khumbulani) ngesikhathi sinivikela kubantu bakaFaro benethwesa isijeziso esinzima bebulala amadodana enu beshiya abesifazane bephila futhi lokho kwangukulingwa kwenu okukhulu okuvela eNkosini yenu
  50. Futhi (khumbulani) sanihlukanisela ulwandle sanihlenga sabe sesiminzisa abantu bakaFaro kulapho nibhekile
  51. Futhi khumbulani ngesikhathi senza isethembiso noMozisi ubusuku obungamashumi amane emva kwakhe nasala nathatha ithole (nalikhonza laba yisithixo senu) naba ngabenzi bokubi
  52. Sabe sesiyanixolela emva kwalokho ukuze nikhombise ukubonga
  53. Futhi (khumbulani ngesikhathi) sinika uMose incwadi nokunehlukanisela ukuze niholwe
  54. Futhi (khumbulani) ngesikhathi uMose ethi kubantu bakhe, “Oh Bantu bami! Nenze okubi emiphefumulweni yenu ngokuthatha ithole (ukuba nilikhonze) ngakho-ke buyelani kumdali wenu ngentethelelo, nizibulale nina uqobo lokho kungcono kunina emehlweni omdali wenu wabe eseyanithethelela ngempela ungothethelelayo onesihawu”
  55. Futhi (khumbulani) ngesikhathi nithi “Oh! Mose! Angeke sikukholwe ngaphandle kokuba sizibonele uMvelinqangi uqobo lwethu” nabe senithathwa umbani kulapho nibhekile
  56. Sabe sesiyanivusa emuva kokufa kwenu ukuze nibe nokubonga
  57. Sawenza amafu ukuba abeyithunzi phezu kwenu, sathumela kunina imana nezigwaca, yidlani ezintweni ezinhle esiniphe zona, abazange basone ngalutho kodwa bona imiphefumulo yabo
  58. Futhi khumbulani ukuthi sathi, ngenani kulelidolobha nidle okukulo noma ngabe yini ngendlela enithanda ngayo ningene esangweni niguqile ngokuzithoba nithi, “sithethelele” siyonithethelela izono zenu futhi siyobandisa abenzi bokuhle
  59. Kodwa labo ababengalungile baguqula inkulumo hayi leyo eyayishiwo kubona sabe sesehlisela kulabo abonayo isijeziso esivela ezulwini
  60. Futhi (khumbulani) ngesikhathi uMose ethandaza (ecelela) abantu bakhe amanzi sabe sesithi shaya idwala ngenduku yakho kwaqhuma imithombo eyishumi nambili kulona, bayazi bonke abantu indawo yabo yokuphuza, yidlani futhi niphuze kulokho enikwabelwe nguMvelinqangi ningenzi ukona nokuganga emhlabeni
  61. Futhi (khumbulani) ukuthi nathi “Oh! Mose! Angeke sikwazi ukumelana nohlobo lokudla olulodwa ngakho-ke sicelele eNkosini yakho ukuba isikhiphele lokho okumila emhlabathini (izitshalo) imifino yawo amakhukhumba awo, ogaliki bawo amalentisi awo no-anyanisi bawo, wathi (uMose), “nifuna ukushintshela kulokho okungeyilutho kunalokho okungcono na?” hambani niye kunoma iyiphi indawo (idolobha) okusempeleni niyothola konke enikufunayo, bathola ukudumala nokukhathazeka bazidonsela intukuthelo kaMvelinqangi, lokho yingoba babephika izimpawu zikaMvelinqangi futhi bebulala abaphrofethi ngokungemthetho kwakungenxa yokuthi babengahloniphi futhi bedukile
  62. Ngempela labo abakholwayo nalabo ababengamaJuda namaKrestu namaSabiya noma ngabe ngubani owakholelwa kuMvelinqangi nososukwini lokugcina wenza okuhle umvuzo wakhe useNkosini yakhe abayukwesaba futhi angeke bakhathazeke
  63. Futhi (khumbulani) ngesikathi senza isivumelwano nani (bantwana bakwa Israyeli) senza intaba iSinayi yaba umqongo ngaphezu kwenu kwathiwa thathani ngeqiniso lokho esaninika kona, nikhumbule okuqukethwe yiko ngaphakathi ukuze nibe ngabalungileyo
  64. Nabe seniyaphenduka (naphambuka) emuva kwalokho uma babungekho ububele buka-Mvelinqangi phezu kwenu nomusa wakhe naniyoba kanye nalabo abalahlekelweyo
  65. Futhi nivele niyabazi kahle labo kunina abephula (umthetho) weSabatha, futhi sathi kubona “yibani yizinkawu ezilahliweyo”
  66. Sakwenza lokho kwaba yisijeziso kulabo ababekhona nasezizukulwaneni zabo futhi kuyisifundo kulabo abesaba (uMvelinqangi)
  67. Futhi khumbulani ngesikhathi uMose ethi kubantu bakhe, “ngempela uMvelinqangi uniyalela ukuba nihlabe inkomo (umnikelo ngenkomo), bathi “ngakube usithathisa okweziwula na?” wathi, “Oh! Mvelinqangi! Ngicela isiphephelo (kuwena) ukuze ngingabi kanye nalabo abangazi lutho”
  68. Bathi (abantwana bakwa-Israyeli) “tshena iNkosi yakho isicacisele ukuthi inkomoni leyo” wathi (uMose), “ngempela yena (uMvelinqangi) uthi kufanele kube yinkomo engeyindala futhi engeyincane mayibe phakathi kwalokho”, yenzani lokho eniyalelwe ngakho
  69. Bathi, “sitshelele iNkosi yakho isicacisele ukuthi imubala njani na? Wathi (uMose) ngempela yena uthi “Iyinkomo encombo enombala ogqamile encomekayo kwabayibonayo”
  70. Bathi sitshenele iNkosi yakho ukuthi isicacisele ukuthi iyini leyo (nkomo) futhi okusempeleni izinkomo ziyefana kuthina, futhi uma uMvelinqangi efisa sizoba ngabaholekayo
  71. Wathi ngempela yena uthi, “inkomazi engafundiselwanga ukulima umhlabathi, noma ukwenisela amasimu, engenasici engenawo amabala” bathi, “manje usufike neqiniso base beyihlaba (benikela) ngayo kepha babengasazimisele ukukwenza (lokho)”
  72. Futhi (khumbulani) ngesikhathi senibulele umuntu nase niphikisana ngalokho, uMvelinqangi ungumembuli walokho enikufihlileyo
  73. Ngakho-ke thina sathi “sishayeni (isidumbu) ngengxenye yaso, uMvelinqangi ubabuyisela kanjalo-ke ekuphileni abafileyo futhi unikhombisa izimpawu zakhe ukuze nibe ngabaqondayo
  74. Kusukela kulokho izinhliziyo zenu zaba lukhuni zaba njengamadwala futhi zaba ngaphezu kwalokho kepha kwamanye amadwala kwaqhuma imifula futhi amanye awo ahlukana futhi kwaphuma amanzi amanye awo awa phansi ngenxa yokwesaba uMvelinqangi, akusikhona ukuthi uMvelinqangi akakunakile lokho enikwenzayo
  75. Ngakube nina (abakholwayo) ninethemba ukuthi bazonikholwa kulapho kwakukhona iqembu phakathi kwabo elalilalela amazwi kaMvelinqangi bese bewashintsha ngokwabo emva kokuba sebewaqondile ukuthi athini, futhi kulapho bazi
  76. Futhi uma behlangana nalabo abakholwayo bathi “siyakholwa” kodwa uma behlangana bodwa bathi “ngakube niyakhuluma nabo ngalokho uMvelinqangi anembulele kona ukuze baphikisane nani ngakho eNkosini yenu na? Ngakube aninawo yini umqondo na
  77. Noma abazi yini ukuthi uMvelinqangi uyakwazi lokho abakufihlayo nalokho abakuveza obala na
  78. Kukhona phakathi kwabo abangakwazi ukufunda abangayazi incwadi (imibhalo) ngaphandle kwezifiso kepha bayazicabangela nje ngokwabo
  79. Oh! usizi! Kulabo ababhala incwadi ngezandla zabo futhi bese bethi “lokhu kuvela ku-Mvelinqangi ukuze benze inzuzo encane Oh usizi! Phezu kwabo ngalokho okubhalwe yizandla zabo futhi Oh! usizi! phezu kwabo ngalokho abakuzuzayo
  80. Futhi bathi “angeke usithinte umlilo ngaphandle kwezinsuku ezimbalwa” Ithi ngakube nenze isethembiso noMvelinqangi, akasoze wasephula isethembiso sakhe uMvelinqangi noma nisho ngoMvelinqangi lokho eningakwazi
  81. Yebo noma ngabe ngubani ozuza (owenza) ububi bese engena kusona isono sakhe, Labo-ke bangabangani bomlilo bayokuba kuwona ingunaphakade
  82. Futhi labo abakholwayo bese benza izenzo ezinhle, laba ngabangani besivande (basezulwini) lapho beyohlala khona ingunaphakade
  83. Futhi khumbulani ngesikhathi senza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ukuthi ningakhonzi (lutho olunye) ngaphandle kokukhonza uMvelinqangi, futhi kubazali nenze okuhle nasezihlotsheni nasezintandaneni nakwabampofu, futhi nikhulume nabantu inkulumo enhle futhi nenze umthandazo ninikele kwabampofu (zakaah) nibe ngabaphendukela emuva ngaphandle kwabambalwa benu futhi nina naniqembukelane
  84. Futhi khumbulani ngesikhathi senza isivumelwano nani esithi ningalichithi igazi lenu omunye ngamunye ningayikhiphi imiphefumulo yenu emizini yenu nibe senikwazi (lokho) futhi naba ngofakazi
  85. Futhi nina uqobo lwenu naba yilabo ababulalana bodwa futhi nakhipha abanye benu emizini yabo nabahlula ngokwenza leso sono nazondana, uma beza kunina benithumba nibahlawule yize noma kungavumelekile lokho kunina, ngakube nikholelwa engxenyeni yemibhalo enye bese ningayikholwa na? Ngakube yini umvuzo walabo abakwenzayo lokho kunina na? Ngaphandle kokuhlambalazeka empilweni yakulomhlaba nangalolosuku lokuvuka kwabafileyo bayophindiselwa esijezisweni esinzima. Futhi akusikona ukuthi uMvelinqangi akakunakile lokho enikwenzayo
  86. Labo-ke bayilabo abathenga impilo yakulomhlaba (ngokushintshana) neyakwelizayo angeke bancishiselwe isijeziso futhi angeke bona basizwe
