4.The Women

  1. Oh Bantu! Sabani iNkosi yenu enidalile emphefumulweni owodwa yadala kuwona umsizi wawo waphinde wenza ukuthi kuyona yomibili (imiphefumulo) kuphume abesilisa abaningi nabesifazane futhi sabani uMvelinqangi okunguyena enibuzana ngaye nezizalo (ekuyizona ezanizala) ngempela uMvelinqangi uhlala engaphezulu kwenu enigcinile
  2. Futhi nikani izintandane okwazo futhi ningashintshi okubi ngokuhle futhi ningadli okwazo (izintandane) nikwenze okwenu ngempela kona kuyisono esikhulu
  3. Futhi uma nesaba ukuthi angeke nikwazi ukwenza ubulungiswa ezintandaneni (zabesifazane) shadani abesifazane enibathandayoababilinomaabathathunomaabane, kephauma nesaba ukuthi angeke nenze ubulungiswa (kubona) ngakho- ke (shadani kuphela) noyedwa noma lokho okuphethwe yisandla senu sangakwesokudla lokhu (kwenzelwe) ukuthi ukuze ningachezukeli (ekungenzini ubulungiswa)
  4. Futhi nikani abesifazane (enizoshada nabo) izipho zabo ngenhliziyo enhle, kepha uma bona (abesifazane) benifisela ingxenye yokuthi kwakho kudleni futhi nikuthokozele ngaphandle kokusaba ubungozi
  5. Futhi ningayiniki iziwula ingcebo yenu okuyiyona uMvelinqangi ayenze yaba yisondlo senu. Futhi bondleni ngayo (ingcebo) nibagqokise ngokunjalo futhi nikhulume kubona inkulumo ngendlela efanele neyakhayo
  6. Futhi vivinyani izintandane zize zifike ebangeni lokuthi zishade, ngakho-ke uma senikwazile ukubehlulela kwangempela umqondo (wabo) abakhokhelwe ingcebo yabo (ifa), futhi ngingayidli (ingcebo yabo) ngokuyimosha nangokushesha ngokuthi zizokhula futhi noma ngabe ubani oyisicebi akaqhelelane (nokuthatha imali) kepha lowo ompofu akadle (akayithathe) ngendlela enobulungiswa kepha uma senizikhokhela ingcebo yazo (ifa) lethani ofakazi phambili kwazo (izintandane) futhi uMvelinqangi wanele njengombali
  7. Emadodeni kunesabelo kokwashiywa abazali nezihlobo ezisondele, nakwabesifazane kunesabelo kokwashiywa abazali nezihlobo ezisondele, noma ngabe sincane noma ngabe sikhulu isabelo esiyimpoqo
  8. Uma abayizihlobo nabayizintandane nabaswele bekhona ekwahlukaniseni, babeleni kukona futhi nikhulume nabo amazwi ngendlela enobulungiswa
  9. Futhi akube ngukuthi labo (abahlukanisa ifa nabagadi) besabe (ukungenzi ubulungiswa) okungathi ukube bebeshiye ngemuva inzalo ebuthakathaka babezoba novalo ngayo, ngakho-ke mabesabe uMvelinqangi futhi bakhulume inkulu elungileyo
  10. Ngempelalaboabadlaimpahlayezintandanengokungesikhona ubulungiswa kuphela nje badla umlilo eziswini zabo futhi bayosha emlilweni (wesihogo)
  11. UMvelinqangi uyaniphoqa mayelana nezingane zenu (mayelana nengxenye yefa lazo) isabelo sowesilisa silingana nesabelo sabesifazane ababili, kepha uma abesifazane (amadodakazi) emabili noma engaphezu kwamabili isabelo sawo sefa okubili kokuthathu kokwashiywa (oshonile) kepha uma emunye okwakhe ingxenye yefa futhi okwabazali bakhe ngamunye wabo okuyisithupha efeni kulokho akushiyile, uma eshiye ingane kepha uma engayishiyanga ingane ifa lakhe lidliwa abazali, okukamama wakhe okunye kokuthathu (efeni) uma lowo oshonile enabafowabo ngakho-ke okukamama wakhe okuyisithupha (konke lokhu kwaba) kwenziwa emuva kokukhokha okwasalayo okungase kube uyakukhokha okuyifa noma isikweletu, anazi ukuthi ubani osondele kakhulu kunina mayelana nokuzuza (efeni) abazali benu noma izingane zenu, (lezi zabelo) ziyimpoqo evela kuMvelinqangi. Ngempela uMvelinqangi ungowaziyo unobuhlakani
  12. Futhi okwenu yingxenye yalokho okushiywa amakhosikazi enu uma kungukuthi awanayo ingane. Uma kungukuthi awanayo ingane isabelo senu yingxenye eyodwa kokune kuloko akushiyile (amakhosikazi enu) lesisabelo senziwa emuva kokukhokhela okwasalayo okungase kube uyakukhokha okuyifa noma isikweletu, futhi okwawo (amakhosikazi enu) yingxenye eyodwa kokune kulokho enikushiyile uma kungukuthi aninayo ingane. Kepha uma kungukuthi ninayo ingane okwawo (amakhosikazi enu) yingxenye eyodwa kokuyisishiyagalombili kulokho enikushiyile (lezo zabelo zenziwa) emuva kokukhokhwa kokwasalayo okungase kube uyakukhokha okuyifa noma isikweletu. Kepha uma kungukuthi indoda noma owesifazane engenazo izingane noma abazali ashiye ifa kepha enomfowabo noma udadewabo ngakho-ke ngamunye-ngamunye kubona uthola isabelo sokuyisithupha kepha uma kungukuthi baningi ngaphezu kwalokho bazohlukaniselana kokuthathu (lezo zabelo zenziwa) emva kokukhokhwa kokwasalayo okungase kube uyakukhokha okuyifa noma isikweletu inqobo nje uma kungekho bungozi (obudalekile) lokhu kuyimpoqo evela kuMvelinqangi futhi uMvelinqangi uyazi uyabekezela
