3.The Family of Imraan

  1. Alif Lam meem. (Akekho noyedwa owaziyo ukuthi lezizinhlamvu zamagama zisho ukuthini ngaphandle kukaMvelinqangi)
  2. UMvelinqangi akukho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe ungophilayo, umondli wezidalwa zonke
  3. Wehlisele phansi kuwena incwadi ngeqiniso iqinisekisa lokho okwakungaphambilini kwayo futhi wembula iTora neVangeli
  4. Ngaphambilini, njengomholi kubantu futhi wembula umehluleli, ngempela labo abangakholelwa emavesini kaMvelinqangi okwabo yisijeziso esinzima futhi uMvelinqangi uphakeme ngamandla ungumnini wokuphindisela
  5. Ngempela kuMvelinqangi akukho okufihlekile okusemhlabeni noma okusezulwini
  6. Nguyena onibumbayo esizalweni ngendlela ayithandayo akukho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe uphakeme ngamandla unobuhlakani
  7. Nguyena owehlisela phansi kuwena incwadi enamavesi acacile ayisisekelo sencwadi futhi amanye awacacile (ayindida) kepha laba ezinhliziyweni zabo ekunokuphambuka bayolandela lokho okwawo okuyindida befuna okulungile futhi befuna ukuhumushwa kwawo, kepha akekho owaziyo ukuhumushwa kwawo ngaphandle kukaMvelinqangi futhi labo abanolwazi olunzulu bathi, “siyakholelwa kuwona wonke (amavesi) avela eNkosini yethu, futhi akekho oyokhunjuziswa ngaphandle kwalabo abaqondayo”
  8. Nkosi yethu uze ungazenzi izinhliziyo zethu ukuthi ziphambuke emva kokuthi ususiholele (endleleni eqondile). Futhi usiphe umusa ovela kuwe ngempela wena ungophayo
  9. Nkosi yethu ngempela wena uyokuba nguMqoqi wabantu ngelanga okungenakungatshazwa kulo, ngempela uMvelinqangi angeke asephule isithembiso sakhe
  10. Ngempela labo abangakholwa ingcebo yabo nezingane zabo akuyikubasiza ngalutho maqondana noMvelinqangi futhi labo-ke bona bayizithungelo zomlilo
  11. Kunjengokuziphatha kwabanu bakaFaro nalabo ababengaphambilini kwabo, baphika izimpawu zethu ngakho-ke uMvelinqangi wababhubhisa ngenxa yezono zabo, uMvelinqangi unzima ekujeziseni
  12. Ithi kulabo abangakholwa, “niyonqotshwa nibuthelwe ndawonyeesihogwenifuthiyimbi(leyo) ndawoyokuphumula”
  13. Ngempela nanenzelwe isibonakaliso emabuthweni amabili ahlangana alwa, elinye ibutho laliwa lizabalaza endleleni kaMvelinqangi elinye lalingakholwa lalibabona bephindeke kabili (kunabo) kwakungukubona nje kwamehlo abo uMvelinqangi uyameseka ngosizo lwakhe lowo amthandayo ngempela kulokho kunesifundo kulabo abanokubona
  14. Kwenziwele abantu kwaba yinto enhle ukuthanda lokho abakufisayo ebantwini besifazane, namadodana (izingane) nomcebo oqongelelwe wegolide nesiliva, namahhashi ohlobo lwekhethelo nezinkomo nomhlaba olinywe kahle, lokho kuyinjabulo yempilo yakulomhlaba, kodwa kuMvelinqangi kunokuphindela okuhle
  15. Ithi ngakube kufanele yini nginitshele ngokungcono kunalokho na? Okwalabo abesaba uMvelinqangi, eNkosini yabo kunezingadi okugobhoza ngaphansi kwazo imifula lapho beyohlala khona ingunaphakade kanye nezithandwa ezimsulwa nokweneliseka okuvela kuMvelinqangi futhi uMvelinqangi ungumboni wezinceku (zakhe)
  16. Labo abathi, “Nkosi yethu ngempela sikholiwe ngakho-ke sithethelele izono zethu futhi usivikele ekujezisweni komlilo
  17. Ababekezelayo abakholwa ngokuyiqiniso nabazinikele ekuhlonipheni uMvelinqangi, nabanikelayo nalabo abathandazayo becela ukuthi uMvelinqangi abathethelele ngasemahoreni okugcina obusuku
  18. UMvelinqangi uyafakaza ukuthi ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe nezingelosi nalabo abanolwazi (bayafakaza) uhlala njalo egcina izidalwa zakhe ngobulungiswa ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe uphakeme ngamandla unobuhlakani
  19. Ngempela inkolo (yeqiniso) kuMvelinqangi i-Islam, labo ababenikezwe iNcwadi babengaphikisene ngaphandle (kokuphikisana) emva kokuba sebefikelwe ulwazi kusuka emoneni nasenzondweni phakathi kwabo futhi noma ngabe ngubani ongakholelwa emavesini kaMvelinqangi ngakho-ke ngempela uMvelinqangi uyashesha ukwahlulela
  20. Kepha uma bephikisana nawe ithi, “ngizinikele ngaphani kwentando kaMvelinqangi (enkolo yobu-Islam) nalabo abangilandelayo” futhi ithi kulabo ababenikezwe incwadi nababengafundile, “ngakube nizinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi na? Kepha uma bezinikele baholeleke ngokuyikho futhi uma befulathela umsebenzi wakho ukudlulisa umyalezo kuphela futhi uMvelinqangi ungumboni wezinceku (zakhe)”
  21. Ngempela labo abangakholelwa ezibonakalisweni zikaMvelinqangi futhi bebulala abaphrofethi ngo- kungemthetho futhi bebulala labo abaphoqa ngokwenza ubulungiswa kubantu ngakho-ke batshele ngesijeziso esibuhlungu
  22. Labo-ke yilabo imisebenzi yabo engeke yaba nambuyiselo kulomhlaba nasempilweni ezayo, futhi angeke babe nabasizi
  23. Awukababoni yini labo ababenikezwe ingxenye yemibhalo na? Bamenyelwe encwadini kaMvelinqangi ukuze yehlulele phakathi kwabo, kepha idlanzana kubona lafulathela futhi babephika
  24. Lokho kungenxa yokuthi bathi, “Umlilo angeke usithinte ngaphandle kwezinsuku ezimbalwa” futhi lokho okusha ababekunezelela enkolweni yabo yikona kanye okwakubakhohlisa
  25. Ngakube kuyokuba njani uma sesibaqoqela ndawonye ngalelolanga ekungenakungatshazwa kulona na? Futhi umphefumulo ngamunye uyokhokhelwa (ngokuphelele) ngalokho owukusebenzele futhi angeke baphathwe ngokungeyikho ubulungiswa