  87. Futhi ngempela samnika uMose incwadi (iThora) sabe sesiyilandelisa emva kwakhe ngezithunywa sanika uJesu indodana kaMariya izibonakaliso ezicacile sameseka ngomoya oyingcwele. Ngakube njalo uma nifikelwa yisithunywa (Oh! Bantwana bakwa-Israyeli) nalokho eningakufuni nabe seniyaqhosha abanye babo (abaphrofethi) anibakholelwa abanye babo niyababulala
  88. Futhi bathi “izinhliziyo zethu zimboziwe” kepha uMvelinqangi ubaqalekisile ngokungakholwa kwabo kepha kuncane lokho abakukholwayo
  89. Futhi kwathi lapho sebefikelwa yincwadi evela kuMvelinqangi igcwalisekisa lokho abanako futhi ngaphambilini babethandazela ukuba banqobe labo abangakholwa kwathi lapho sebefikelwa yilokho abakwaziyo bangakholelwa yikho, ngakho-ke isiqalekiso sikaMvelinqangi siphezulu kwabangakholwa
  90. Ububi yilobo abakudayisele imiphefumulo yabo ukuthi bangakholelwa kulokho okwehliswe nguMvelinqangi ngesingabo akwehlisile uMvelinqangi ngobubele bakhe phezulu kwalowo amthandayo ezincekwini zakhe, futhi bazidonsela ulaka phezu kolaka, kwabangakholwa kunesijeziso esiyihlazo
  91. Futhi ngesikhathi kuthiwa kubona “kholwani kulokho akwembulile uMvelinqangi bathi “sikholwa yilokhu okwehliselwe kuthina futhi abakholelwa kulokho okweza ngemuva kwalokho futhi kube kuyiqiniso eliqinisekisa lokho ababenako ithi, “Kungani nanibulala abaphrofethi baMvelinqangi ngaphambilini uma ningabakholwayo
  92. Futhi ngempela uMose weza kunina nezibonakaliso ezicacile nabe senithatha ithole ukuba nilikhonze emva kwakhe (esehambile) naba ngabenzi bokubi
  93. Futhi khumbula ngesikhathi senza isivumelwano nani senza intabayaqongakunani,“bambelelaniniqinisekulokhoesiniphe kona nilalele” bathi “siyezwa kepha asilaleli” futhi lokho kwenziwe ukuthi izinhliziyo zabo zabe sezigxile (ekukhonzeni ithole) ngenxa yokungakholwa kwabo, ithi “ububi yilobo inkolo yenu eniphoqa ngakho uma ningamakholwa”
  94. Ithi “uma kungukuthi ikhaya lokugcina noMvelinqangi kungelenu kuphela hayi abanye abantu fisani ukufa uma niqinisekile”
  95. Futhi abasoze bakufisa (ukufa) ngenxa yalokho okwenziwe yizandla zabo futhi uMvelinqangi wazi kahle ngezoni
  96. Futhi ubathola beyigade kakhulu impilo ngaphezu kwalaba abakhonza abanye ngaphandle kuka-Mvelinqangi noma ngabe unikwa impilo iminyaka eyinkulungwane, uMvelinqangi uyakubona lokho abakwenzayo
  97. Yithi “lowo oyisitha sikaGabriyeli okuseqinisweni nguyena okuvezile lokho enhlizweni yakho ngentando kaMvelinqangi ukugcwalisela lokho (okwembulwa) ngaphambilini njengokuholwa nezindaba ezinhle kulabo abakholwayo
  98. Noma ngubani oyisitha sikaMvelinqangi, nezingelosi zakhe, nezithunywa zakhe, no-Gabriyeli no-Mikhayeli, ngakho-ke uMvelinqangi uyisitha sabangakholwayo
  99. Futhi thina sikuthumele imibiko ecacile futhi akekho oyiphikayo ngaphandle kwabayizoni
  100. Ngakube ngaso sonke isikhathi uma benza isivumelwano ingxenye yabo iyasichitha. Kepha iningi labo alinayo inkolo
  101. Futhi kwathi ngesikhathi sekufika kubona isithunywa esivela kuMvelinqangi sizogcwalisa lokho abanako ingxenye yalabo ababenikwe incwadi, incwadi ka-Mvelinqangi bayibeka ngemva kwemihlane yabo ungathi babengazi (ukuthi iquketheni)
  102. Futhi belandela lokho okwakushiwo osathane embusweni kaSolomoni, futhi uSolomoni akazange abe ongakholwa kepha osathane ababengakholwa befundisa abantu umlingo futhi nalokho okwehlela ezingelosini ezimbili eBhabhiloni uHaruthi noMaruthi, futhi bona bobabili abamfundisanga umuntu baze (bathi bobabili) siyizilingo ngakho-ke musa ukungakholwa kepha bafunda kulaba bobabili lokho abenza ngakho umehluko phakathi kwendoda nonkosikazi futhi abazange baphathe kabi umuntu ngakho ngaphandle kwemvume kaMvelinqangi futhi befunda lokho okubalahlekiselayo futhi okungeyinzuzo kubona ngempela bazi ukuthi lowo owenza (umlingo) angeke abe nasabelo kwelizayo ububi yilobo abadayise ngakho imiphefumulo yabo ukube babazi
  103. Ukube babekholiwe futhi bemesaba uMvelinqangi umvuzo (wabo) ovela kuMvelinqangi wawuyobangcono ukube babazi
  104. Oh Nina enikholwayo! Ningabosho (kumphrofethi ka- Mvelinqngi) ukuthi silalele kepha nithi “senze ukuba siqonde, nilalele futhi abangakholwa bayojesiswa kabuhlungu
  105. Labo abangakholwa phakathi kwabantu bencwadi noma abakhonza izithombe abafisi ukuthi ubuhle obuvela eNkosini yenu kwehliselwe kunina kodwa uMvelinqangi ukhetha lowo amthandayo ngomusa wakhe, futhi uMvelinqangi uyiNkosi enomusa omkhulu
  106. Akukho esikuchithayo emavesini kepha siletha angcono kunawo noma afana nawo ngakube awazi yini kuthi uMvelinqangi ungaphezu kwezinto zonke
  107. Anazi yini nina ukuthi uMvelinqangi okwakhe ngumbuso wamazulu nomhlaba nokuthi ngaphandle kukaMvelinqangi aninaye omunye umvikeli noma umsizi
  108. Noma nifisa ukufaka imibuzo esithunyweni senu njengoba uMose wabuzwa ngaphambilini, uthi noma ngabe ngubani othatha ukungakholwa esikhundleni sokukholwa yena ngempela uyilahlile indlela eqondile
  109. Abaningi abantu bencwadi bafisa sengathi banganiphindisela emumva ekungakholweni, emva kokuba senikholiwe ngenxa yomona wabo, emuva kweqiniso selibonakalisiwe lacaca kubona, ngakho-ke thethelelani ninganaki kuze kufike umyalelo kaMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi unamandla ngaphezu kwakho konke
  110. Futhi yenzani umthandazo ninikele kwabampofu (izakaah) noma ngabe yini enhle eniyenzela imiphefumulo yenu niyoyithola kuMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi lokho enikwenzayo uyakubona
  111. Futhibathiakekhooyongenaesivandeni(ezulwini) ngaphandle kongumJuda, noma ongumKristu lokho kuyizifiso zabo nje ithi “lethani ubufakazi benu uma nineqiniso”
  112. Yebo, lowo ozithobayo ngaphansi kwentando kaMvelinqangi futhi engumenzi wokuhle umvuzo wakhe useNkosini yakhe futhi angeke kubekhona ukwesaba kubona futhi angeke baphatheke kabi
  113. Futhi amaJuda athi amaKristu awanasisekelo (okuyiqiniso abami kukona) futhi namaKristu athi amaJuda awanasisekelo (okuyiqiniso abami kukona) kulesikhathi kepha bengabafundi bencwadi, ngokunjalo labo abangazi lutho basho okufana nalokho abakushoyo, uMvelinqangi uyobahlulela ngosuku lokuvuka kwabafileyo kulokhu ababephikisana ngakho
  114. Futhi ngubani ongalungile kakhulu kunalowo ovimba ukuba ezindaweni zikaMvelinqangi kudunyiswe khona igama lakhe nonenhloso yokucekela phansi, labo-ke akusikhona okwabo ukungena kubona ngaphandle kokwesaba, okwabo lapha emhlabeni yihlazo futhi okwabo kwelizayo yisijeziso esikhulu
  115. Futhi ingekaMvelinqangi impumalanga nentshonalanga ngakho-kenomayikuphilaphoniphendukelakhonakunobuso bukaMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi ungamele konke uyazi
  116. Futhi bathi uMvelinqangi uzithathele (uzizalele) indodana, makangcweliswe kepha konke okusemazulwini nasemhlabeni, konke kuthobela intando yakhe
  117. Ungumsunguli wamazulu kanye nomhlaba, futhi uma enquma udaba uma ethi kulona “yenzeka” bese luyenzeka
  118. Futhi labo abangenalo ulwazi bathi “kungani uMvelinqangi engakhulumi kuthina noma kufike kuthina izimpawu na? Ngokunjalo bathi ababengaphambilini kwabo babesho inkulumo efana nalena, izinhliziyo zabo ziyefana kepha siwenze acaca amavesi kulabo abaqinisekile
  119. Ngempela sikuthumele ngeqiniso (mphrofethi) njengomlethi wezindaba ezimnandi nomexwayisi futhi angeke ubuzwe ngeqembu lomlilo wesihogo
  120. Futhi amaJuda namaKristu awasoze athokoza ngawe ngaphandle kokuba ulandele inkolo yabo ithi “ngempela ukuholwa nguMvelinqangi yikona kuholwa”, uma ungase ulandele izifiso zabo ngemva kolwazi oselufikile kuwena angeke ube nomvikeli noma umsizi ovela kuMvelinqangi
  121. Labo esabanika incwadi bayifunda ngeqiniso elikuyona labo- ke bayakholelwa kuyona, futhi labo abangakholelwa kuyona labo-ke yibona abalahlekelweyo
  122. Oh! Bantwana bakwa-Israyeli! Khumbulani ububele bami enganenzela bona nganikhetha ukwedlula (izizwe zonke) emihlabeni
  123. Futhi sabani usuku umphefumulo ungeke wasiza omunye umphefumulo ngalutho, isinxephezelo angeke samukelwa kuwo ngisho nokuwuncengela angeke kwawusiza ngalutho futhi angeke basizwe
  124. Futhi khumbula ngesikhathi u-Abrahamu elingwa yiNkosi yakhe ngamagama wawagcina wathi (uMvelinqangi) “ngempela ngizokubeka ukuba ube ngumholi wabantu wathi (u-Abrahamu), “ nenzalo yami na?” Wathi (uMvelinqangi) “isivumelwano sami angeke sifinyelele kubenzi bobubi.”