  13. Lezi yizinqumo zikaMvelinqangi futhi noma ngabe ubani ohlonipha uMvelinqangi nesithunywa sakhe uyomngenisa ezivandeni okugobhoza ngaphansi kwazo imifula bayohlala khona ingunaphakade futhi lokhu kungukunqoba okukhulu
  14. Futhi noma ngabe ubani ongamhloniphi uMvelinqangi nesithunywa sakhe bese eqe izinqumo zakhe uyomfaka emlilweni uyohlala kuwona ingunaphakade futhi uyothola isijeziso esidumazayo
  15. Futhi labo abesifazane benu abenza okungalungile baletheleni ofakazi abane phakathi kwenu ngakho-ke uma befakaza iqiniso (ngabo) bavaleleni (abesifazane) ezindlini kuze kube ngukuthi bathathwa ukufa noma uMvelinqangi ubenzela (enye) indlela
  16. Futhi labo ababili kunina abenza izenzo ezingalungile ngakho-ke bajeziseni bobabili uma bezisola futhi bezilungisa bona, ngakho-ke bayekeni bobabili ngempela uMvelinqangi ungokwamukelayo ukuzisola unesihawu
  17. UMvelinqangi wamukela kuphela ukuzisola kwalabo abenza okubi bengazi bese becela intethelelo maduzane labo-ke bayilabo uMvelinqangi abathethelelayo futhi uMvelinqangi ungowaziyo unobuhlakani
  18. Ukuphenduka akusikhona okwalabo abaqhubeka nokwenza izenzo ezimbi kuze kuthi uma esefikelwa ukufa omunye wabo bese ethi, “manje sengiphendukile futhi hhayi labo abafa bengesiwona amakholwa labo-ke sibalungiselele isijeziso esibuhlungu
  19. Oh Nina enikholwayo! akusiwona umthetho kunina ukuthi nithathe abesifazane njengefa bengathandi, futhi ningabaphathi kabi (abesifazane) ukuze nithathe ingxenye yalokho (isipho sokushada) enabanika sona ngaphandle kokuba uma benza izenzo ezimbi ngokusobala, futhi hlalani nabo ngendlela efanele kepha uma ningabathandi kungenzeka ukuthi ningakuthandi okuthize kepha uMvelinqangi enibekele okuhle kakhulu kukona
  20. Futhi uma nifisa ukuthatha omunye unkosikazi esikhundleni somunye unkosikazi nibe nanika oyedwa wabo (abesifazane) isipho esikhulu (somshado) nize ningabothatha lutho kusona nilubuyisele emumva ngisho nakancane ngakube nisithatha ngendlela engafanele nengenabo ubulungiswa (lokho) kuyisono esisobala
  21. Kepha ningasithatha kanjani (isipho) abanye benu sebevele bengenile kwabanye futhi sebesithathile isivumelwano esiqinile kunina
  22. Futhi ningashadi nalabo besifazane asebake bashada nobaba benu ngaphandle kwalokho osekwenzeka ngempela kwakukubi futhi (uMvelinqangi) wakuzonda kuyindlela embi
  23. Ninqatshelwe ukuthi (nishade) nomama benu, namadodakazi enu, nabodadewenu, nodadewabo kababa wakho, nodadewabo kamama wakho, namadodakazi kamfowenu, namadodakazi kadadewenu, nomama benu okuyibona abanincelisa, nobodadewenu okuyibona abanceliswe omama benu (bengazalwa yibona) nabakhwekazi benu, namadodakazi angaphansi kwesandla senu (agadwe yinina) azalwa amakhosikazi enu eniwangenile, kepha uma ningazange niwangene (amakhosikazi) ngakho-ke akuyisona isono kunina, amakhosikazi amadodana ekungawokhalo lwenu, futhi nithatha odade ababili (ukuze nishade nabo) kanyekanye ngaphandle kwalokho osekwadlula ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu
  24. Futhi (nenqatshelwe bonke) abesifazane abashadile ngaphandle kwalabo abasezandleni zenu zangakwesokudla (lona ngumthetho) olotshwe nguMvelinqangi kunina futhi (bonke) bavumelekile kunina ngaphandle kwalabo, inqobo nje uma nifuna (ukushada nabo nibanikeni isabelo) engcebweni yenu nibe msulwa ningenzi ukulalana okungekho emthethweni futhi noma ngabe yini enijabulisayo kubona ngakho-ke banikeni inkokhelo yabo (okuyisipho sabo lona) ngumthetho oyisibopho futhi akusilona icala kunina kulokho enivumelana ngakho emva komthetho oyisibopho ngempela uMvelinqangi wazi konke unobuhlakani