  26. Ithi, “Oh Mvelinqangi! Mnini wamandla nobukhosi unikeza umbuso lowo omthandayo futhi uphakamisa isithunzi salowo omthandayo ujabhisa lowo amthandayo, esandleni sakho kunobuhle ngempela wena unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto”
  27. Wenza ubusuku bungenelele osukwini futhi wenza usuku lungenelele ebusukwini futhi uveza impilo kokufileyo futhi uveza ukufa kokuphilayo futhi wabela lowo amthandayo ngaphandle kwesibalo (isilinganiso)
  28. Abakholwayo abangathathi abangakholwa njengabangani esikhundleni sabakholwayo futhi noma ngabe ubani owenza lokho angeke athole lutho oluvela kuMvelinqangi ngaphandle kokuthi niqaphele ubungozi kubona. Futhi uMvelinqangi uyanixwayisa ngasijeziso sakhe futhi isiphetho sikuMvelinqangi
  29. Ithi, “Noma niyakufihla okusezifubeni zenu noma niyakuveza uMvelinqangi uyakwazi futhi uyakwazi lokho okusemazulwini nalokho okusemhlabeni futhi uMvelinqangi unamandla ngaphezulu kwezinto zonke”
  30. Ngelelolanga yonke imiphefumulo iyothola lokho ekusebenzele, nakokonke ukubi ekwenzile, uyofisa ukuthi phakathi kwawo nalokho (okubi) okwenzile bekunebanga elide nokuthi uMvelinqangi uyanixwayisa ngesijeziso sakhe futhi uMvelinqangi unobubele ezincekwini (zakhe)
  31. Ithi, “Uma nimthanda uMvelinqangi ngakho-ke ngilandeleni, uMvelinqangi uzonithanda aphinde anithethelele izono zenu futhi uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu”
  32. Ithi hloniphani uMvelinqangi nesithunywa kepha uma befulathela (ekwenzeni lokho) ngakho-ke uMvelinqangi akabathandi abangakholwa
  33. Ngempela uMvelinqangi wakhetha u-Adamu noNowa nomndeni ka-Abrahamu nomndeni ka-Imran ngaphezu kwezizwe zonke
  34. Esinye isizukulwane siphuma kwesinye futhi uMvelinqangi uyezwa uyazi
  35. (Khumbula) ngesikhathi unkosikazi ka-Imran ethi “Nkosi yami ngempela ngiyafunga kuwena ngokusesizalweni sami kunikezelwe (usizo lwakho) ngakho-ke amukela lokhu kumina ngempela wena ungozwayo owaziyo
  36. Kwathi lapho esembelethile (umntwana) wesifazane wathi owesifazane, “Nkosi yami ngibelethe umntwana wesifazane futhi uMvelinqangi ngempela wayeyisazi ngokubelethwe owesifazane futhi isilisa asifani nesifazane futhi owesifazane ngimethe igama elithi Maryam (Mariya) futhi ngimcelela isiphephelo kuwena (Mvelinqangi) nesizukulwane sakhe (ukungalingwa) usathane oxoshiwe (emseni kaMvelinqangi)”
  37. Ngakho-ke iNkosi yakhe yamemukela ngezandla ezimhlophe yamenza wakhula ngendlela enhle yabe seyimbeka ngaphansi kwesandla sika-Zakariya, kwakuthi lapho uZakariya uma engena eMihrab (ekamelweni lomkhuleko) wayemfica ehlinzekwe ngokudla wathi, “Oh Mariya! Kuphumaphi lokhu? Wathi (uMariya), “kuphuma kuMvelinqangi” ngempela uMvelinqangi uhlinzeka ngokudla lowo amthandayo ngaphandle kokumnqumela (kokumlinganisela)
  38. Lapho-ke wathandaza uZakariya (ecela) eNkosini yakhe wathi, “Nkosi yami ngiphe okuvela kuwena okuyinzalo enhle ngempela wena ungosizwayo isicelo
  39. Ngakho-ke izingelosi zammemeza ngesikhathi emile ethandaza ekamelweni lokuthandaza (zathi) uMvelinqangi ukutshela izindaba ezimnandi ngoJohane ziqinisekisa izwi elivela kuMvelinqangi futhi ohloniphekile oqhelelanayo nokwenza ubudlelwano obungemthetho nabesifazane futhi ungumprofethi ophuma phakathi kwabalungileyo
  40. Wathi, “Nkosi yami ngingaba kanjani nendodana kulapho sengikhule kangaka nonkosikazi wami eyinyumba na?” Wathi, “kanjalo-ke uMvelinqangi wenza lokho akuthandayo”
  41. Wathi, “uphawu lwakho ukuthi ungakhulumi nabantu izinsuku ezintathu ngaphandle (kokusebenzisa) izimpawu futhi ukhumbule iNkosi yakho kaningi uyidumise kusihlwa futhi noma kusempondo zankomo”
  42. Futhi (khumbula) ngesikhathi izingelosi zithi “Oh Mariya! Ngempela uMvelinqangi ukukhethile wakuhlanza wakuqoka ngaphezu kwesimame sayoyonke imihlaba”
  43. Oh Mariya! Zinikele ngokuzihlonipha eNkosini yakho futhi uwe ngobuso bese ukhothame kanye nabakhothamayo
  44. Lokho kuyingxenye yezindaba ezingabonwayo esizembula kuwena wawungekho kubona ngesikhathi behlola ngamapeni abo (bewaphonsa emfuleni) ukuthi ubani kubona ozomela ukunakekela uMariya (njengomgcini wakhe) futhi wawungekho kubona ngesikhathi bephikisana
  45. (Khumbula) ngesikhathi izingelosi zithi, “Oh Mariya! Ngempela uMvelinqangi ukunika izindaba ezimnandi ngegama elivela kuye igama lakhe elinguMesiya uJesu indodana kaMariya, ofanele ukuhlonishwa kulomhlaba nasempilweni ezayo futhi uphakathi kwalabo abasondelene (noMvelinqangi)”
  46. Futhi uyokhuluma kubantu esembelekweni futhi noma esekhulile uyokuba ngomunye wabalungileyo
  47. Wathi (owesifazane) “Nkosi yami ngingaba kanjani nendodana kulapho indoda ingakaze ingithinte na?” Wathi noma kunjalo uMvelinqangi udala lokho akuthandayo uma emisa udaba uthi kulona yenzeka bese kwenzeka
  48. Futhi uzomfundisa incwadi nobuhlakani neTorah neVangeli
  49. Futhi amenze isithunywa kubantwana bakwa-Israyeli (ethi), “ngizoza kunina nophawu oluvela eNkosini yenu ukuthi nginibumbele ngodaka lokho isimo sako esinjengesenyoni bese ngiphefumulela kuyona bese iphenduka inyoni (ephilayo) ngentando kaMvelinqangi futhi ngiphilisa abayizimpumputhe nabanesifo sochoko ngivuse abafileyo ngemvume kaMvelinqangi futhi ngiyanitshela ngalokho ekufanele ukuba nikudle nenifanele ukuba nikugcine ezindlini zenu, ngempela kunophawu kunina kulokho uma ningabakholwayo”