  125. Futhi khumbula ngesikhathi sakha indlu (ika’aba) indawo yokuhlanganela abantu nephephile futhi thathani indawo ka-Abrahamu yokuma njengendawo yokwenza umthandazo, futhi senza isivumelwano no-Abrahamu no-Ishmayeli esithi “hlanzelani indlu yami labo abayizungelezayo (tawafu) nalabo abahlala (kuyona) ukuze badumise uMvelinqangi futhi nabakhothamayo bewa ngobuso (bethandaza)
  126. Futhi khumbula ngesikhathi u-Abrahamu ethi “Nkosi yami enza lendawo ibe yindawo ephephile futhi wondle abantu bayo ngezithelo noma ngabe ngubani okholelwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina wathi (uMvelinqangi), “noma ngabe ubani ongakholwa ngizomnika injabulo yesikhashana bese ngimdudulela ekujezisweni komlilo futhi sibi leso siphetho”
  127. Khumbula ngesikhathi u-Abrahamu no-Ishmayeli bephakamisa izinsika zendlu (bethi) Nkosi yethu yemukela kuthina (lomsebenzi) ngempela wena ungozwayo owaziyo
  128. Nkosi yethu senze sobabili sibe ngabathobela intando yakho nenzalo yethu ibe yisizwe esizithobile ngaphansi kwentando yakho futhi sibonise izindlela zethu zokukhonza ngempela wena ungothethelelayo onesihawu
  129. Nkosi yethu thumela phakathi kwabo isithunywa sibafundele amavesi akho futhi sibafundise incwadi (imibhalo) nokuhlakanipha futhi sibahlanze ngempela nguwena ophakekeme onamandla
  130. Futhi ngubani ozonda inkolo ka-Abrahamu ngaphandle kwalowo ozenza isiwula ngempela simkhethile kulomhlaba, futhi ngempela kwelizayo uyokuba kanye nabenzi bokuhle (abalungileyo)
  131. Khumbula ngesikhathi iNkosi yakhe ithi kuyena “zinikele” wathi “ngizinikele eNkosini yemihlaba”
  132. Futhi no-Abrahamu wawatshela lokho amadodana akhe futhi noJakobe Oh! madodana ami! Ngempela uMvelinqangi unikhethele lenkolo, ngakho-ke ningafi ngaphandle kokuba nibe ngabazinikeleyo ngaphansi kwentando yakhe
  133. Noma naningofakazi ngesikhathi ukufa kuhlasela uJakobe ngesikhathi ethi kumadodana akhe “niyokhonza bani emva kwami (emva kokufa kwami) na?” Athi “siyokhonza uNkulunkulu wakho noNkulunkulu woyihlo ka-Abrahamu noka-Ishmayeli noka-Isaka uNkulunkulu oyedwa futhi kuyena sizithobile
  134. Labo-ke yisizwe sasendulo okwaso yilokho esakuvuna (esakuzuza) nani niyoba nalokho enikuzuzile futhi angeke nibuzwe ngalokho ababekwenza
  135. Futhi bathi “yibani amaJuda noma amaKristu niyoholwa kepha inkolo ka-Abrahamu iqotho futhi wayengesiyena omunye wabakhonza izithombe”
  136. Bathi “siyakholwa kuMvelinqangi nakulokho okwehliselwe kuthina, futhi nakulokho okwehliselwa ku-Abrahamu naku- Ishmayeli naku-Isaka nakuJakobe nasezizweni, futhi nalokho okwanikwa uMose noJesu nalokho okwanikwa abaphrofethi okuvela eNkosini yabo. Asibandlululi (umphrofethi) ngisho noyedwa phakathi kwabo futhi singabazinikele kuye (uMvelinqangi)
  137. Ngakho-ke uma bekholwa ngokufanayo nalokho enikholelwa kukona bangabaholiweyo, kepha uma befulathela (imibiko) badala uqhekeko uMvelinqangi uyananela uma nibhekene nabo futhi ungozwayo onolowazi
  138. (Ithi okwethu) inkolo kaMvelinqangi futhi ubani ongcono kunoMvelinqangi ngenkolo futhi siyizikhonzi zakhe
  139. Ithi “ngakube niphikisana nathi ngoMvelinqangi kulapho eyiNkosi yethu futhi eyiNkosi yenu, okwethu yimisebenzi yethu futhi nokwenu yimisebenzi yenu, futhi sizinikele ngokuqotho kuyena
  140. Noma nithi “u-Abrahamu no-Ishmayeli no-Isak noJakobe nezizwe babengamaJuda noma amaKristu na?” Ithi “ngakube yinina enazi kangcono noma uMvelinqangi na?” futhi ubani ongalungile kakhulu kunalowo ofihla ubufakazi obukuye abuthole kuMvelinqangi? Futhi akusho ukuthi uMvelinqangi akakunakile enikwenzayo
  141. Labo-ke yisizwe sasendulo futhi okwabo yilokho abakuzuza, futhi okwenu yilokho enikuzuzile, futhi angeke nibuzwe ngalokho ababekwenza
  142. Iziwula phakathi kwabantu ziyothi, “yini eyenza ukuba bafulathele iQibla ababekade beyijwayele na? Ithi, “IngekaMvelinqangi impumalanga nentshonalanga uholela lowo amthandayo endleleni eqondile”
  143. Futhi ngokunjalo sinenze naba yisizwe esiphakathi nendawo ukuze nibe ngofakazi kubantu nokuthi isithunywa sibe ngufakazi kunina. Futhi Asiyimisanga leyo Qibla ebikade nijwayele ukuyisebenzisa ngaphandle kokuba sazi lowo olandela isithunywa kulowo ophendule izithende zakhe zabheka emuva. Futhi ngempela kunzima ngaphandle kwalabo abaholwe nguMvelinqangi. Futhi akusiyena uMvelinqangi onenze nalahla ukholo lwenu, ngempela uMvelinqangi kubantu unozwelo unesihawu
  144. Ngemela sibone ubuso bakho bubheke eZulwini, sizokwenza ukuba uphendukele kule Qibla ozoyithanda. Ngakho-ke phendula ubuso bakho bubheke eMasjidil Haraam noma yikuphi lapho (abakholwayo) bekhona phendulani ubuso benu bubheke khona (uma nithandaza) ngempela labo abanikwe incwadi, ukuze bazi ukuthi iyiqiniso elivela eNkosini yabo. Futhi akusikona ukuthi uMvelinqangi akakunakile lokho abakwenzayo
  145. Futhi noma ngabe ulethe kulabo abanikwa incwadi zonke izibonakaliso angeke bayilandele iQibla yakho futhi nawe angeke wayilandela iQibla yabo. Futhi abanye babo angeke bayilandela iQibla yabanye, futhi noma ngabe ulandela izifiso zabo emuva kokuba sewufikelwe wulwazi ngempela uzoba ngomunye wabenzi bokubi (abedukileyo)
  146. Labo esabanika incwadi bayamazi (uMuhammad) njengoba bazi amadodana abo, kepha iqenjana kubona liyalifihla iqiniso kulapho belazi
  147. Iqiniso livela eNkosini yakho ngakho-ke ungabi kanye nabangabazayo
  148. Kunoma ubani (umlandeli wenkolo) kunendawo okumele kubhekwe kuyo (uma kuthandazwa) ngakho-ke ncintisanani ngokuhle.NomangabenikuphiuMvelinqangiuyonihlanganisa ndawonye. Ngempela uMvelinqangi unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto
  149. Futhi noma ngabe iyiphi (indawo) lapho niya khona (ukuyothandaza), phendula ubuso bakho bubheke eMasjid Al-Haraam. Ngempela lona iqiniso livela eNkosini yakho, futhi akusho ukuthi uMvelinqangi akakunakile enikwenzayo
  150. Nomangabeiyiphi(indawo) laphouyakhona(ukuyothandaza) phendulani ubuso benu bubheke eMajid Al-Haraam noma yikuphi lapho nikhona phendulani ubuso benu bubheke kuyona ukuze abantu bangaphikisani nani ngaphandle kwalabo abenza ububi ngakho-ke ningabesabi kepha nesabe mina ukuze ngiqedelele umusa wami phezu kwenu hleze niholeke (ngokuyiqiniso)
  151. Njengoba sathumela phakathi kwenu isithunywa esivela kunina esinifundela amavesi ethu sinihlanze futhi sinifundise incwadi nobuhlakani futhi sinifundise lokho enaningakwaziyo
  152. Ngakho-ke ngikhumbuleni nami ngizonikhumbula futhi ngibongeni ningangiphiki (ukholo lwami)
  153. Oh! Nina enikholwayo celani usizo ngokubekezela nangomthandazo ngempela uMvelinqangi ukanye nababekezelayo
  154. Futhi ningasho ukuthi ababulawe besendleleni kaMvelinqangi bangabafile. Kepha bayaphila kodwa anikuboni lokho
  155. Futhi ngempela siyonilinga ngokuthize okungukwesaba nendlala nokulahlekelwa yingcebo nemiphefumulo nezithelo. Futhi yisho izindaba ezimnandi kulabo ababekezelayo
  156. Labo okuthi uma bevelelwa okubi bathi, “Ngempela singabaka Mvelinqangi futhi siyophindela kuyena”
  157. Labo-ke yilabo phezu kwabo okuyakuba nezibusiso ezivela eNkosini yabo nomusa, futhi yilabo abaholeke (ngokuyikho)
  158. Ngempela iSafa neMarwa (yizintaba ezise Makkah) ezinye zezimpawu zikaMvelinqangi. Noma ngabe ubani owenza iHajj endlini (Makkah) noma enze i-Umra alikho icala kuyena uma ejikeleza phakathi kwazo (izintaba) zombili. Futhi noma ngabe ubani ozikhethela okungcono ngempela uMvelinqangi ungobongayo owaziyo
  159. Ngempela laba abafihla lokho esikwehlisile okungubufakazi obucacisiwe nokuhola ngemuva kokuba sesikwenzile kwacaca kubantu encwadini, yilabo-ke abaqalekiswa nguMvelinqangi futhi baqalekiswe ngabaqalekisi (abantu nezingelosi)