  25. Futhi noma ngabe ubani phakathi kwenu ongakwazi ukushada nabesifazane abakhululekile abakholwayo ngakho- ke (angashada) nalabo abasezandleni zenu zangakwesokudla (abesifazane abayizigqila) abakholwayo futhi uMvelinqangi ungowazi kangcono ngokholo lwenu, (abakholwayo) bangabanye babanye ngakho-ke shadani nabo ngemvume yabanini babo (labo ababagadile) futhi nibanike okuyisabelo sabo (isipho somshado) ngendlela eyamukelekile, (labo abesifazane abayizigqila kufanele) babemsulwa, bangabi yilabo abahlangana (nabesilisa) ngokungesiwona umthetho, noma bangabi abesifazane abanabangani besilisa, kepha uma sebesemshadweni uma bephinga ngakho-ke okwabo yingxenye yesijeziso sabesifazane (abangashadile) abakhululekile, lokhu okwalowo kunina owesaba ubungozi kodwa kungcono kakhulu kunina ukuba nibekezele futhi uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu
  26. UMvelinqangi uthanda ukunenzela kugqame (phakathi kokuhle nokubi) futhi aniholele endleleni yalabo ababengaphambilini kwenu futhi amukele ukuzisola kwenu uMvelinqangi uyazi unobuhlakani
  27. UMvelinqangi uthanda ukuba amukele ukuzisola kwenu kepha labo abalandela izinkanuko (zabo) bathanda ukuniphambukisa ukuphambuka okukhulu
  28. UMvelinqangi uthanda ukunenzela lula (ubunzima) enikubona futhi umuntu wadalwa waba buthakathaka
  29. Oh nina enakholwayo! Ningaboyidla ingcebo yenu phakathi kwenu ngezindlela ezingenabo ubulungiswa ngaphandle uma kungukuhweba kube kuyisivumelwano phakathi kwenu, futhi ningazibulali ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi unesihawu kunina
  30. Futhi noma ngabe ngubani owenza lokho wenza ubutha nokungesikhona ubulungiswa, siyomphonsa emlilweni futhi lokho kuyinto elula kakhulu kuMvelinqangi
  31. Uma niqhelelana nokwenza izono ezinkulu lezo enenqatshelwe ukuzenza siyocima izono zenu futhi siningenise esangweni elihloniphekile (ezulwini)
  32. Futhi ningakufisi lokho uMvelinqangi enze ngako ukuthi abanye benu bedlule abanye, emadodeni kunesabelo kulokho akuzuzile futhi nakwabesifazane kunesabelo kulokho abakuzuzile futhi celani ububele bukaMvelinqangi ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyazi ngazozonke izinto
  33. Kubona bonke abantu sibeke izindlalifa kulokho okushiywe abazali nezihlobo futhi nakulabo enabathembisa abangasezandleni zenu zangakwezokudla banikezeni ingxenye yabo ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi ungufakazi kuzona zonke izinto
  34. Amadoda yiwona alondoloza abesifazane ngenxa yokuthi uMvelinqangi wenze abanye babo ukuthi bedlule abanye (ngezinga) futhi nangenxa yalokho abakuchithayo engcebweni yabo, ngakho-ke abesifazane abalungile yilabo abazinikele ekuhlonipheni nokugada ukungabibikho (kwabayeni babo) njengoba uMvelinqangi ebalondolozile, futhi lawo (makhosikazi) enisaba ukungahloniphi kwawo welulekeni (kepha uma eqhubeka) niwashiye embhedeni, niwashaye kepha uma enihlonipha ningazami izindlela zokuphikisana nawo ngempela uMvelinqangi uphakeme mkhulu
  35. Futhi uma nesaba uqhekeko phakathi kwabo bobabili ngakho- ke thumelani umahlukanisi ophuma phakathi kwabantu bakhe (owesilisa) nomahlukanisi ophuma phakathi kwabantu bakhe, uma bobabili befuna ukubuyisana uMvelinqangi ozokwenza (kube impumelelo) phakathi kwabo bobabili ngempela uMvelinqangi uyisazi unobuhlakani
  36. Futhi khonzani uMvelinqangi ningamenzele nakancane abahlanganyeli ekumkhonzeni futhi nenze okuhle kubazali, nasezihlotsheni, nasezintandaneni, nakubaswele, nakumakhelwane oseduzane nomakhelwano okude, nakulowo okanye naye oseceleni kwakho, nasesihambini, nakulabo abasezandleni zenu zangakwezokudla ngempela uMvelinqangi akabathandi abaqhoshayo nabazigabisayo
  37. Labo abancishanayo futhi bakhuthaze abantu ngokuncishana bese befihla lokho uMvelinqangi abapha kona ngomusa wakhe, futhi silungiselele abangakholwa isijeziso esiyihlazo
  38. Futhi labo abachitha ingcebo yabo ukuze babukwe ngabantu bese bengakholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina futhi noma ngabe ngubani othatha usathane njengomngane wakhe ngakho-ke ububi nguyena njengomngane (kasathane)