  50. Futhi (ngingu) mqinisekisi walokho okwakungaphambilini kwami okuyiTorah, futhi ngiyanivumela ingxenye yalokho enanenqatshelwe kukona futhi ngize kunina nesiqiniseko esivela eNkosini yenu ngakho-ke yesabani uMvelinqangi futhi nihloniphe mina
  51. Ngempela uMvelinqangi yiNkosi yami neNkosi yenu ngakho- ke mkhonzeni, lena yindlela eqondile
  52. Kwathi lapho uJesu esebona ukungakholwa ngasohlangothini lwabo wathi, “ngobani abazoba ngabasizi bami endleleni kaMvelinqangi na?” Abalandeli bathi thina singabasizi baMvelinqangi siyakholwa kuMvelinqangi futhi siyafakaza ukuthi singabazithobileyo ngaphansi kwentando yakhe
  53. Nkosi yethu sikholelwa kulokho okwembulile futhi salandela isithunywa ngakho-ke sibhale phansi kanye nalabo abafakazayo
  54. Futhi babopha uzungu (abangakholwa) noMvelinqangi wabopha uzungu futhi uMvelinqangi ungcono (ngaphezulu) kwababopha uzungu
  55. Futhi (khumbula) ngesikhathi uMvelinqangi ethi, “Oh Jesu! Ngizokuthatha ngikukhuphulele kumina ngizokuhlanza kulabo abangakholwa futhi ngenze labo abakulandelayo babe ngaphezulu kwalabo abangakholwa kuze kube usuku lokuvuka kwabafileyo, ngakho-ke niyobuyela kumina futhi ngiyokwahlulela phakathi kwenu kulokho enaniphikisana ngakho”
  56. Ngakho-ke labo abangakholwa ngizobajezisa ngesijeziso esinzima kulomhlaba nasempilweni ezayo futhi angeke babe nabasizi
  57. Futhi labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle uzobakhokhela ngokugcwele umvuzo wabo futhi uMvelinqangi akazithandi izoni
  58. Yilokhu esinifundela kona emavesini nasesikhumbuzweni esiwubuhlakani
  59. Ngempela ukufana kuka-Jesu kuMvelinqangi kuyefana nalokho kuka-Adam wamdala ngothuli wayesethi kuyena iba (khona) wayeseba khona
  60. (Leli) yiqiniso elivela eNkosini yakho ngakho-ke ungabi (ngomunye) wabalabo abangabazayo
  61. Noma ngabe ubani ophikisana nawe ngakho emva kokuba ulwazi selufikile kuwena ngakho-ke ithi, “Asibize amadodana ethu namadodana enu nabesifazane bethu nabesifazane benu nathi kanye nani bese siyazimisela emthandazweni sikhulekele isiqalekiso sikaMvelinqangi kulabo abaqamba amanga”
  62. Ngempela lena yindaba eyiqiniso, futhi akunanto enokukhonzwa ngaphandle kukaMvelinqangi ngempela uMvelinqangi ungophakeme ngamandlaonobuhlakani
  63. Kepha uma befulathela ngempela uMvelinqangi uyazi ngezoni
  64. Ithi, “Oh Bantu bencwadi! Sondelani ezwini elifanayo phakathi kwethu nani ukuthi angeke sibe nento enokukhonzwa ngaphandle kukaMvelinqangi nokuthi angeke senze abahlanganyele kanye naye nokuthi abanye bethu angeke bathathe abanye njengamakhosi esikhundleni sikaMvelinqangi” kepha uma befulathela ithi, “fakazani ukuthi singabazinikeleyo ngaphansi kwentando kaMvelinqangi”
  65. Oh Bantu bencwadi! Kungani niphikisane ngo-Abrahamu kulapho iTorah neVangeli kwakungakambulwa kwaze kwambulwa emva kwakhe na? Ngakube aninawo umqondo na
  66. Ngakube nina niyilabo abaphikisana ngalokho enaninolwazi ngako, kungan niphikisana ngalokho eningenalo ulwazi ngako na? Futhi uMvelinqangi uyazi kepha nina anazi
  67. U-Abrahamu wayengesiyena umJuda noma umKhrestu kodwa wayekholwe ngokweqiniso, ezinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi futhi wayengesiyena omunye wabakhonza izithixo
  68. Ngempela abaseduze kakhulu no-Abrahamu yilabo abamlandela yena kanye nalomphrofethi kanye nalabo abakholwayo. Futhi uMvelinqangi ungumngane walabo abakholwayo
  69. Iqembu labantu bencwadi lifisa ukuthi linidukise kepha abadukisi muntu ngaphandle kwemiphefumulo yabo kepha ababoni
  70. Oh Bantu bencwadi! Kungani ningakholelwa emavesini kaMvelinqangi nibe nifakaza (ngobuqiniso bawo)
  71. Oh Bantu bencwadi! (amaJuda namaKhrestu) kungani nimboza iqiniso ngamanga futhi nifihla iqiniso nibe nilazi
  72. Futhi ingxenye yabantu bencwadi ithi, “kholelwani kulokho okwembulwa kulabo abakholwayo ekuqaleni kosuku futhi nikuphike ngasekugcineni kwalo mhlawumbe bangaphendukela (eqinisweni)”
  73. Futhi ningathembi (umuntu) ngaphandle kwalabo abalandela inkolo yenu ithi ngempela ukuholwa (ngokuyikho) ukuholwa nguMvelinqangi (ngakube) anikholwa ukuthi omunye engemukela okufanayo nenakwemukela noma baphikisane nani ngaphambili kweNkosi yenu, ithi ngempela umusa usesandleni sikaMvelinqangi uwunikeza lowo amthandayo futhi uMvelinqangi ungamele konke uyazi
  74. Uyamkhetha ngomusa wakhe lowo amthandayo futhi uMvelinqangi ungumnini womusa omkhulu
  75. Futhi phakathi kwabantu bencwadi kunalowo okungathi uma ethenjwa ngokuphathiswa inqwaba yengcebo angayibuyisela kuwena futhi phakathi kwabo kunalowo okungathi uma ethenjwa ngokuphathisa uhlamvu (olulodwa) lwesiliva angeke alibuyisele kuwena ngaphandle kokuba uyabeleselwa (ngalo) lokho kungenxa yokuthi bathi, “Akusilona icala kuthina mayelana nabangafundile futhi bakhuluma okungesilona iqiniso ngoMvelinqangi kulapho bazi
  76. Yebo, noma ngabe ubani ofeza isethembiso sakhe futhi esabe uMvelinqangi ngakho-ke uMvelinqangi uyabathanda abamesabayo
  77. Ngempela labo abashintsha isivumelwano sikaMvelinqangi nezifungo zabo ngenani elincane labo-ke angeke babe nengxenye empilweni ezayo futhi uMvelinqangi angeke akhulume nabo noma ababuke ngelanga lokuvuka kwabafileyo noma ukuthi abahlanze futhi okwabo yisijeziso esibuhlungu