  160. Ngaphandle kwalabo abacela intethelelo bese bezilungisa bona futhi benze ubufakazi (balokho ababekufihla) labo-ke ngiyobathethelela. Futhi mina ngiyathethelela nginesihawu
  161. Ngempela labo abangakholwa futhi abafe bengakholwa, Labo- ke phezu kwabo yisiqalekiso sikaMvelinqangi nesezingelosi nesabo bonke abantu
  162. Bayokuba lapho ingunaphakade angeke bancishiselwe isijeziso futhi angeke banikwe ithuba
  163. Futhi uMvelinqangi wenu uMvelinqangi oyedwa vo akekho onokukhonzwa ngaphandle kwakhe unomusa, unesihawu
  164. Eqinisweni ekudalweni kwamazulu nomhlaba nokuguqulwa kobusuku nemini, nemikhumbi entanta olwandle ithwele lokho okuwusizo kubantu namanzi (imvula) uMvelinqangi ayehlisela phansi ivela esibhakabhakeni avusa ngayo umhlaba emumva kokufa kwawo nezidalwa ezinyakazayo eziyinhlobonhlobo wasakaza khona izivunguvungu zemimoya namafu aphakathi kwesibhakabhaka nomhlaba, ngempela (yizimpawu nobufakazi) kubantu abasebenzisa umqondo
  165. Futhi phakathi kwabantu kunalabo abathatha abanye ngaphandlekukaMvelinqangi(babalinganisenaye)babathanda ngendlela okufanele bathande ngayo uMvelinqangi. Kepha labo abakholwayo bagcwele uthando lukaMvelinqangi futhi ukuba bayabona labo abonile bebezonaka uma bebona isijeziso, ukuthi wonke amandla angakaMvelinqangi futhi uMvelinqangi unzima ekujeziseni
  166. Khumbula ngesikhathi labo ababelandelwa (ngabantu) belahla abalandeli babo futhi, besibona isijeziso futhi kuyonqanyulwa kubona ubuhlobo
  167. Futhi labo ababengabalandeli bayothi, “Ukuba besinelinye ithuba besiyozihlangula kubona njengoba nabo bezihlangulile kuthina”, ngokunjalo uMvelinqangi uyobakhombisa imisebenzi yabo njengoba bezisola ngayo futhi angeke baphume emlilweni
  168. Oh Bantu! Yidlani noma yini esemhlabeni esemthethweni enhle futhi ningalandeli izinyathelo zikasathane, ngempela uyisitha senu esigqamile
  169. Ngempela uniphoqela ebubini, nokwenza okuyisono nokuthi nikhulume ngoMvelinqangi lokho eningakwazi
  170. Futhi uma kuthiwa kubona landelani lokho uMvelinqangi akuvezile bathi “Kepha silandela lokho esafica obaba bekulandela”, isho kubona ukuthi “kanti nizolandela obaba benu” ngisho obaba babo babengazi lutho futhi bengaholwanga
  171. Futhi isibonelo salabo abangakholwa sinjengesibonelo salowo omemeza kulokho okungezwa lutho ngaphandle kokumemeza nokukhala, izithuli, izimungulu, izimpumputhe, abanakho ubuhlakani
  172. Oh Nina enikholwayo! Yidlani ezintweni ezinhle (ezisemthethweni) esinabele zona, futhi nibonge uMvelinqangi uma kunguyena enimkhonzayo
  173. Ngempela uninqabele ukudla izilwane ezizifeleyo, negazi nenyama yengulube, futhi nalokho okukhulekelwe ngelinye igama ngaphandle kwelika Mvelinqangi, noma ngabe ubani ophoqwa (yisidingo) ngaphandle kokufisa ukungahloniphi ngokungeyinhloso asikho isono kuyena, ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
  174. Labo abafihla lokho uMvelinqangi akwehlisile okusencwadini futhi bakuthengise ngenani eliphansi, labo-ke abadli lutho ezwisini zabo ngaphandle komlilo. Futhi uMvelinqangi angeke akhulume nabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo noma abahlanze, futhi okwabo yisijeziso esibuhlungu
  175. Labo-ke yilabo abashintsha ukuholwa ngalokho okuyiphutha kanye nesijeziso esikhundleni sentethelelo (banesibindi esingakanani) ukumelana nomlilo
  176. Lokho yingoba uMvelinqangi wehlise incwadi ngeqiniso. Futhi ngempela labo abaphikisanayo basekuqembukelaneni okukude le
  177. Akusikhona ukulunga ukuphendula ubuso benu (bubheke) eMpumalanga naseNtshonalanga, kodwa ukulunga yilowo okholwa kuMvelinqangi futhi nasosukwini lokugcina nasezingelosini nasencwadini nakubaPhrofethi. Futhi aphane ngengcebo noma ngabe uyithanda kangakanani ezihlotsheni, nasezintandaneni, nakwabaswele, nesesihambini (esicela usizo) nabacelayo nokukhulula izigqila, futhi enze umthandazo, anikele kwabampofu (izakaah) futhi bagcwalise isithembiso uma bethembisile futhi babekezele ukuhlupheka nobunzima ngesikhathi sempi. Labo-ke yilabo abaneqiniso futhi bona bangabenzi bokuhle
  178. Oh nina enikholwayo! nilotshelwe umthetho wokuphindisela uma kukhona obulewe okhululekile ngokhululekile, nesigqila ngesigqila nesifazane ngesifazane. Kepha uma umbulali exolelwa ngumfowabo (noma yizihlobo), zobulewe ofuna okuthize njengesinxephezelo makanxephezelwe ngokuyikho. Lokho nje kuyisixegiso esivela eNkosini yenu nomusa, lowo-ke ophambukayo emuva kwalokho okwakhe yisijeziso esibuhlungu
  179. Futhi kukhona impilo kunina emthethweni wokuphindisela. Oh Nina Bantu! Abaqondayo ukuze ningaba abalungileyo
  180. Kulotshiwe kunina ukuthi uma omunye wenu efikelwa ukufa, uma eshiye ingcebo ukwaba ifa kubazali nesezihlotsheni (makwenziwe) ngendlela eyamukelekile. Lokhu kungumthwalo kulabo abalungileyo
  181. Ngakho-ke lowo oshintsha lokho emva kokuba esekuzwile, ngempela isono sakhe siphezulu kwalabo abakushintshayo. Ngempela uMvelinqangi ungozwayo owaziyo
  182. Kepha uma omunye esaba ukuthi lowo ongumabi (angase anze) ukungabi nobulungiswa noma isono lungisa lokho phakathi kwabo (labo abathintekayo) akunasono phezulu kwakhe. Ngempela uMvelinqangi ungumthetheleli unomusa
  183. Oh Nina enikholwayo! Kulotshiwe kunina ukuzila njengoba kwakulotshiwe kulabo ababengaphambilini kwenu ukuthi ningaba abalungileyo
  184. (Zilani) Izinsuku ezinqunyiwe uma kukhona kunina ogulayo noma osohambweni ngakho-ke isibalo esilinganayo sezinsuku (kufanele sigcwaliswe) kulabo abaphumelelayo (ukuzila kepha kunobunzima) mabakhokhe ngokondla odingayo. Ngakho- ke lowo owenza okuhle kusuka othandweni lakhe kungcono kuyena, kepha ukuzila kungcono kunina ukuba benazi
  185. Inyanga kaRamadhani iyona okwehliswa ngayo iQur’an engumholi kubantu nobufakazi obucacile noma ngabe ubani obona (inyanga entsha) makazile kuyona noma ngabe ubani ogulayo noma esohambweni makazile isibalo esifanayo ezinsukwini ezizayo. UMvelinqangi unifisela okulula akanifiseli okunzima nokuthi niqedele leso sikhathi sokudumisa, uMvelinqangi kulokhu anihole ngakho ukuzthi ningaba nokubonga
  186. Futhi uma zikubuza izikhonzi zami ngami ngempela ngiseduzane ngiphendula isicelo salowo ongicelayo. Ngakho- ke mabaphendule kumina futhi bakholelwe kumina, ukuze baholeke (ngokuyikho)
  187. Nenzelwe kwaba yimvume ubusuku (enyangeni okuzilwa ngayo) ukuya kwabesifazane benu (ukuhlangana namakhosikazi enu) wona bayizingubo zenu nani niyizingubo zawo. Umvelinqangiuyazi ukuthi nanizikhohlisa nina uqobo lwenu waphendukela kunina ngentethelelo wabe eseyanithethelela manje seningahlangana nabo nifune lokho uMvelinqangi animisele kona (ukwenza ucansi) nidle futhi niphuze kuze kunehlukanisele ukuvela komudwa omhlophe (wokuntwela kokusa) kudede ubunyama ngakho-ke qedelelani, ukuzila kuze kube sebusuku (ukushona kwelanga) futhi ningahlangani nabo inqobo nje uma nihlezi nidumisa (uMvelinqangi) eMasjid lezo yizinqumo zikaMvelinqangi ningasondelani nazo ngokunjalo uwacacisile uMvelinqangi amavesi akhe kubantu ukuthi bangaba ngabalungileyo
  188. Futhi ningasaphazi impahla yenu ngeze, futhiningagwazeli abahluleli ukuze nizuze ngokungesilo iqiniso nazi
  189. Bakubuza mayelana nokuthwasa kwezinyanga, Yithi, “leyo yimikhawulo ekhombisa izikathi zonyaka kubantu neze Hajj”, akulungile ukungena ezindlini ngemumva kodwa ukulunga ukusaba uAllah, ngakho-ke ngenani ezindlini ngeminyango yazo efanele futhi nesabe uAllah ukuze niphumelele
  190. Futhi yilwani endleleni kaMvelinqangi nalabo abanilwisayo futhi ningephuli umthetho. Ngempela uMvelinqangi akabathandi abephula umthetho
  191. Futhi nibabulale noma yikuphi lapho nibafica khona nibaxoshe lapho benixosha khona, futhi ingcindezelo ingaphezulu kokubulala, futhi ningalwi nabo eMasjid Haraam baze banilwise nina, ngakho-ke uma belwa nani khona babulaleni. Unjalo-ke umvuzo wabangakholwayo