  39. Futhi yibuphi (ubungozi) okungaba phezulu kwabo ukube babekholwe kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina nokuthi bachithe kulokho uMvelinqangi abaphe kona futhi noma nini uMvelinqangi uyisazi ngabo
  40. Ngempela uMvelinqangi akabenzi okungesikhona ubulungiswa (ngisho noma) okungangesisindo sentwanyana encane futhi uma kunesenzo esihle uyasiphindaphinda aphinde aphe kulokho anako umvuzo omkhulu
  41. Ngakho-ke kuyoba njani uma siletha kuzona zonke izizwe ofakazi bese siletha wena ube ngufakazi kubona
  42. Ngalolosuku labo abangakholwanga futhi bangasihloniphi isithunywa, bayofisa sengathi umhlaba ungabagqiba futhi abanankulumo abangayifihlela uMvelinqangi
  43. Oh Nina enikholwayo! Ningasondeli emthandazweni uma nidakiwe kuze kube niyakwazi enikushoyo noma nisesimweni sejanaba (ukungahlanzeki emva kokuhlangana kobulili obungefani baze bageze umzimba wonke) ngaphandle kwalabo abahamba bedlula (endaweni yomthandazo) kuze kube nigeza (imizimba yenu yonke) kepha uma nigula noma nisohambweni noma oyedwa wenu evela endaweni yokuzikhulula noma uma nithinte abesifazane, uma ningawatholi amanzi ngakho-ke funani umhlabathi ohlanzekile bese nizisula ngawo ebusweni benu nasezandleni zenu ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyathethelela uyaxolela
  44. Awuzange yini ubabone labo ababenikwe ingxenye yencwadi na? Bathenga impambuko futhi bafisa sengathi ningaphambuka endleleni
  45. Futhi uMvelinqangi uzazi kahle izitha zenu nokuthi uMvelinqangi wanele njengomvikeli futhi uMvelinqangi wanele njengomsizi
  46. Phakathi kwalabo abangabamaJuda kukhona labo abahlanekezela inkulumo bayisuse kulokho eyikona futhi bathi, “sizwile sangahloniphi” futhi izwa kodwa ungezwiwa futhi bathi ra’ina (silalele nathi sizokulalela) begoqa izilimi zabo futhi becekela phansi inkolo kepha ukube bona babethe, “sizwile sahlonipha” futhi linda thina (ukuze siqonde) kwakuzoba ngcono kubona futhi kwakuzobe kufanelekile kodwa uMvelinqangi wabaqalekisa ngenxa yokungakholwa kwabo ngakho-ke abakholwa ngaphandle kwedlanzana nje
  47. Oh nina enaninikezwe incwadi! Kholelwani kulokho esakwehlisela phansi okuqinisekisa lokho eninako ngaphambilini kokuba sihlikihle ubuso sibujikise bubheke emumva noma sibaqalekise njengoba saqalekisa abephuli bomthetho weSabatha, umthetho kaMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyagcinwa
  48. Ngempela uMvelinqangi akamthetheleli lowo owenza abahlanganyeli naye ekumkhonzeni kepha uthethelela ongakwenzilokholowoamthandayofuthinomangabengubani owenzela uMvelinqangi abahlanganyeni ekumkhonzeni useziqambele isono esikhulu
  49. Awukababoni yini labo abathi bamsulwa na? Kepha uMvelinqangi ohlanza lowo amthandayo futhi angeke benziwe okungenabo ubulungiswa ngisho nakancane
  50. Bheka ukuthi bamqambela kanjani uMvelinqangi amanga futhi kwanele lokho njengesono esisobala
  51. Awukababoni yini labo ababenikezwe ingxenye yencwadi na? Bakholelwa ezintweni eziyize leze nasezintweni ezingamanga ekungafanele ukuba bakholelwe kuzona esikhundleni sikaMvelinqangi futhi bathi kulabo abangakholwa “laba baholwe ngendlela (eqondile) ngaphezulu kwalabo abakholwayo”
  52. Yibona labo uMvelinqangi abaqalekisile futhi, lowo nguMvelinqangi amqalekisayo awusoze wamtholela umsizi
  53. Noma banesabelo yini embusweni na? (uma kunjalo) angeke babaphe abantu ngisho nento encane
  54. Noma banomona kubantu ngalokho uMvelinqangi abaphe kona ngobubele bakhe ngakho-ke sanika umndeni ka- Abrahama incwadi nobuhlakani futhi sabanika umbuso omkhulu
  55. Ngakho-ke abanye phakathi kwabo bakholelwa kuyona kepha abanye phakathi kwabo baqhelelana nayo futhi (umlilo) wesihogo ovuthayo wanele (ukubajezisa)
  56. Ngempela labo abangakholelwanga emavesini ethu siyobaphonsa emlilweni, njalo-nje uma izikhumba zabo zihanguliwe siyozishintsha ngezinye izikhumba ukuze bazwe isijeziso ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  57. Futhi labo abakholwayo abenza izenzo ezilungile siyobafaka ezivandeni okugobhoza ngaphansi kwazo imifula bayohlala khona ingunaphakade, okwabo lapho kuyoba yizithandwa ezimsulwa futhi sibangenise emthunzini ojulile