  78. Futhi ngempela phakathi kwabo kuneqembu eliguqula incwadi ngolimi lwabo ukuze nicabange ukuthi kuvela encwadini kodwa kube kungaveli encwadini futhi bathi, “lokho kuvela kuMvelinqangi” kube kungaveli kuMvelinqangi futhi baqamba amanga ngoMvelinqangi kulapho bazi
  79. Akusikhona kwamuntu ukuthi uMvelinqangi anganika (umuntu) incwadi negunya kanye nobuphrofethi bese ethi lowomutu kubantu, “yibani yizikhonzi zami esikhundleni sikaMvelinqangi” kodwa (okunalokho angathi), “yibani ngabantu abaqotho abafundile ngenkolo ngenxa yalokho ebenikufundisa okusencwadini futhi nangenxa yalokho enikufundile”
  80. Noma ukuthi aniphoqe ukuthi nithathe izingelosi nabaphrofethi njengamakhosi, ngakube uniphoqela ekungakholweni emva kokuba nina uqobo lwenu senizinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi na
  81. Futhi (khumbula) ngesikhathi uMvelinqangi enza isivumelwano kubaphrofethi (wathi) “noma ngabe yini enganinika yona esencwadini nobuhlakani ngakho-ke isithunywa sifika kunina siqinisekisa lokho eninakho, kufanele nikholelwe kusona futhi niseseke”, (UMvelinqangi) wathi “ngakube niyavumelana (nalokho) futhi ngakube niyozibophezela kulokho enginethwesa kona na? Bathi “sivumelene (nako)” wathi, “ngakho-ke fakazani futhi nami ngingonobufakazi kanye nani”
  82. Noma ngabe ubani owaphambuka emva kwalokho, labo-ke abangamhloniphi (uMvelinqangi)
  83. Kungabe bafuna okunye ngaphandle kwenkolo kaMvelinqangi na? Kulapho (zonke) izidalwa ezisemazulwini nasemhlabeni zizithobile kuyena zithanda noma zingathandi futhi bayophindiselwa kuyena (bonke)
  84. Ithi, “siyakholwa kuMvelinqangi nakulokho okwembulwa kuthina nakulokho okwembulwa ku-Abrahamu no-Ishmayeli no-Isaki noJakobe nezizwe futhi nakulokho okwanikezwa uMose noJesu nabaphrofethi abavela eNkosini yabo, asilwenzi ubandlululo phakathi kwanoma ngabe yimuphi kubona futhi sizinikele kuyena”
  85. Futhi noma ngabe ngubani ofuna enye inkolo ngaphandle kwe-Islam ayisoze yemukeleka kuye futhi empliweni ezayo uyokuba ngomunye wabalahlekelweyo
  86. Kepha uMvelinqangi angabahola kanjani abantu abaphika ukholo emuva kokuba sebekholiwe na? (bethula) ubufakazi ukuthi isithunywa eseqiniso nezimpawu ezicacile zibe zazifikile kubona na? Futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abenza okubi
  87. Labo, umvuzo wabo ukuthi kuyokuba phezulu kwabo isiqalekiso sikaMvelinqangi nesezingelosi nesabobonke abantu
  88. Bayohlala phakathi ingunaphakade angeke bancishiselwe noma bahlehliselwe isijeziso
  89. Ngaphandle kwalabo abacela intethelelo emva kwalokho futhi benze izenzo ezinhle, ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu
  90. Ngempela labo abaphika ukholo emva kokuba sebekholiwe kwabe sekuyanda ukungakholwa (kwabo) ukuzisola kwabo akusoze kwemukeleka futhi bona bayilabo abedukayo
  91. Ngempela labo abaphikayo bese beyafa bengakholwa (ngisho bangeza) nomhlaba wonke ugcwele igolide awusoze wemukeleka ngisho nakoyedwa wabo, noma ngabe banganikela (ngawo) njengenhlengo labo okwabo yisijeziso esibuhlungu futhi angeke babe nabasizi
  92. Anisoze nafinyelela ekulungeni ngaphandle kokuthi nichithe lokho enikuthandayo futhi noma ngabe yini eniyichithayo ngempela uMvelinqangi uyazi ngayo
  93. Konke ukudla kwakusemthethweni kubantwana bakwa- Israyeli ngaphandle kwalokho u-Israyeli (u-Jakobe) ayezenzele yena uqobo ukuba kungabi semthethweni ngaphambi kokuba iTorah yembulwe ithi “lethani iTora bese niyayifunda uma nineqiniso”
  94. Ngakho-ke noma ngabe ngubani oqamba amanga emumva kwalokhu labo-ke bayizoni
  95. Ithi “uMvelinqangi ukhulume iqiniso ngakho-ke landela inkolo ka-Abrahamu oqotho”, futhi wayengesiyena omunye walabo abakhonza izithixo
  96. Ngempela indlu (yokudumisa) yokuqala eyamiselwa abantu ileyo eseBhaka ebusisiwe futhi engumholi emihlabeni yonke jikelele
  97. Kuyona kunezimpawu ezicacile iyindawo ka-Abrahamu yokuma futhi noma ngabe ngubani ongenayo kuyona uphephile futhi kungokukaMvelinqangi ukuthi abantu bathathe uhambo olungcwele (Hajj) oluya endlini noma ngabe ubani ongakwazi ukuya khona futhi noma ngabe ngubani ophika ukholo ngakho-ke ngempela uMvelinqangi akadingi lutho okusemhlabeni
  98. Ithi, “Oh Bantu bencwadi! Kungani ningakholelwa emavesini kaMvelinqangi na? Futhi uMvelinqangi ungufakazi walokho enikwenzayo”
  99. Ithi, “Oh Bantu bencwadi! Nibavimbelelani endleleni kaMvelinqangi labo abakholiwe nifuna ukuyenza ingaqondi nibe ningofakazi na? Futhi akusho ukuthi uMvelinqangi akakunakile lokho enikwenzayo”
  100. Oh nina enikholwayo! uma nihlonipha iqembu kulabo ababenikwe incwadi bazoniphindisela emumva ekungakholweni emva kokuba senikholiwe
  101. Futhi kungenzeka kanjani ukuthi ningakholwa nibe nifundelwa amavesi kaMvelinqangi na? Futhi phakathi kwenu kunesithunywa sakhe na? Futhi noma ngabe ngubani obambelela ngokuqina kuMvelinqangi ngakho-ke uholelwe endleleni eqondile
  102. Oh Nina enikholiwe! Sabani uMvelinqangi njengoba kufanele kwenziwe futhi ningafi ngaphandle kokuthi nina uqobo lwenu nizinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi
  103. Futhi nibambelele ngokuqina nonke kanyekanye entanjeni kaMvelinqangi (Islam) ningehlukani futhi nikhumbule ububele bukaMvelinqangi phezu kwenu ngesikhathi nibe naniyizitha (somunye nomunye) wabe esehlanganisa izinhliziyo zenu, ngobubele bakhe nabe seniba abazalwane futhi nanisengcupheni yomgodi womlilo, wabe esenihlenga kuwona kanjalo uMvelinqangi uwenza acace amavesi akhe kunina ukuthi ningaholeleka (endleleni eqondile)