  192. Kepha uma bepheza ngempela uMvelinqangi uyathethelela unomusa
  193. Futhi nibalwise kuze kuphela (ukuhlushwa) kuze kusale inkolo kaMvelinqangi, kepha uma bepheza abungabibikho ubutha ngaphandle (kokuphikisa) abenzi bokubi
  194. (Ukulwa) enyangeni engcwele (okwalabo abenza obubi) enyangeni engcwele. Kunezinto ezingafanele (ukuba zenziwe). Kunomthetho wokuphindisela ngokulinganayo (yiQisas) noma ngabe ubani owenza okubi kunina nani enzani okubi kuyena ngokufanayo nalokhu akwenze kunina bese nesabe uMvelinqangi futhi nazi ukuthi uMvelinqangi ukanye nabamesabayo
  195. Futhi ninikele endleleni kaMvelinqangi ningaziphonsi (nina uqobo lwenu) ngezandla zenu ekubhujisweni futhi nenze okuhle. Ngempela uMvelinqangi uyabathanda abenzi bokuhle
  196. Futhi nifeze iHajj neUmrah eqondene noMvelinqangi kodwa umanivimbelekile(ekufezenilokho) ninikelengalokhookulula ukukuthola okuwumnikelo wesilwane okungowokunikela ngezilwane futhi ningaphuci amakhanda enu kuze kube umnikelo wesilwane ufike endaweni lapho kunikelwa khona (endaweni yokuhlaba umnikelo). Kepha noma ngabe ubani kunina ogulayo noma izintwala ekhanda inhlawulo ukuzila (izinsuku ezintathu) noma anikele noma ninikele ngesilwane (igusha noma imbuzi) kepha uma senihlengekile noma ngabe ubani ofuna ukwenza i-Umrah (ngezinyanga zeHajj) ilandelwa yiHajj kufanele enze umnikelo okulula ukuba awenze. Kepha lowo okungelula ukuba awuthola kufanele azile izinsuku ezintathu ekwi Hajj neziyisikhombisa uma senibuyele (emakhaya enu). Lezo (izinsuku) eziyishumi eziphelele, lokhu okwalowo osuke umndeni wakhe ungekho eMasjid Al-Haraam futhi nesabe uMvelinqangi futhi nazi ukuthi uMvelinqangi unzima ekujeziseni
  197. IHajj ingezinyanga ezaziwayo ngakho-ke noma ngabe ubani oziphoqelele kuzona (ukwenza) i-Hajj makungabibikho ukuhlangana phakathi kowesilisa nowesifazane nokwenza okubi futhi makungabibikho impikiswano ngesikhathi seHajj noma ngabe yini eniyenzayo enhle uMvelinqangi uyayazi, zihlinzekeni kepha ukuzihlinzeka okungcono ukwesaba uMvelinqangi futhi nesabe mina, Oh Nina eniqondayo
  198. Akusilona icala phezulu kwenu uma nizicelela izipho ezivela eNkosini yenu (ngesikhathi se-Hajj ukwenza ibhizinisi), kepha uma senivela e-Arafat khumbulani uMvelinqangi (ngokumdumisa) eMash-ar-Al-Haraam futhi nimkhumbule njengoba anihola ngaphambili kwalokho beniphakathi kwabadukileyo
  199. Bese nihamba nilibhekise lapho abantu belibhekisa ngakhona nicele intethelelo kaMvelinqangi. Ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo unesihawu
  200. Futhi uma seniwenzile amasiko enu (okwenza iHajj) nikhumbule uMvelinqangi njengalokhu nikhumbula obaba benu noma ngenkumbulo enkulu kunalokho. Ebantwini kukhona abathi “Oh Nkosi yethu” sabele kulomhlaba futhi akayikuba nangxenye kwelizayo
  201. Futhi kubona kukhona othi “Nkosi yethu siphe kulomhlaba okuhle nakwelizayo okuhle futhi usivikele ekujezisweni komlilo”
  202. Labo-ke okwabo ingxenye yalokho abakuvunile futhi uMvelinqangi ungosheshayo ekubaleni (ekwahluleleni)
  203. Futhi nikhumbule uMvelinqangi kulezozinsuku ezinqunyiwe, ngakho-ke lowo ofuna ukuhamba ezinsukwini ezimbili asikho isono kuyena. Futhi lowo olibalayo asikho isono kuyena, kulowo oweasaba uMvelinqangi, nesabe uMvelinqangi futhi nazi ukuthi nina niyoqoqeleka kuyena
  204. Futhi phakathi kwabantu kukhona lowo ekujabulisayo inkulumo yakhe ngempilo yasemhlabeni futhi (ebiza) uMvelinqangi ukuba afakaze ngalokhu okusenhliziyweni yakhe. Kanti uyisitha esikhulu ngaphezulu kwabhekene nabo
  205. Futhi uma echezuka endleleni ezama emhlabeni ukuthi enze ukukhwabanisa kuwona nokubhubhisa izitshalo kanye nemfuyo futhi uMvelinqangi akakuthandi ukukhwabanisa
  206. Futhi uma kuthiwa kuyena, “Saba uMvelinqangi” wabe esezigqaja ngalokho esonweni umanele yena umlilo wesihogo ngempela yimbi (leyo) ndawo yokuphumula
  207. Futhi phakathi kwabantu kukhona ozidayisa yena ukuze azuze injabulo kaMvelinqangi, futhi uMvelinqangi ulungile ezincekwini (zakhe)
  208. Oh nina enikholwayo! Ngenani ekuzithobeni ngaphansi kwentando kaMvelinqangi ngokuphelele futhi ningalandeli izinyathelo zikasathane, ngempela yena uyisitha senu esisobala
  209. Kepha uma nihlehlela ngemuva kokuba ubufakazi obucacile sebufikile kunina ngakho-ke yazini ukuthi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  210. Ngakube balindele ngaphandle kokuba uMvelinqangi eze kubona ngezithunzi zamafu nezingelosi, futhi udaba selunqunyiwe futhi zibuyela kuMvelinqangi (zonke) izinqumo
  211. Buzani abantwana bakwa-Israyeli (ukuthi) zingaki izimpawu zobufakazi obucacile esabanika zona. Futhi noma ngabe ubani oshintsha ububele bukaMvelinqangi emva kokuba sebufikile kuyena. Ngakhoke ngempela uMvelinqangi unzima ekujeziseni
  212. Yenziwe yaba yinhle kulabo abangakholwa impilo yakulomhlaba futhi benza inhlekisa ngalabo abakholwayo, futhi nalabo abesaba uMvelinqangi bayokuba ngaphezulu kwabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo, futhi uMvelinqangi wabela lowo amthandayo ngaphandle kokubala
  213. Abantu babeyisizwe esisodwa ngakho-ke uMvelinqangi wathumela abaphrofethi njengabalethi bezindaba ezimnandi nabaxwayisi, wehlisela phansi kubona incwadi ngeqiniso ukuze yahlulele phakathi kwabantu kulokho ababehlukene (ababephikisene) ngako, futhi akekho owayehlukile kukona ngaphandle kwalabo ababenikwe (imibhalo) emva kokuba sebefikelwe ubufakazi obucacile ngenxa yenzondo nomona phakathi kwabo. UMvelinqangi wabaholela (eqinisweni) labo abakholwayo mayelana nalokho ababehlukene ngakho ngentando yakhe. Futhi uMvelinqangi uholela lowo amthandayo endleleni eqondile
  214. Noma nicabanga ukuthi niyongena esivandeni yize noma kungazange kuze kunina okunjengalokho okweza kulabo asebadlula ngaphambilini kwenu, babevelelwa ukuhlupheka nobunzima, bezanyazanyiswa saze sathi isithunywa nalabo ababekholwa ababekanye naso (luyofika) nini usizo lukaMvelinqangi na? Ngempela usizo lukaMvelinqangi seluseduzane
  215. Bakubuza ngokufanele bakuchithe ithi “Noma ngabe yini enhle eniyichithayo yabazali, nezihlobo, nezintandane, nabadingayo, nesihambi (esidinga usizo). Futhi noma ngabe yini eniyenzayo enhle ngempela uMvelinqangi uyazi ngayo
  216. Kulotshiwe kunina ukulwa noma kungathandeki kunina. Futhi kungase kwenzeke ukuthi ningakuthandi okuthize kanti kuyinto enhle kunina futhi kungase kwenzeke ukuthi niyakuthanda okuthize kanti kuyinto enobubi kunina. Futhi uMvelinqangi uyazi kanti nina anazi
  217. Bakubuza mayelana nokulwa enyangeni engcwele ithi “ukulwa kuyona (kuyiphutha elikhulu) kodwa nokuvimbela (abantu) endleleni kaMvelinqangi nokungakholelwa kuyena (nokuvimbela abantu ukuthi baye) naseMasjid Al-Haraam nokuxosha abantu bayo kukhona (iphutha) elikhulu emehlweni kaMvelinqangi futhi ukungakholwa kungaphezulu kokubulala futhi bazoqhubeka nokulwa nani kuze kube yilapho beniphindisela emumva baniyekise inkolo yenu uma bekwazile. Futhi noma ngabe ubani kunina oyeka inkolo yakhe bese efa engakholwa labo-ke imisebenzi yabo ayilutho kulomhlaba nakwelizayo futhi labo-ke bangabanqwamani nomlilo bona bayohlala kuwo ingunaphakade
  218. Ngempela labo abakholwayo nalabo abahambayo (besuka endaweni beya kwenye indawo) nabalwa endleleni kaMvelinqangi labo-ke balindele umusa kaMvelinqangi. Futhi uMvelinqangi ungumthetheleli unesihawu
  219. Bakubuza ngophuzo oludakayo nokubheja ithi “kukona kokubili yisono esikhulu futhi isono sako kokubili sikhulu ngaphezu kwenzuzo yako kokubili, futhi bakubuza ukuthi kufanele bachitheni ithi, “Okuseleyo” kanjalo-ke uMvelinqangi unicacisela kanjalo amavesi mhlawumbe ningaba nemicabango