  58. Ngempela uMvelinqangi uniphoqa ukuthi nenze ukuthembeka kulabo ekufanele nikwenze kubona futhi uma nehlulela phakathi kwabantu nehlulele ngobulungiswa ngempela ubuhle obukhulu yilokhu uMvelinqangi anifundisa ngakho, ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyezwa uyabona
  59. Oh nina enikholwayo! Hloniphani uMvelinqangi futhi nihloniphe nesithunywa nalabo phakathi kwenu abayiziphathimandla uma niphikisana ngokuthize ngakho- ke kudluliseleni kuMvelinqangi nasesithunyweni uma nina nikholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina lokho kuhle kakhulu kunomphumela omuhle kakhulu
  60. Awukababoni yini labo abenza sengathi bona bakholelwa kulokho okwembulwa kuwena nakulokho okwembulwa ngaphambilini kwenu? Bathanda ukuthi bathathe isinqumo basibhekise ezithixweni bekade baphoqwa ukuthi bangakholelwa kuzona futhi usathane ufisa ukubaholela ekudukeni okukude le
  61. Futhi uma kuthiwa kubona, “wozani kulokho uMvelinqangi akwembulile nasesithunyweni” ubona abazenzisi bekufulathela beqhelelana (nako)
  62. Kepha kuyoba njani uma behlelwe yisehlo ngenxa yalokho izandla zabo ezikuthumele ngaphambili bese beza kuwena befunga ngoMvelinqangi bethi, “besingaqonde lutho ngaphandle kobuhle nokubuyisana (ukuzwana)”
  63. Labo-ke yilabo (abazenzisi) akwaziyo uMvelinqangi lokho okusezinhliziyweni zabo. Ngakho – ke qhelelanani nabo nibayale futhi nikhulume nabo inkulumo eqotho mayelana nemiphefumulo yabo
  64. Futhi asisithumelanga isithunywa ngaphandle kokuthi sihlonishwe ngentando kaMvelinqangi noma ngabe bona benze okubi emiphefumulweni yabo beza kuwena becela intethelelo kuMvelinqangi kepha nesithunywa sabacelela intethelelo, babengamthola uMvelinqangi elamukela uxolo lwabo enesihawu
  65. Kodwa cha ngeNkosi yenu angeke bakholwe (ngokweqiniso) kuze kube bakwenza umehluleli kulokho abaphikisana ngakho phakathi kwabo futhi abazange bathole lutho ezinhliziyweni zabo okungavimba kulokho okunqumile futhi bamukeleni ngokuzithoba
  66. Futhi noma ngabe besibamisele ukuthi bazibulale bona uqobo lwabo noma niphume emakhaya enu abazange bakwenze lokho ngaphandle kwedlanzana kubona futhi noma ngabe bona bakwenzile lokho ababetshelwe kona ukuba bakwenze kwakuzoba ngcono kubona futhi kuqinisekile kakhulu
  67. Futhi ngempela sasizobanika umvuzo omkhulu ovela kuthina
  68. Futhi sasizobaholela endleleni eqondile
  69. Futhi noma ngabe ngubani ohlonipha uMvelinqangi nesithunywa ngakho-ke labo bakanye nalabo uMvelinqangi ehlisele phezulu kwabo izibusiso zakhe abavela phakathi kwabaphrofethi nababambelele eqinisweni nabafela ukholo nabalungileyo labo-ke bangabangane bekhethelo
  70. Lokho kungububele obuvela kuMvelinqangi futhi uMvelinqangi wanele njengesazi
  71. Oh nina enikholwayo! Qaphelani noma niya phambilini (empini) ningamaqembu noma niyaphambili nonke kanyekanye
  72. Futhi uma kungukuthi phakathi kwenu kunalowo osalela ngemumva ngakho-ke uma nehlelwa yisigameko uthi, “uMvelinqangi ungibusisile ngokuthi ngingabi kanye nabo”
  73. Kepha uma nehlelwe umusa ovela kuMvelinqangi ngempela babezothi kungathi akuzange kube khona lutho phakathi kwenu naye Oh! ngifisa sengathi ngangikanye nabo ngakho- ke ngangizozuza inzuzo enkulu
  74. Ngakho-ke mabalwe endleleni kaMvelinqangi labo abathengisa (abakhetha) impilo yakulomhlaba esikhundleni sempilo yakwelizayo futhi noma ngabe ngubani olwa endleleni kaMvelinqangi noma ngabe angabulawa noma anqobe ngakho-ke siyomnika umvuzo omkhulu
  75. Futhi kungoba yini ningalwi endleleni kaMvelinqangina? Nabacindezelekile phakathi kwamadoda nabesifazane nezingane labo abathi, “Nkosi yethu sikhiphe kuledolobha abantu balo abangabacindezeli futhi sikhombele ngokwakho umvikeli usikhombele ngokwakho umsizi”
  76. Labo abakholwayo abalwa endleleni kaMvelinqangi kanye nalabo abaphika ukholo balwa endleleni yezithixo ngakho- ke yilwani nabangane basathane, ngempela icebo likasathane ngasosonke isikhathi alenzi lutho