  104. Futhi kufanele kube khona phakathi kwenu isizwe esimemela (kukona konke) okuhle, futhi esenza okuhle (lokho i-islam ephoqa ukuba kwenziwe) bese singakwenzi lokho okubi (lokho I-islam ekunqabelayo) futhi labo-ke abaphumelelayo
  105. Futhi ningabi njengalabo abaqembukelana futhi bangavumelani emuva kokuba sebefikelwe ubufakazi obucacile futhi labo-ke okwabo yisijeziso esikhulu
  106. (Ngalolo) suku (obunye) ubuso buyophenduka bube mhlophe obunye buyophenduka bubemnyama. Labo-ke ubuso babo obenziwe babamnyama (kuyothiwa kubona) ngakube naphika ukholo emva kokuba senikholiwe na? Ngakho-ke yizwani isijeziso ngenxa yokuthi naniphika ukholo
  107. Futhi kulabo ubuso babo obenziwe bamhlophe bayokuba semseni kaMvelinqangi bayohlala lapho ingunaphakade
  108. Lawa ngamavesi kaMvelinqangi sikufundela wona ngeqiniso, futhi uMvelinqangi akakuthandi okungesikhona ubulungiswa emihlabeni (ezidalweni zakhe)
  109. Futhi kungokukaMvelinqangi konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni futhi ikuMvelinqangi lapho ziyobuyela khona izimo
  110. Niyisizwe esingcono kakhukulu esiphakanyiselwe abantu, nenza okuhle bese nigwema ububi, futhi nikholwa kuMvelinqangi kepha ukube abantu bencwadi babekholiwe kwakuyoba ngcono kubona abanye babo bangamakholwa kepha iningi labo bangabahlubukayo
  111. Abasoze nakancane babe nobungozi kunina ngaphandle nje kokucunuka futhi uma benilwisa kuyoba nje ukufulathelisa imihlane yabo kunina futhi angeke basizwe
  112. Badunyaziwe noma ngabe ilaphi lapho betholakala khona ngaphandle (uma bengaphansi) kwentambo (isivumelwano) sikaMvelinqangi nentambo (isivumelwano) kubantu futhi bazidonsele intukuthelo kaMvelinqangi, futhi benziwe baba ize leze. Lokho kwakungenxa yokuthi babephika amavesi kaMvelinqangifuthibebulalaabaphrofethingokungemthetho. Lokho kwakungenxa yokuthi babengahloniphi futhi babenza ukona
  113. Akusikhona ukuthi bayefana kubantu bencwadi kuneqembu elimele okuhle (eliqotho) elifunda amavesi kaMvelinqangi ngezikhathi zasebusuku futhi bekhothama (emthandazweni)
  114. Bayakholwa kuMvelinqangi naselangeni lokugcina futhi benza okuhle begwema ububi bancintisane ngokwenza izenzo ezinhle futhi labo-ke baphakathi kwabalungileyo
  115. Futhi noma ngabe yini enhle abayenzayo ayisoze yenqatshwa (yangamukeleki) futhi uMvelinqangi Uyazi ngabamesabayo
  116. Ngempela labo abangakholwa umcebo wabo nezingane zabo akusoze kwabasiza ngalutho kuMvelinqangi futhi labo-ke bangabanqwamani nomlilo bayokuba kuwo ingunaphakade
  117. Ukufana kwalokho abakuchithayo kulempilo yakulomhlaba kunjengomoya obanda kakhulu obhubhise isivuno sabantu abazonele bona uqobo lwabo kube sekubhubha futhi uMvelinqangi akazange abenze okungalungile kepha imiphefumulo yabo eyenze okungalungile
  118. Oh nina enikholiwe! Ningathathi abanye (abantu) njengabaluleki (benu) ngaphandle kwenu (abakholwayo) njengoba bezama ngamandla abo onke ukunifaka ebunzimeni, banifisela lokho okunihluphayo, sebeze baqala ukuveza inzondo ngemilomo yabo, futhi nalokho okufihlekile ezifubeni zabo kukhulu kakhulu futhi sinenzele izimpawu zacaca uma nisebenzisa umqondo
  119. Nina niyilabo ababathandayo kepha bona abanithandi nibe nikholelwa kuyona yonke incwadi (ngobunjalo bayo), futhi uma behlangana nani bathi “siyakholwa” kepha uma sebebodwa baluma izihloko zeminwe yabo ngani ngolaka olukhulu, ithi “felana olakeni lwenu”, ngempela uMvelinqangi uyisazi salokho okusezifubeni
  120. Uma okuhle kunehlela baphatheka kabi futhi uma ububi bunehlela bayakujabulela. Kepha uma nibekezela futhi nesabe (uMvelinqangi) ubuqili babo angeke bube nabungozi nakancane kunina. Ngempela uMvelinqangi ukungamele lokho abakwenzayo
  121. Futhi (khumbula) ngesikhathi uphuma emndenini wakho ekuseni ukuyokwabela abakholwayo izindawo zabo zempi (yase-uHud) futhi uMvelinqangi uyezwa uyazi
  122. (Khumbula) ngesikhathi lapho amaqembu amabili phakathi kwenu esebunzimeni eseqala ukulahlekelwa ithemba kodwa uMvelinqangi waba ngumvikeli wawo womabili, futhi ikuMvelinqangi lapho abakholwayo kufanele babeke khona ithemba
  123. Futhi uMvelinqangi wanisiza (empini) yaseBadar nibe naningenawo amandla (naniyisibalo esincane). Ngakho-ke sabani uMvelinqangi mhlawumbe ningaba nokubonga
  124. (Khumbula) ngesikhathi uthi kwabakholwayo ngakube akunenelisi yini ukuthi inkosi yenu inisize ngezingelosi eziyizinkulungwane ezintathu ezathunyelwa phansi na
  125. Yebo, uma nibekezela futhi nesaba uMvelinqangi (izitha zenu) ziza kunina (ukuzonihlasela) ngolaka olukhulu iNkosi yenu iyonisiza (ngokuthumela) izingelosi eziyizinkulungwane ezinhlanu
  126. Futhi uMvelinqangi akakwenzanga nje ngaphandle kokuthi kube (uphawu) lezindaba ezimnandi kunina futhi ukuze izinhliziyo zenu zikhululeke ngakho futhi akukho ukunqoba ngaphandle kokuvela kuMvelinqangi ophakeme ngamandla, onobuhlakani
  127. Ukuze anqamule iqembu lalabo abangakholwa noma abehlise ukuze baphendukele emuva bedikibele
  128. Akusisona esakho isinqumo (Oh Mohammad! kodwa esikaMvelinqangi) noma uyabathethelela noma uyabajezisa ngempela bona bayizoni