  220. Kulomhlaba nakwelizayo futhi bakubuza ngezintandane ithi, “ukubasiza kungcono kepha uma nizihlanganisa nabo mayelana nesimo sabo bangabafowenu futhi uMvelinqangi uyamazi umenzi wobubi kulowo owenza okuhle, ukube uMvelinqangiubethandaubenganifakaebunzimeni.Ngempela uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  221. Futhi ningashadi nabesifazane abakhonza abanye noma okunye ngaphandle kukaMvelinqangi kuze kube bayakholwa futhi ngempela isigqila sowesifazane okholwayo singcono kunowesifazane okhonza abanye noma okunye ngaphandle kukaMvelinqangi noma ngabe eniheha kanjani (owesifazane ongakholwa), futhi ningashadisi amadodakazi enu nabesilisa abakhonzaabanyenomaokunyengaphandlekukaMvelinqangi futhi ngempela isigqila sowesilisa okholwayo singcono kunomuntu okhonza abanye noma okunye ngaphandle kukaMvelinqangi noma ngabe eniheha kanjani. Labo-ke bakumemela emlilweni kepha uMvelinqangi ukumemela esivandeni (ezulwini) nasekuthetheleleni ngentando yakhe futhi ucacisela abantu amavesi akhe ukuze bakhumbule
  222. Futhibakubuzangokuyaesikhathiniithi“kuyintoephathakabi ngakho-ke qhelelanani nabesifazane benu uma besesikhathini ningasondelani kubo baze bahlanzeke. Uma sebezihlanzile seningeza kubona ngalapho uMvelinqangi enikhombisile khona. Ngempela uMvelinqangi uyabathanda abaphenduka ngentethelelo (kuyena) futhi uyabathanda abazihlanzayo
  223. Amakhosikazi enu izivande zenu ngakho-ke iyani izvandeni zenu ngesikhathi enifisa ngaso futhi nibekele imiphefumulo yenu (okuhle) ngaphambili nesabe uMvelinqangi futhi nazi ukuthi nina niyohlangana naye. Futhi yisho izindaba ezimnandi kwabakholwayo
  224. Futhi ningenzi (izifungo zenu) ngoMvelinqangi isizathu ekungenzini okuhle futhi nesabeni uMvelinqangi nasekwenzeni ubulungiswa phakathi kwabantu. Futhi uMvelinqangi ungozwayo owaziyo
  225. UMvelinqangi akanibeki isono ngalokho eningakuhlosile ezifungweni zenu kodwa unibeka isono ngalokho okuvunwe yizinhliziyo zenu. Futhi uMvelinqangi ungothethelelayo obekezelayo
  226. Kulabo abafunga ukuthi bazile amakhosikazi abo (isikhathi okumele) basime izinyanga ezine uma sebephindele (esimweni esejwayelekile) ngakho-ke ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu
  227. Futhi uma benqumelana isahlukaniso ngempela uMvelinqangi ungozwayo owaziyo
  228. Futhi abesifazane abahlukanisile kufanele balinde kuze kuphele izinyanga ezintathu (bengashadi okwesibili), futhi akusiwona umthetho kubona ukufihla lokho uMvelinqangi akudalile esizalweni sabo uma bekholwa kuMvelinqangi kanye nososukwini lokugcina, futhi abayeni babo banamalungelo okubabuyisela emumva kulesisi (sikhathi) uma befuna ukubuyelana. Futhi okwabo (abesifazane) kufana nalokho okulindelekile kubona mayelana nokuhle. Futhi amadoda (abayeni babo) bangaphezu kwabo ngezinga. Futhi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  229. Isahlukaniso sikabili ngakho-ke (emuva kwalokho) uyamugcina ngendlela eyamukelekile noma uyamdedela ngendlela eyamukelekile futhi akusiwona umthetho kunina ukuthi nithathe okuthize kubona kulokho enababela kona, ngaphandle uma bona bobabili besaba ukuthi angeke bakwazi ukugcina imigomo kaMvelinqangi. Kepha uma nesaba ukuthi angeke nikwazi ukugcina imigomo kaMvelinqangi akukho isono kubona bobabili mayelana nokuthize okubuyiswa owesifazane ukuze akhululeke. Leyo yimigomo kaMvelinqangi ngakho-ke ningayeqi futhi noma ngabe ngubani oweqa imigomo kaMvelinqangi labo-ke bona bangabenzi bokubi
  230. Futhi uma (indoda) yahlukanisile naye (owesifazane okwesithathu) akasekho emthethweni kuyena (owesilisa ukuthi ashade naye) emuva kwalokho kuze kube ashade nenye indoda. Futhi uma (indoda entsha) yenza isahlukaniso naye alikho icala kubona bobabili (indoda yokuqala nowesifazane) uma becabanga ukuthi bona bobabili bazoyigcina imigomo kaMvelinqangi. Lena yimigomo kaMvelinqangi ayenza icace esizweni esaziyo
  231. Futhi uma nehlukanisile nabesifazane futhi sebesiqedile isikhathi sabo kepha uma begcinwa mabagcinwe ngendlela eyamukelekile noma uma nibadedela mabadedelwe ngendlela eyamukelekile. Futhi ningabagcini ngendlela ebaphatha kabi ukuze niphule imigomo futhi noma ngabe ubani owenza lokho uzonele umphefumulo wakhe, futhi ningenzi amavesi kaMvelinqangi inhlekisa, futhi nikhumbule ububele buka Mvelinqangi phezulu kwenu nalokho akwehlisele phezulu kwenu okusencwadini, nobuhlakani aniyalela ngakho nesabe uMvelinqangi futhi nazi ukuthi uMvelinqangi wazi ngazo zonke izinto
  232. Futhi uma nehlukanisile nabesifazane kulapho sebesiqedile isikhathi sabo, ningabavimbeli ukuba bashade namadoda abo (okuqala) uma bevumelana phakathi kwabo ngendlela eyamukelekile. Lokho enitshelwe ngakho noma ngabe ubani kunina okholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina lokho kunilungele futhi kuhlanzekile kunina, uMvelinqangi uyazi kepha nina anazi
  233. Omame bayoncelisa izingane zabo iminyaka emibili egcwele lowo othanda ukuqedela (isikhathi) sokuncelisa, futhi ubaba uthwele umthwalo wokondla nokubagqokisa ngendlela okwamukeleke ngayo, awukho umphefumulo oyothweswa umthwalo ongaphezulu kwamandla awo umame akumele aphathwe kabi ngenxa yengane yakhe noma lowo ingane ezalelwe yena (ubaba) ngenxa yengane yakhe futhi nasendlalifeni (kwenzeka) okufana nalokho. Uma bobabili bethanda ukumyekisa ukuncela ngokuvumelana noma sebebonisene asikho isono kubona bobabili. Futhi uma nifuna ukuqasha abagadi bezingane zenu asikho isono kunina inqobo nje uma nibakhokhela ngendlela eyamukelekile futhi nesabe uMvelinqangi, futhi nazi ukuthi uMvelinqangi uyakubona enikwenzayo
  234. Futhi labo abafa kunina bashiya amakhosikazi ngemuva (amakhosikazi) awalinde izinyanga ezine nezinsuku eziyishumi. Uma esesiqedile leso sikhathi asikho isono kunina emiphefumulweni yabo ngendlela eyamukelekile. Futhi uMvelinqangi uyakwazi enikwenzayo
  235. Asikho isono kunina kulokho enikushoyo (isithembiso somshado) kwabesifazane noma lokho enikufihlayo emiphefumulweni yenu, uMvelinqangi uyazi ukuthi nizobakhumbula (abesifazane) kodwa ningenzi isithembiso kubona sibe yimfihlo ngaphandle kokuthi nikhulume inkulumo ngendlela eyamukelekile. Futhi ninganqumi ukushada kuze kuphele isikhathi esinqunyiwe futhi nazi ukuthi uMvelinqangi uyakwazi okusezinhliziyweni zenu ngakho-ke mqapheleni futhi nazi ukuthi uMvelinqangi uyathethelela uyabekezela
  236. Asikho isono kunina uma nehlukanisa nabesifazane nibe ningakabathinti noma ningakabakhipheli lokho okuyisabelo sabo (Mehr). Futhi nibanike (isipho), koyisicebi okulingene namandla akhe futhi nokompofu okulingene namandla akhe isipho masenziwe ngendlela eyamukelekile, (lokho) kubekekile ukuba kwenziwe abenzi bokuhle
  237. Futhi uma nehlukanisa nabesifazane ngaphambili kokuba nibathinte nibe senibaqokele okwabo ngakho-ke (banikeni) ingxenye yalokho enibaqokele kona ngaphandle kokuthi kona bengakuthathi noma kungathathwa yilowo esandleni sakhe okunesibopho somshado futhi ukuthi nikuyeke kusondelene nokwenza okuhle, futhi ningakhohlwa izenzo ezinhle phakathi kwenu ngempela uMvelinqangi ungokubonayo enikwenzayo
  238. Qaphelani imithandazo futhi (ikakhulukazi) umthandazo ophakathi, futhi nime ngaphambi kukaMvelinqangi ngokuzithoba
  239. Kodwa uma nesaba (ubungozi noma isitha thandazani) nimile noma nigibele futhi uma seniphephile nikhumbule uMvelinqangi njengoba anifundisa lokho enaningakwazi
  240. Futhi labo abafayo phakathi kwenu bashiya amakhosikazi (abo) ngemuva isondlo kumakhosikazi esingangonyaka ngaphandle kokuthi baphumele ngaphandle. Uma bephumela ngaphandle (beshiya) asikho isono kubona kulokho abakwenzile emiphefumulweni yabo, uma bekwenze ngendlela eyamukelekile futhi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  241. Futhi kwabesifazane abehlukanisile (kufanele bathole) isondlo ngendlela eyamukelekile lokho kubekekile kulabo abanonembeza