  77. Awuzange ubabone yini labo okwathiwa kubona, “zithibeni izandla zenu (ekulweni) nenze umthandazo ninikele kwabampofu ngenkathi nanimiselwe ukulwa yilapho iqembu kubona lesaba abantu njengokwesaba uMvelinqangi noma ukwesaba okukhulu” futhi bathi, “Nkosi yethu kungani usimisele ukulwa na? Ukube nje bewusihlehliselele isikhashana esiseduze” ithi injabulo yakulomhlaba yincane kepha impilo yakwelizayo ingcono kulowo owesaba uMvelinqangi futhi angeke kwenziwe okungesikhona ubulungiswa kunina ngisho nakancane
  78. Noma ngabe nikuphi ukufa kuyonithatha noma ngabe ningaba senqabeni enkulu ephakeme eyakhiweyo futhi uma behlelwa okuthize okuhle bathi, “lokhu kuvela kuMvelinqangi” kepha uma behlelwe okubi bathi, “lokhu kuvela kuwena (Muhammad)” ithi zonke izinto zivela kuMvelinqangi kwenzakalani ngalababantu abangafuni ukuqonda inkulumo na
  79. Lokho okukwehlelayo okuhle kuvela kuMvelinqangi kepha okukwehlelayo okubi kuvela emphefumulweni wakho futhi sikuthumele kubantu ukuba ube yisithunywa futhi uMvelinqangi wanele njengofakazi
  80. Lowo ohlonipha isithunywa ungohlonipha uMvelinqangi kepha noma ngabe ubani obuyela emuva ngakho-ke asikuthumelanga kubona ukuthi ube umgadi (wabo)
  81. Bathi, “siyahlonipha” kepha uma besuka kuwena iqembu kubona lichitha ubusuku libopha uzungu ukuze lingenzi lokho okushoyo, kepha uMvelinqangi ubhala phansi lokho abachitha ubusuku bebopha uzungu ngakho, bayeke ubeke ithemba (lakho) kuMvelinqangi ngoba uMvelinqangi wanele njengommeli
  82. Ngakube abayinaki yini iQur’an? Ukube beyingaveli kuMvelinqangi babezoyithola inempikiswano eningi phakathi
  83. Futhi uma kuza kubona okuthize mayelana nokulondolozeka noma ukwesaba bakwenza kwaziwe kodwa ukube bebekudlulisele esithunyweni nakulabo abayiziphathi mandla kubona, labo abangakwazi ukufinyelela esinqumweni ngokuyikho kulodaba bebezokwazi ngalo futhi ukube babungekho ububele bukaMvelinqangi nomusa wakhe ngempela nanizolandela usathane ngaphandle kwabayingcosane
  84. Ngakho-ke yilwa endleleni kaMvelinqangi asikho isibopho ngaphandle komphefumulo wakho nokugqugquzela abakholwayo, kuze kube uMvelinqangi angabamba amandla alabo abangakholwa, uMvelinqangi ungaphezulu kwalokho ngamandla futhi unzima ekujeziseni
  85. Noma ngabe ngubani okhulumela isenzo esihle okwakhe yingxenye kulokho futhi noma ngabe ngubani okhulumela isenzo esibi okwakhe yingxenye kulokho, uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyakwazi ukwenza zonke izinto
  86. Futhi uma nibingelelwa ngesibingelelo bingelelani ngesibingelelo esingcono kunaso noma niphindisele ngaso ngempela uMvelinqangi uhlala njalo engaphezu kwazo zonke izinto ezibhekisisa
  87. UMvelinqangi, akunanto/umuntu onokukhonzwa ngaphandle kwakhe, ngempela uyoniqoqela ndawonye ngosuku lokuvuka kwabafileyo, akukho ukungabaza kulona futhi ubani oneqiniso kakhulu kunoMvelinqangi ngenkulumo na
  88. Kwenzenjani ngani ukuthi nibe amaqembu amabili mayelana nabazenzisi na? Ngenkathi uMvelinqangi ebenze ukuthi babuyele emuva (emaphutheni abo) ngenxa yalokho ababekuzuzile (abakwenzile) ngakube nifuna ukuhola lowo uMvelinqangi amdukisile na? futhi lowo odukiswe uMvelinqangi awusoze wamtholela indlela (yokumhola)
  89. Bafisa ukuthi nani ningakholwa njengoba bengakholwanga nokuthi nifane ningenzi abangane phakathi kwabo kuze kube bafudukela endleleni kaMvelinqangi kepha uma bephendukela emuva (benqaba) babambeni nibabulale noma ngabe ikuphi lapho nibathola khona futhi ningathathi abangani phakathi kwabo futhi ningathathi basizi
  90. Ngaphandle kwalabo abaya eqenjini phakathi kwenu kanye nalabo okunesivumelwano noma labo abeza kunina, izifuba (izinhliziyo) zabo zizithibe ekulweni nani noma ekulweni nabantu babo futhi ukube uMvelinqangi wayethanda wayezobanika amandla ngaphezu kwenu ngakho-ke babezolwa nani kodwa uma beziqhelelanisa nani bengalwi nani futhi benikhombisa ukuthula okusho ukuthi uMvelinqangi akazange anenzele indlela (yokulwa) nabo