  129. Futhi kungokukaMvelinqangi konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni uthethelela lowo amthandayo futhi ajezise lowo amthandayo futhi uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
  130. Oh Nina enikholiwe! Ningadli inzalo yemali ebolikiwe ephindwe kabili futhi ephindwe kaninginingi nesabe uMvelinqangi ukuze niphumelele
  131. Futhi sabani umlilo olungiselelwe abangakholwa
  132. Futhi hloniphani uMvelinqangi nesithunywa ukuze mhlawumbe nikhonjiswe umusa
  133. Futhi qhudelelanani endleleni (eniholela) entethelelweni evela enkosini yenu nesivande (eParadisi) esibanzi njengamazulu nomhlaba esilungiselelwe abalungileyo
  134. Labo abasebenzisa (endleleni kaMvelinqangi) ebuhleni noma ebunzimeni futhi babambe intukuthelo (yabo) bese bethethelela abantu futhi uMvelinqangi uyabathanda abenzi bokuhle
  135. Nalabo okuthi uma benze okubi noma benze okubi emiphefumulweni yabo, bakhumbule uMvelinqangi bese becela ukuthethelelwa izono zabo, ubani ongathethelela izono ngaphandle kukaMvelinqangi na? Futhi abaphikeleli (abaqhubeki) kulokho abakwenzile bebe bekwazi
  136. Labo-ke umvuzo wabo intethelelo evela eNkosini yabo nezivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula bayohlala khona ingunaphakade futhi muhle kakhulu umvuzo wezisebenzi (ezenza okuhle)
  137. Izimo ezifana nalezo (zenu) esezadlula ngaphambilini kwenu ngakho-ke hambani emhlabeni ukuze nibone ukuthi sasinjani isiphetho salabo ababephika (ababeqamba amanga)
  138. Lena (iQur’an) eyenza kucace kubantu engumholi, engumyaleli ebantwini abesaba uMvelinqangi
  139. Ngakho ningabi ngababuthakathaka futhi ningakhathazeki nina uqobo lwenu niyokuba phezulu ngezinga uma ningabakholwa (ngeqiniso)
  140. Uma nivelelwe inxeba lisuke selivele abantu inxeba elifana nalelo, futhi kulezi zinsuku sinika abantu amathuba ukuze uMvelinqangi azi labo abakholwayo bese ethatha kunina labo abafela ukholo futhi uMvelinqangi akazithandi izoni
  141. Futhi ukuthi uMvelinqangi angahlanza labo abakholwayo bese ebhubhisa abangakholwa
  142. Noma Nicabanga ukuthi niyongena ezulwini kulapho uMvelinqangi engakahlukanisi (ngokuvivinya) phakathi kwenu abalwa endleleni yakhe futhi engakabazi (ngokubavivinya) ababekezelayo
  143. Futhi ngempela nakufisa ukufa ngaphambi kokuba nihlangane nakho kepha manje senikubonile nina uqobo lwenu ngesikhathi nibhekile
  144. Futhi akukho okungaphezu kukaMuhammad ngaphandle kokuthi uyisithunywa ezinye izithunywa sezadlula ngaphambili kwakhe. Uma-ke engase afe noma abulawe ngakube ningafulathelisa izithende zenu (bese ningakholwa) na? Futhi noma ngubani ofulathela ngezithende zakhe akasoze amlimaza nakancane uMvelinqangi futhi uMvelinqangi uyabaklomelisa ababongayo
  145. Futhi angeke kwenzeke ukuthi umuntu afe ngaphandle kwentando kaMvelinqangi ngesikhathi esinqunyiwe, futhi noma ngabe ubani ofuna umvuzo wasemhlabeni siyomnika wona futhi noma ngabe ubani ofuna umvuzo wempilo ezayo siyomnika wona futhi siyoklomelisa ababongayo
  146. Futhi bangaki abaphrofethi abalwa kanye naye iningi lezifundiswa ngenkolo kodwa babengadikibali ngenxa yobunzima ababenqwamana nakho endleleni kaMvelinqangi futhi babengabi buthakathaka noma ngisho bazehlise futhi uMvelinqangi uyabathanda ababekezelayo
  147. Abazange basho lutho ngaphandle kokuthi bathi “Nkosi yethu sithethelele izono zethu neziphambuko ekuziphatheni kwethu futhi uqinise ukubambelela kwezinyawo zethu, futhi senze ukuba sibanqobe abantu abangakholwayo
  148. Ngakho-ke uMvelinqangi wabanikeza umvuzo wakulelizwe kanye nomvuzo omuhle wempilo yakwelizayo ngokuba uMvelinqangi uyabathanda abenzi bokuhle
  149. Oh nina enikholwayo! uma nihlonipha labo abangakholwanga bayokwenza ukuthi izithende zenu ziphenduke zibheke emuva ngakho-ke niyophendukela emuva ningabalahlekelweyo
  150. Kodwa uMvelinqangi ungumvikeli wenu futhi yena ungumsizi ongcono obedlula bonke
  151. Siyophonsa ukwesaba ezinhliziyweni zalabo abangakholwa ngenxa yokwenzela kwabo uMvelinqangi izimbangi ekumdumiseni akazange nakancane alehlise igunya lokwenza lokho, indawo yabo umlilo futhi yimbi indawo yezoni
  152. Futhi ngokungangabazeki uMvelinqangi wasigcina isethembiso sakhe kunina ngesikhathi nibabulala ngemvume yakhe, naze nalahlekelwa umdlandla futhi naphikisana ngomyalelo (enaniwunikiwe) nangahloniphi emuva kokuba esenikhombisile lokho enikuthandayo phakathi kwenu, kukhona abathanda lomhlaba futhi phakathi kwenu kukhona abathanda impilo yakwelizayo, ngakho- ke wabe eseyaniqhelelanisa kubona ukuze anivivinye futhi usenithethelele, uMvelinqangi ungumnini womusa (kubantu) abakholwayo
  153. Futhi (Khumbulani) ngesikhathi nikhuphuka entabeni ngaphandle kokubuka (omunye) umuntu eceleni nesithunywa sinibiza ngemuva ngakho-ke (uMvelinqangi) waninika usizi phezu kosizi ukuze ningaphatheki kabi ngenxa yalokho osekwanedlula nangenxa yalokho okwanehlela futhi uMvelinqangi ukwazi kahle lokho enikwenzayo
  154. Ngakho-ke emuva kosizi wathumela ukuphepha phezu kwenu, ingxenye yenu yathathwa ubuthongo kepha enye ingxenye yayicabangela imiphefumulo yayo bacabanga ngoMvelinqangi okungesilona iqiniso, imicabango yokungazi bathi “ngakube siphathelene yini naloludaba na? Ithi ngempela udaba lonke lungolukaMvelinqangi, Bayakufihla emiphefumulweni yabo lokho abangeke bakuveze kuwena bathi “uma besingenza okuthize kuloludaba ngabe asizange sibulawe lapha ithi “ noma ngabe benisezindlini zenu labo ababe ngunyelwe lelo bizo (lokufa) belizobafikela endaweni yabo yokufa, ukuze uMvelinqangi avivinye lokho okusezifubeni zenu futhi ahlanze lokho okusezinhliziyweni zenu futhi uMvelinqangi uyisazi salokho okusezifubeni (okusezinhliziyweni zenu)