  242. Ngokunjalo-ke uMvelinqangi unenzela kucace amavesi akhe ukuthi nibe nomqondo
  243. Anibabonanga yini labo abaphuma emakhaya abo beyizinkulungwane besaba ukufa? Wabe esethi uMvelinqangi kubona “yifani” wabe eseyabavusa ngempela unobubele kubantu kepha abantu abaningi ababongi
  244. Futhi yilwani endleleni kaMvelinqangi futhi nazi ukuthi ngempela uMvelinqangi ungozwayo owaziyo
  245. Ubani lowo ozoboleka uMvelinqangi ozoboleka ukuboleka okuhle, angamuphindaphindela kona ukuphindaphinda izikhathi eziningi, futhi uMvelinqangi ungobambayo (okuthize) futhi nguyena odedelayo futhi siyophindela kuyena
  246. Awukaboni yini ukuhlangana kwabantwana bakwa-Israel emumva kukaMose ngesikhathi bethi kumphrofethi wabo “thumela kuthina iNkosi ukuze silwe endleleni kaMvelinqangi” wathi, “Akusikhona yini ukuthi naniyobaleka ukuba naninqunyelwe ukulwa? Bathi, “kwakungoba yini ukuthi singangalwi futhi kwakungoba yini ukuthi singangalwi endleleni kaMvelinqangi na? Sibe sasikade sasikhishwe emakhaya ethu nasezinganeni zethu na?” kwathi lapho sebenqunyelwe ukulwa bajikela emuva ngaphandle kwabayingcosana kubona futhi uMvelinqangi ungobaziyo abenzi bobubi
  247. Futhi umphrofethi wabo wathi kubona “ngempela uMvelinqangi unithumele uSawuli ukuba abe yiNkosi. Bathi, “kungenzeka kanjani ukuthi ubukhosi kube ngobakhe ngaphezulu kwethu sibe thina sifanelwe ubukhosi ngaphezu kwakhe na? Engakaze anikezwe ngisho nengcebo na?” wathi “ngempela uMvelinqangi umkhethile ngaphezulu kwenu futhi wamandisela ulwazi nomzimba, futhi uMvelinqangi unikeza umbuso wakhe lowo amthandayo futhi uMvelinqangi wazi kabanzi
  248. Futhi umphrofethi wabo wathi kubona, “ngempela izimpawu zobukhosi bakhe ukuthi kuyofika kunina ibhokisi phakathi kulona kuyobe kunokuthula okuvela eNkosini yenu nokwasalayo okwashiywa umndeni kaMose nomndeni ka-Aroni liyobe lithwelwe yizingelosi ngempela kulokho kunesibonakaliso kunina uma ningabakholwayo
  249. Futhi kwathi lapho uSawuli ephuma namabutho (akhe) wathi, “ngempela uMvelinqangi uzonihlola ngomfula noma ngabe ubani oyophuza kuwona akasiyena owami kepha lowo ongayikuwanambitha ngempela ungowami, ngaphandle kwalowo oyophuza ngesandla sakhe okulingene kodwa baphuza kuwona ngaphandle kwabayingcosana kubona. Kwathi lapho esewuwelile yena nalabo ababekholwa kanye naye bathi “namhlanje asinamandla okubhekana noGoliyathi namabutho akhe kepha labo ababeqinisekile ukuthi bayohlangana noMvelinqangi” bathi, “kukaningi kangakanani ukuthi idlanzana lehlule isixuku esikhulu ngentando kaMvelinqangi? Futhi uMvelinqangi ukanye nababekezelayo”
  250. Kwathi lapho sebephokophelele phambili ukuyolwa noGoliyathi namabutho akhe bathi, “Nkosi yethu senze sibekezele wenze izinyawo zethu ziqine futhi usisize ekubhekaneni nabantu abangakholwa
  251. Ngakho-ke banqoba ngentando kaMvelinqangi futhi uDavide wabulala uGoliyathi futhi uMvelinqangi wamnika ubukhosi nokuhlakanipha wamfundisa kulokho ayekufisa. Futhi ukube kwakungesikona ukuthi uMvelinqangi ugudluza abanye abantu ngabanye, umhlaba wawuzokonakala kodwa uMvelinqangi ungonobubele emihlabeni
  252. Lawo ngamavesi kaMvelinqangi sikufundela wona ngeqiniso, futhi ngempela wena (Muhammad) ungomunye wezithunywa
  253. Lezo yizithunywa ezinye zazo sazenze zabangcono ngaphezulu kwezinye phakathi kwazo kukhona lezo uMvelinqangi akhuluma (kuzona), ezinye zazo waziphakamisa ngezinga futhi sanika uJesu indodana kaMariya izibonakaliso ezicacile sabe sesimeseka ngomoya ongcwele. Futhi ukube wayethanda uMvelinqangi labo abeza ngemumva kwabo babengeke balwe bodwa emuva kokuba sekufike izibonakaliso ezicacile kubona, kodwa baphikisana, kepha abanye babo bakholwa abanye babo abazange bakholwe. Futhi ukube uMvelinqangi wayethanda babengeke balwe bodwa, kodwa uMvelinqangi wenza lokho akuhlosile
  254. Oh Nina enikholwayo! Sebenzisani kulokho esininike kona ngaphambili kokuba kufike usuku lapho kungasekho ukuthengiselana nobungani nokuncengelana kungekho. Futhi abangakholwa bona bangabenzi bokubi
  255. UMvelinqangi akukho okunokukhonzwa ngaphandle kwakhe ungophilayo, ungumondli nomvikeli wazo zonke izidalwa akazeli yena futhi akalali kungokwakhe noma ngabe yini esemazulwini futhi noma ngabe yini esemhlabeni, ubani yena lowo ongancengela (omunye) kuYena ngaphandle kwemvume yakhe na? Wazi (okwakukhona) ngaphambilini kwabo nokuyokuba ngasemuva kwabo, futhi akukho lutho oluhaqe ulwazi lwakhe ngaphandle kwalokho akuthandayo, isihlalo sakhe singaphezulu kwamazulu nemihlaba, futhi ukuqaphele kokubili akumsindi, futhi uphakeme mukhulu kakhulu
  256. Akukho mpoqo enkolweni, indlela elungileyo ecacisiwe kweyedukileyo, ngakho-ke lowo ongakholelwa ezintweni ezingesilona iqiniso ukuba zikhonzwe (Taghut) bese, ekholelwa kuMvelinqangi yena ubambelele esibambelelweni esethembekile esingasoze saphuka futhi uMvelinqangi uyezwa uyazi
  257. UMvelinqangi ungumgadi walabo abakholwayo ubakhipha ebumnyameni abalethe ekukhanyeni futhi labo abangakholwa abagadi babo yilabo osathane, babakhipha ekukhanyeni babalethe ebumnyameni, labo-ke bangabanqwamani nomlilo bayokuba phakathi kuwo ingunaphakade
  258. Anikaze nimbone yini lowo owaphikisana no-Abrahamu ngeNkosi yakhe ngoba uMvelinqangi wayemnikile ubukhosi? Ngenkathi u-Abrahamu ethi, “iNkosi yami iyona eyiletha impilo futhi eyiletha ukufa” yathi, “mina ngiyaphilisa futhi ngiyabulala”. Wathi u-Abrahamu “ngempela uMvelinqangi wenza ukuthi ilanga liphume eMpumalanga ngakho-ke lenze liphume eNtshonalanga” ngakho-ke lowo ongakholwa wayedidekile (emangele) futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abenza okubi
  259. Noma njengalowo owedlula edolobheni elalibhubhe liphelile wathi “uMvelinqangi uyolivusa kanjani emva kokufa kwalo na?” Ngakho-ke uMvelinqangi wamenza ukuthi afe iminyaka eyikhulu wabe eseyamvusa wathi, “uhlale (ufe) isikhathi esingakanani na?” Wathi, “ngihlale usuku noma ingxenye yosuku” wathi, “cha iminyaka eyikhulu, bheka ukudla kwakho akubolanga, nesiphuzo sakho asishintshanga futhi bheka imbongolo yakho, Sizokwenza ukuthi ube yisibonelo kubantu, futhi bheka amathambo ukuthi siwahlanganise kanjani sawagqokisa inyama. Kwathi ngenkathi sekucacile kuyena wathi, “ngiyazi ukuthi uMvelinqangi unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto
  260. Futhi (khumbula) ngenkathi u-Abrahamu ethi, “Nkosi yami ngikhombise ukuthi ubaphilisa kanjani abafileyo” uMvelinqangi wathi, “Awukakholwa yini na?” (u-Abrahamu) wathi “Yebo, kodwa ukuze inhliziyo yami yaneliseke” Wathi uMvelinqangi, “ngakho-ke thatha izinyoni ezine (uzifundise ukuba zilalele wena) uzihlinze bese ubeka izingcezu zazo phezulu kwentaba nentaba bese uzibiza ziyoza kuwena zishesha futhi yazi ukuthi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  261. Isibonelo salabo sinjengesalabo abasebenzisa ingcebo yabo endleleni kaMvelinqangi kunjengo hlamvu (lombila) olumila izikhwebu eziyisikhombisa esikhwebwini ngasinye kumila ikhulu lezinhlamvu futhi uMvelinqangi uphindaphindela lowo omthandayo (izibusiso zakhe) futhi uMvelinqangi wazi kabanzi
  262. Labo abasebenzisa ingcebo yabo endleleni kaMvelinqangi ngakho-ke ningakulandeli lokho abakuchithile ngokukhuluma ngokuphana kwabo noma ngokulimaza, umvuzo wabo useNkosini yabo futhi angeke kubekhona ukwesaba kubona futhi angeke baphatheke kabi
  263. Inkulumo enhle noxolo kungcono kunokuphana okulandelwa ukulimaza (ukukhulumela) nokuthi uMvelinqangi akadingi lutho futhi uyabekezela