  91. Niyothola abanye abafisa ukuba balondolozeke kunina nokulondozeleka kubantu babo, ngasosonke isikhathi uma bephindiselwa kwi-fitnah (ekungakholweni) babuyela (bawela) emuva kukhona, kepha uma beziqhelelanisa nani futhi benikhombisa ukuthula futhi bengabambi izandla zabo ngakho-ke babambeni nibabulale noma ngabe ikuphi lapho nibathola khona futhi nina sininike igunya elisobala maqondana nabo
  92. Futhi akusoze kwaba okwekholwa ukuthi libulale (elinye) ikholwa ngaphandle nje uma kuyiphutha futhi noma ngabe ubani obulale ikholwa ngephutha ngakho-ke makakhulule isigqila esikholwayo futhi akhokhe isinxephezelo (imali yegazi) kubantu bakhe (umndeni womufi) ngaphandle uma (umndeni) umthethelela uma kungukuthi (lowo) obulewe uphuma kubantu abayizitha zenu uma yena wayeyikholwa ukukhululwa kwesigqila esikholwayo (kufanele kwenziwe) futhi uma kungukuthi wayephuma ebantwini ekunesivumelwano phakathi kwenu nabo isinxephezelo (imali yegazi) mayikhokhwe kubantu bakhe (emndenini wakhe) nokukhululwa kwesigqila esikholwayo kufanele kwenziwe kepha lowo angeke akwazi ukuthola (izindlela zokukhokha) makazile izinyanga ezimbili ezilandelanayo ukuze azifunele intethelelo evela kuMvelinqangi futhi uMvelinqangi uhlala njalo engowaziyo enobuhlakani
  93. Futhi noma ngabe ubani obulala ikholwa ngenhloso umvuzo wakhe kuyoba isihogo uyohlala khona ingunaphakade futhi uMvelinqangi uyoba nolaka kuye, amqalekise futhi usemlungiselele isijeziso esikhulu
  94. Oh nina enikholwayo! uma niphuma (niyolwa) endleleni kaMvelinqangi nenze uphenyo futhi ningathi kulowo oninika (isibingelelo) sokuthula ukuthi awusilona ikholwa nifuna izinto zempilo yalomhlaba kepha kuMvelinqangi kunenzuzo eningi ngokunjalo naninjalo ngaphambilini uMvelinqangi wabeka ububele phezu kwenu ngakho-ke enzani uphenyo ngempela uMvelinqangi uhlala njalo lokho enikwenzayo ekubona
  95. Abalingani labo abakholwayo abahlala (emakhaya abo) ngaphandle kwabakhubazekile nabazabalaza endleleni kaMvelinqangi ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo. Futhi uMvelinqangi wakhetha abazabalaza (endleleni yakhe) ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo ngaphezu kwalabo abasalela ngemuva (emakhaya abo) ngezinga futhi kubona bonke uMvelinqangi wathembisa okuhle, uMvelinqangi wakhetha abazabalaza (endleleni yakhe) ngaphezu kwalabo abahleli (emakhaya abo) ngomvuzo omkhulu
  96. Amazinga aphakeme avela kuyena nentethelelo nomusa futhi uMvelinqangi uhlala njalo ethethelela enesihawu
  97. Ngempela labo izingelosi ezenza ukuba bafe (kwakungenxa yokuthi) bona imiphefumulo yabo (izingelosi) zathi (kubona) ikusiphi (isimo) enanikuso, bathi sasingababuthakathaka emhlabeni zathi akusikhona yini ukuthi umhlaba kaMvelinqangi undlalekile ukuze nifuduke kuwona na? Labo- ke indawo yabo yisihogo futhi sibi (leso) siphetho
  98. Ngaphandle kwababuthakathaka abangamadoda nabesifazane nezingane abangeke bakwazi ukwenza isu noma ukuzitholela indlela
  99. Ngakho-ke yilabo ekubhekeleke ukuthi uMvelinqangi abathethelele futhi uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyaxolela ethethelela
  100. Futhi noma ngabe ubani ofudukela endleleni kaMvelinqangi emhlabeni uyothola indawo yokuhlala eningi nebanzi futhi noma ngabe ubani oshiya indlu (ikhaya) lakhe efudukela uMvelinqangi nesithunywa sakhe bese ethathwa ukufa okusempeleni umvuzo wakhe ukuMvelinqangi futhi uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyathethelela enesihawu
  101. Futhi uma nizihambela nje emhlabeni akukho ukusolwa kunina uma niwenza ube mifishane umthandazo. Uma nesaba ukuthi labo abangakholwa bangase banixakazise (banihlasela) ngempela abangakholwa bayizitha zenu ezisobala ngasosonke isikhathi
  102. Futhi uma wena uphakathi kwabo ngakho-ke bahole emthandazweni ukuze iqembu phakathi kwabo lisukume (lithandaze) kanyenawefuthimabathatheizikhalizabongakho- ke uma sebeqedile ukujabalala (ukuthandaza) ababe ngemuva kwenu futhi bese kuza elinye iqembu elingakathandazi ukuze lithandaze kanye nawe futhi baziqaphe bathathe nezikhali zabo, labo abangakholwa bafisa sengathi ningangazinaki izikhali zenu nemithwalo yenu ukuze banihlasele umkanye futhi akukho ukusolwa kunina (uma nibeka izikhali zenu) ngenxa yokuhlushwa yimvula noma uma kade nigula, ukuze nibeke phansi izikhali zenu bese niyaziqapha ngempela uMvelinqangi walungiselela abangakholwa isijeziso esidumazayo