  155. Ngempela labo kunina abaphendukela emuva ngelanga kuhlangana amabutho amabili (empini yase uHud) ngempela uSathane owenza ukuba bashelele ngenxa yezinye zezinto ababezizuzile, uMvelinqangi wayesevele usebathethelele, ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo, obekezelayo
  156. Oh nina enikholwayo! Ningazifanisi njengalabo abangakholwanga futhi bathi kubazalwane babo uma behamba ezweni noma uma babeye empini ukube babekanye nathi ngabe abazange bafe noma babulawe, ngakho-ke uMvelinqangi wakwenza lokho kwaba ukuzisola okusezinhliziyweni zabo futhi nguMvelinqangi ophilisayo (osipha impilo) nodala ukufa futhi uMvelinqangi uyakubona lokho enikwenzayo
  157. Uma nibulewe noma nifile, endleleni kaMvelinqangi ngempela intethelelo ivela kuMvelinqangi nomusa, kungcono kakhulu kunalokho abakuqoqela (ndawonye)
  158. Futhi noma ngabe nifile noma nibulewe ngempela niyohlanganiswa ndawonye kuMvelinqangi
  159. Kungenxa yomusa kaMvelinqangi ukuthi ubenobubele kangaka kubona kanti uma bewukade ubaphethe ngesandla esiqinile (ngesihluku) futhi unenhliziyo ebukhuni, ngabe baqhelelana nawe ngakho-ke bathethelele ubacelele uxolo, ubonisanenaboodabeni, ngakho-keumasewuthatheisinqumo beka ithemba lakho kuMvelinqangi ngempela uMvelinqangi uyabathanda labo ababeka ithemba (labo kuyena)
  160. Uma uMvelinqangi enisiza akukho okunganinqoba khepha uma enishiya ngubani lowo oyonisiza ngemuva kwakhe na? Futhi LikuMvelinqangi lapho bebeka khona ithemba abakholwayo
  161. Akusikhona kwanoma yimuphi umphrofethi ukuthi angenza ukungathembeka futhi noma ngabe ngubani owenza ukungathembeki, uyoletha lokho angazange athembeke ngakho ngelanga lokuvuka kwabafileyo, ngakho-ke yonke imiphefumulo iyovuna izithelo zalokho ekutshalileyo, futhi bona angeke baphathwe ngendlela engafanele
  162. Ngakube lowo ofuna injabulo kaMvelinqangi uyefana yini kanye nalowo ozidonsela intukuthelo kaMvelinqangi na? Futhi ikhaya lakhe yisihogo futhi sibi (leso) siphetho
  163. Bona basemazingeni (ahlukehlukene) emehlweni kaMvelinqangi, futhi uMvelinqangi uyakubona lokho abakwenzayo
  164. UMvelinqangi ubaphe umusa abakholwayo uma ethumela isithunywa phakathi kwabo kubona uqobo, esibafundela amavesi akhe siyabahlanza futhi sibafundisa incwadi nobuhlakani ngempela ngaphambilini babesebumnyameni (ekudukeni) ngokusobala
  165. Kungani uma nehlelwe yisehlo (esibi) kanye (bese niphatheka kabi) nibe nabazwisa (abayizitha zenu) ngokuphindwe kabili kunalokho ngobunzima nathi “kuvelaphi lokhu na?” Ithi kuvela emiphefumulweni yenu uqobo (ngenxa yezono zenu) ngempela uMvelinqangi unamandla ngaphezu kwazo zonke izinto
  166. Futhi okwanehlela ngosuku kuhlangana amabutho amabili, lokho kwakungokwentando kaMvelinqangi ukuze azi abakholwayo (ngokweqiniso)
  167. Futhiukuzeazilaboabangabazenzisi, kwabesekuthiwakubona, “wozani, nilwe endleleni kaMvelinqangi noma nizivikele” bathi, “ukube besisazi ukuthi kuzoliwa besizonilandela” bona kwakuseduzane kakhulu kubona ukungakholwa kunokukholwa ngalelolanga futhi uMvelinqangi uyakwazi kangcono lokho abakufihlayo
  168. Yilabo abakhuluma ngabafowabo (ababulawa) ngesikhathi bona uqobo behleli (emakhaya abo), ukube babesihloniphile (babesilalelile) babengeke babulawe. Ithi qhelelanisani imiphefumulo yenu nokufa uma nina nineqiniso
  169. Futhi nize ningacabangi ngalabo ababulawe endleleni kaMvelinqangi njengabafile, cha! Bangabaphilayo baseNkosini yabo bayondliwa
  170. Bajabulile ngalokho uMvelinqangi abanike kona ngobubele bakhe, bajabulela labo (abayofela enkolweni) emuva kwabo labo abangakahlangani nabo ukuthi angeke kubekhona ukwesaba kubona futhi bona angeke baphatheke kabi
  171. (Bathola) izindaba ezimnandi ngobubele obuvela kuMvelinqangi nomusa futhi uMvelinqangi akawuvumeli ukuthi umvuzo wabakholwayo ulahlekele
  172. Labo abaphendula (ekumenyezweni) nguMvelinqangi nesithunywa emuva kokuba sebethole ukulimala, labo abenza okuhle phakathi kwabo futhi basabe uMvelinqangi okwabo ngumvuzo omkhulu
  173. Labo abantu abathi kubona ngempela abantu sebehlangene ndawonye ukuze babhekane nani, ngakho-ke basabeni lokho kwanezezela ukholo lwabo futhi bathi “uMvelinqangi usanele (yena) ungumchithi wezindaba ongcono”
  174. Ngakho-ke babuya ngobubele nomvuzo ovela kuMvelinqangi, abukho okubi okwabathinta (okwabavelela) futhi balandela injabulo kaMvelinqangi, uMvelinqangi ungumnini womvuzo omkhulu
  175. Ngempela ngusathane uqobo lwakhe ophakamisa ukuthi nesabe abalandeli bakhe, ngakho-ke ningabesabi kepha nesabe mina uma nina ningabakholwayo
  176. Futhi abangakukhathazi labo abajaha ukungakholwa ngempela bona abasoze nakancane babe nobungozi ngalutho kuMvelinqangi, uMvelinqangi uthanda ukungababeli ingxenye empilweni yakwelizayo futhi okwabo yisijeziso esibuhlungu
  177. Ngempela labo abathenga (abakhetha) ukungakholwa (esikhundleni) sokukholwa abasoze babe nobungozi ngalutho kuMvelinqangi futhi okwabo yisijeziso esibuhlungu