  264. Oh nina enikholwayo! Ningenzi ukuphana kwenu kube yize ngokukhuluma ngako, nangokulimaza njengalowo osebenzisa ingcebo yakhe ukuze abukwe ngabantu futhi engakholelwa kuMvelinqangi nososukwini lokugcina. Isibonelo sakhe sinjengesedwala elibushelelezi okunenhlabathi phezulu kwalo, bese imvula enkulu inela kulona bese lisala lingenalutho abakwazi (ukugcina) okuthize kulokho abakuvunile futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abangakholwa
  265. Futhi isibonelo kulabo abasebenzisa ingcebo yabo befuna ukuthokozisa uMvelinqangi nokuziqinisa bona kunjengesibonelo sesivande esisemhlabathini ophakeme okunela phezulu kwawo imvula enkulu kutholakale izithelo eziphindwe kabili. Futhi noma ngabe imvula enkulu inganethanga kusona, imvula encane (yanele) futhi uMvelinqangi uyakubona lokho enikwenzayo
  266. Ngakube ukhona omunye wenu ofisa ukuba nesivande (esinezithelo) zamasundu nomvini okugeleza ngaphansi kwaso imifula evela esithelweni ngasinye bese ehlushwa ukukhula, unenzalo eyintengentenge, bese ishawa isishingishane somoya esihamba nomlilo bese kusha kanjalo-ke uMvelinqangi unenzela kucace amavesi ukuze nicabange
  267. Oh Nina enikholwayo! Sebenzisani izinto ezinhle kulokho enikuzuzile futhi nakulokho esinivezele kona okuvela emhlabathini, futhi ningahlosi ukwenza okungcolile kukona, ukukusebenzisa kepha nibe ningeke nikuthatha ngaphandle kokuba uma nivale amehlo enu kukona, futhi nazi ukuthi uMvelinqangi akadingi lutho ufanele ukudunyiswa
  268. Usathane unesabisa ngobumpofu futhi uniphoqa ukuba nenze okubi, kepha uMvelinqangi unithembisa intethelelo evela kuyena ngokwandile futhi uMvelinqangi ungamele konke ungowaziyo
  269. Upha lowo Amthandayo ukuhlakanipha futhi lowo onikwe ukuhlakanipha unikwe ubuhle obukhulu futhi akekho oyokhumbula ngaphandle kwabantu abaqondayo
  270. Futhi noma ngabe yini eniyichithayo okuyizindleko noma izifungo enizenzayo, ngempela uMvelinqangi uyazazi futhi izoni angeke zibe nabasizi
  271. Uma ninikela ngezipho ngokusobala kuhle futhi uma nizifihla bese nizinika abampofu kuyoba kuhle kakhulu kunina futhi uyowasusa amanye amaphutha enu futhi uMvelinqangi lokho enikwenzayo uyakwazi
  272. Akusikhona okwakho ukubaholela (endleleni eqondile) kodwa uMvelinqangi oholela lowo amthandayo (endleleni eqondile) futhi noma ngabe yini enhle eniyichithayo (eninikela ngayo) ingeyemiphefumulo yenu, futhi ningayichithi ngaphandle kokwenzela ubuso bukaMvelinqangi futhi noma ngabe yini enhle eniyichithayo niyokhokhelwa yona ngokugcwele futhi angeke kwenziwe okungesikhona ubulungiswa kunina
  273. (Izipho) ezalaboabampofuabavinjwaendlelenikaMvelinqangi, abangakwazi ukuhamba emhlabeni (abantu) abangazilutho bangacabanga ukuthi abaswele lutho ngenxa yokuzithiba kwabo, kepha uzobazi ngezimpawu zabo, abaceli nakancane kubantu noma ngabe yini eniyichithayo enhle ngempela uMvelinqangi uyazi ngayo
  274. Labo abasebenzisa ingcebo yabo ebusuku nasemini ngasese nasobala umvuzo wabo useNkosini yabo futhi abayikuba nako ukwesaba futhi angeke baphatheke kabi
  275. Labo abadla inzalo angeke bakwazi ukuma (ngosuku lokuvuka kwabafileyo) ngaphandle kwanjengokuma komuntu oshawe usathane(ukushawa) kwamholelaekuhlanyenilokhokungenxa yokuthi bona bathi ukuhweba kuyafana nje (nokwenza) inzalo kodwa uMvelinqangi wakwenza kwaba yimvume ukuhwebelana wasekwenza kwangabi yimvume ukwenza inzalo (ukuzalanisa imali), lowo osefikelwe ukuholeka okuvela eNkosini yakhe bese kuphela okwakhe yilokho osekwadlula, futhi udaba lwakhe likuMvelinqangi futhi noma ngabe ubani ophindela (ekuzalaniseleni imali) labo-ke bangabanqwamani nomlilo bona bayokuba kuwona ingunaphakade
  276. UMvelinqangi uyakubhubhisa ukuzalanisa noma okudla inzalo yemali wandisa ukuphana futhi uMvelinqangi akabathandi bonke abangakholwa abayizoni
  277. Ngempela labo abakholwayo abenze nezenzo ezinhle, benze umthandazo, banikele kwabampofu (izakaah), umvuzo wabo useNkosini yabo futhi akuyikubakhona ukwesaba kubona futhi angeke baphatheke kabi
  278. Oh nina enikholwayo! sabani uMvelinqangi niyeke lokho okusele enzuzweni yenzalo uma ningabakholwayo
  279. Kepha uma ningenzi njalo ngakho-ke qaphelani impi evela kuMvelinqangi nesithunywa sakhe. Kodwa uma nicela intethelelo okwenu inqgikithi yemali yenu, ningenzi okungesikhona ubulungiswa futhi (nani) angeke nenziwe okungesikhona ubulungiswa
  280. Futhi uma othize esebunzimeni ngakho-ke akulindwe kuze kufike isikhathi lapho izinto zibalula khona kepha uma ninikela (ngayo imali njengesipho lokho) kungcono kunina ukube benazi
  281. Futhi sabani usuku eniyokubuyiselwa ngalo kuMvelinqangi ngakho-ke wonke umuntu uyokhokhelwa lokho okuvumile futhi angeke benziwe okungeyisikhona ubulungiswa
  282. Oh nina enikholwayo! Uma nenza izikweletu nivumelene ngesikhathi esithize zibhaleni phansi. Futhi umbhali azibhale phakathi kwenu ngobulungiswa, futhi umbhali akanganqabi ukubhala ngendlela uMvelinqangi amfundise ngayo. Ngakho- ke akabhale futhi lowo okweletayo akube uyena obizelayo futhi esabe uMvelinqangi iNkosi yakhe futhi angashiyi lutho ngaphandle. Kodwa uma lowo okweletayo enokuqonda okuncane noma eyintengentenge noma engakwazi ukuzibizela yena ngakho-ke akube umgadi wake ozobizela ngobulungiswa, akuze ofakazi ababili phakathi kwabesilisa benu kepha uma bengekho abesilisa ababili, akube owesilisa nabesifazane ababili kulabo enibamukelayo ukuba babe ngofakazi, ukuthi uma oyedwa wabo (abesifazane) enza iphutha omunye bese eyamkhumbuzisa futhi abanganqabi ofakazi uma bebizwa ningenqeni ukusibhala (isikweletu) noma ngabe sincane noma ngabe sikhulu mayelana nesikhathi saso esinqunyiwe lokho kunobulungiswa obukhulu emehlweni kaMvelinqangi futhi kuqinisekile njengobufakazi futhi kungukuvikela ukungabaza phakathi kwenu, ngaphandle uma kungukuhwebelana enikwenza nina uqobo lwenu phakathi kwenu ngakho-ke alikhoicalakuninaumaningazibhali, futhiakubekhonaofakazi uma nenza isivumelwano nithengiselana, akungabibikho ubungozi phakathi kombhali noma ufakazi kepha uma nenze kanjalo ngempela lokho kuwukungahloniphi kunina futhi sabani uMvelinqangi, nokuthi uMvelinqangi uyanifundisa futhi uMvelinqangi uyisazi sazo zonke izinto
  283. Futhi uma nisohambweni ningenako ukuthola umbhali ngakho-ke makuthathwe isibambiso, kodwa uma omunye wenu ethemba omunye ngakho-ke lowo othenjwayo akakhombise ukwethembeka kwakhe asabe uMvelinqangi iNkosi yakhe futhi ningabufihli ubufakazi futhi noma ngabe ubani obufihlayo ngempela inhliziyo yakhe isesonweni futhi ngempela uMvelinqangi ungokwaziyo abakwenzayo
  284. Kungokuka Mvelinqangi noma ngabe yini esemazulwini nanoma ngabe yini esemhlabeni noma ngabe nivezani okusemiphefumulweni yenu noma ngabe niyakufihla uMvelinqangi uyokuletha kunina ukunibuza ngakho, Ngakho-ke uyothethelela lowo Amthandayo ajezise lowo amthandayo. Futhi uMvelinqangi unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto
  285. Isithunywa sakholelwa kulokho okwehliselwa kusona okuvela eNkosini yaso nabakholwayo. Bonke bakholwa kuMvelinqangi nasezingelosini zakhe, nasezincwadi zakhe nasezithunyweni zakhe (bathi), “thina asiwenzi umehluko phakathi kwezithunywa zakhe”, futhi bathi, “sizwile futhi sahlonipha usithethelele Nkosi yethu futhi ngokuba sikuwena isiphetho
  286. UMvelinqangi akawuthwesi umphefumulo (okungaphezulu) kwamandla awo ngaphandle kokuwulingene okwawo yilokho okuwuvunile (ezintweni ezinhle) futhi okwawo yilokho okuwuvunile (ezintweni ezimbi), Nkosi yethu ungasibeki icala uma sikhohliwe noma senze iphutha. Nkosi yethu ungawubeki phezulu kwethu umthwalo njengoba wabetheswa labo ababengaphambilini kwethu, Nkosi yethu ungasethwesi lokho esingenawo amandla awokukumela sixolele usithethelele yiba nesihawu kuthina wena ungumvikeli wethu, senze ukuba sinqobe abantuabangahola