  178. Futhi labo abangakholwa abangacabangi ukuthi ukubanika kwethu ithuba kuhle emiphefumulweni yabo, kepha ukubanika kwethu ithuba ukuze baqhubeke nokwenza isono futhi okwabo yisijeziso esidumazayo
  179. Angeke uMvelinqangi ashiye abakholwayo kuleso (simo) nina enikusona kuze kube uhlukanisa izoni kwabalungileyo futhi uMvelinqangi angeke anivezele (imfihlo) yokungabonwayo kepha uMvelinqangi ukhetha ezithunyweni zakhe lowo amthandayo, ngakho-ke kholwani kuMvelinqangi nasezithunyweni zakhe uma nikholwa futhi niqotho (nesaba uMvelinqangi) ngakho-ke okwenu umvuzo omkhulu
  180. Futhi labo abancishanayo ngalokho uMvelinqangi abaphe kona ngomusa wakhe bacabanga ukuthi kulungile kubona kodwa kube kunobubi obukhulu kubona, bayothandelwa ngalokho ababencishana ngakho ngosuku lokuvuka kwabafileyo nokuthi kungokwefa likaMvelinqangi (konke) okusemazulwini nokusemhlabeni futhi uMvelinqangi unolwazi ngalokho enikwenzayo
  181. UMvelinqangi uyizwile inkulumo yalabo abathi “ngempela uMvelinqangi umpofu kepha thina siyizicebi, siyoloba lokho abakushilo kanye nokubulala kwabo abaphrofethi ngokungemthetho futhi siyothi yizwani isijeziso somlilo ovuthayo
  182. Lokho kungenxa yalokho okwathunyelwa yizandla zenu ngaphambili futhi akusikona ukuthi uMvelinqangi akanabulungiswa ezincekwini (zakhe)
  183. Labo abathi, “Ngempela uMvelinqangi wenze isithembiso kuthina ukuthi singakholelwa kunoma yisiphi isithunywa kuze kube sisilethela umnikelo odliwa umlilo, ithi senake nafikelwa izithunywa ngaphambilini kwami, nobufakazi obucacile (ngisho) nalokho, enikhuluma ngakho, ngakho-ke kwakungoba yini nababulala uma nineqiniso na
  184. Ngakho-ke uma bekuphika, nezithunywa zaziphikwa kanjalo ngaphambilini kwakho, zafika nezimpawu ezicacile nemibhalo yemithetho, nencwadi ekhanyisayo (eqondisayo)
  185. Yonke imiphefumulo iyozwa ukufa, futhi kuphela niyonikwa imivuzo yenu ngosuku lokuvuka kwabafileyo, ngakho-ke noma ngabe ngubani oqhelelene nomlilo uyongeniswa ezulwini (ngempela) ungophumeleleyo futhi impilo yakulomhlaba ayilutho ngaphandle kobumnandi benkohliso
  186. Ngempela niyovivinywa ngengcebo yenu, nangemiphefumulo yenu uqobo, futhi ngempela niyozwa ngalabo ababenikwe incwadiababengaphambilinikwenufuthinakulaboababenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni (bekhonza izithixo) uhlupho olukhulu kepha uma nibekezela futhi nesabe uMvelinqangi ngempela lokho kuyoba ngumnqamula juqu ezimweni
  187. Futhi (khumbulani) ngesikhathi uMvelinqangi amukela isivumelwano kulabo ababenikezwa incwadi ukuze bayichazele abantu ngokusobala futhi bangayifihli kodwa bona bayintshinga ngemuva kwemihlane yabo, futhi bathenga ngayo okungeyinzuzo yalutho ngempela kubi kakhulu lokho abakuthengileyo
  188. Ningacabangi ukuthi labo abajabulela lokho abakwenzile futhi bathande ukudunyiswa ngalokho abangakwenzanga ungabacabangeli ukuthi bayophunyuka esijezisweni, futhi bayothola isijeziso esibuhlungu
  189. Futhi ungokaMvelinqangi umbuso wamazulu nomhlaba futhi uMvelinqangi unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto
  190. Ngempela ekudalweni kwamazulu nomhlaba nokuguquguquka kobusuku nemini ngempela kuyizimpawu kulabo abaqondayo
  191. Labo abakhumbula uMvelinqangi bemile noma behleli noma (belele) ngezinhlangothi zabo futhi becabanga ngokudalwa kwamazulu nomhlaba (bethi), “Nkosi yethu awukudalanga lokhu ngokungenhloso udumo malube kuwena ngakho-ke sivikele esijezisweni somlilo
  192. Nkosi yethu! Ngempela noma ngabe ubani omfaka emlilweni umhlazile futhi izoni angeke zibe nabo abasizi
  193. Nkosi yethu ngempela thina simzwile ummemezi ememela enkolweni (ethi) kholwani enkosini yenu, ngakho-ke sabe sesiyakholwa, Nkosi yethu sithethelele izono zethu nokuthi ucishe izenzo zethu ezimbi futhi senze ukuba sife kanye nabalungileyo
  194. Nkosi yethu! Futhi siphe lokho owasethembisa kona esithunyweni sakho futhi ungasihlazi ngosuku lokuvuka kwabafileyo ngempela wena awusephuli isithembiso (sakho)”
  195. Ngakho-ke iNkosi yabo yabaphendula (emithandazweni yabo). Angisoze ngavumela ukuba kulahleke umsebenzi wanoma ngabe yisiphi isisebenzi phakathi kwenu, noma ngabe isilisa noma ngabe isifazane abanye benu bayingxenye yabanye, ngakho-ke labo abafuduka futhi abakhishwa emakhaya abo futhi behlushwa endleleni yami, balwa futhi babulawa ngempela ngiyosula izenzo zabo ezimbi bese ngibafaka ezivandeni okugobhoza imifula ngaphansi kwazo (lokho) kungumvuzo ovela kuMvelinqangi futhi kuMvelinqangi kunemivuzo engcono kakhulu
  196. Nize ningakhohliswa ukuyaluza kwalabo abangakholwa ezweni
  197. Kuyinjabulo encane ngakho-ke indawo yabo yokuhlala kuyoba isihogo futhi yimbi (leyo) ndawo yokuphumula
  198. Kodwa labo abesaba iNkosi yabo okwabo yizivande okugobhoza imifula ngaphansi kwazo, bayohlala khona ingunaphakade lokho kuyinjabulo evela kuMvelinqangi futhi lokho okukuMvelinqangi kungcono kakhulu kulabo abalungile
  199. Futhi ngempela phakathi kwabantu bencwadi kukhona labo abakholwa kuMvelinqangi nakulokho okwembulwa kunina nakulokho okwembulwa kubona, bezithoba ngokuzinikela kuMvelinqangi abawathengi amavesi kaMvelinqangi ngenani elincane labo-ke okwabo umvuzo wabo useNkosini yabo ngempela uMvelinqangi ungosheshayo ekubaleni (ekwahluleleni)
  200. Oh nina enikholwayo! Bekezelani ngisho nangaphezulu kokubezela futhi nibe munye nesabe uMvelinqangi ukuze niphumelele