  103. Ngakho-ke uma seniqedile ukuthandaza khumbulani uMvelinqangi nimile, nihleli noma (nilele) ngezinhlangothi zenu. Kephaumaseningasekhoebungozinienzaniumthandazo ngempela umthandazo wamiselwa (wabekelwa) abakholwayo ngezikhathi ezinqunyiweyo
  104. Futhi ningabi buthakathaka ekuxosheni abantu (izitha zenu) uma nizwa ubuhlungu (ukuhlupheka) ngempela nabo bayakuzwa ubuhlungu njengoba nani nibuzwa ubuhlungu kodwa nina nifisa kuMvelinqangi okuhle lokho abangakufisi futhi uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyazi unobuhlakani
  105. Ngempela sembula kuwena incwadi eneqiniso ukuze wehlulele phakathi kwabantu ngalokho uMvelinqangi akukhombise kona futhi ungabi ummeli wabenza amacebo (amabi)
  106. FuthiuceleintethelelokuMvelinqangingempelauMvelinqangi uyathethelela unesihawu ngasosonke isikhathi
  107. Futhiungenziimpikiswanongalaboabazikhohlisabonauqobo, ngempela uMvelinqangi akamthandi lowo ongumkhohlisi oyisoni
  108. Bafihlela abantu (izenzo zabo ezimbi) angeke bazifihle kuMvelinqangi ngokuba ukanye nabo ngesikhathi bebopha uzungu ebusuku ngenkulumo engavumelani naye futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi ukuzungezile (uyakwazi) lokho abakwenzayo
  109. Oh nina enikholwayo! Niyilabo abaphikisana ngabo empilweni yakulomhlaba ngakho-ke ngubani oyokwenza impikiswano ngabo kuMvelinqangi ngosuku lokuvuka kwabafileyo noma ubani oyoba ngummeli wabo na
  110. Futhi noma ngabe ubani owenza izenzo ezimbi noma owenza okungasikhona ubulungiswa emphefumulweni wakhe bese ecela intethelelo kuMvelinqangi uyothola uMvelinqangi ethethelela enesihawu
  111. Futhi noma ngabe ubani owenza isono ngakho-ke ngempela wenzele umphefumulo wakhe futhi uMvelinqangi uyazi unobuhlakani ngasosonke isikhathi
  112. Futhi noma ngabe ubani owenza iphutha noma isono bese ekubeka phezu (komuntu) omsulwa uzethwese umthwalo wamanga nesono esicacile
  113. Futhi ukube babungekho ububele bukaMvelinqangi phezulu kwakhonomusawakhengempelaiqembukubonalaliyonquma ukukudukisa kepha abadukisi (muntu) ngaphandle kwemiphefumulo yabo futhi abakulimazi ngalutho nakancane futhi uMvelinqangi wembula kuwena incwadi nobuhlakani wabe esekufundisa lokho owawungakwazi futhi ububele buka Mvelinqangi obuphezulu kwakho ngasosonke isikhathi bukhulu
  114. Abukho ubuhle ezinkulumweni zabo eziningi zangasese ngaphandle kwalowo ophanayo noma enze ukulunga noma (lowo) owenza ukubuyisana phakathi kwabantu futhi noma ngabe ubani owenza lokho efuna injabulo kaMvelinqangi ngakho-ke siyomnika umvuzo omkhulu
  115. Futhi noma ubani ophikisa isithunywa emva kokuba esefikelwe ukuholwa okucacile futhi alandele enye indlela ekungesiyona yamakholwa siyomgcina kuleyo ndlela ayikhethile siyomphonsa esihogweni esiyisiphetho esibi
  116. Ngempela uMvelinqangi akasithetheleli (isono) somenzela abahlanganyeli ekumkhonzeni kepha uthethelela okunye ngaphandle kwalokho kulowo amthandayo futhi lowo owenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni uduke ukuduka okukude le
  117. Uma bebiza (bekhuluma), ababizi yena kodwa ngaphandle kwesifazane uma bebiza ababizi lutho ngaphandle kukasathane ongumhlubuki
  118. UMvelinqangi wamqalekisa wabe esethi ngempela ngizothatha ezincekwini zakho ingxenye ethize
  119. Futhi ngempela ngiyobadukisa futhi ngempela ngiyokwenza ukuthi kuvuke kubona izinkanuko eziyize leze futhi ngiyobaphoqa ukuba banqume izindlebe zezinkomo futhi ngibaphoqa ukuba baguqule indalo kaMvelinqangi futhi noma ngabe ubani othatha usathane njengomngane ayeke uMvelinqangi ulahlekelwe ukulahlekelwa okucacile
  120. Uyabathembisa (usathane) futhi enze ukuthi kuvuke kubona izinkanuko eziyize leze futhi usathane akabethembisi lutho ngaphandle kokubakhohlisa
  121. Labo-ke isiphephelo sabo kuyoba yisihogo futhi angeke balithole ithuba lokuphunyuka kusona
  122. Kodwa labo abakholelwa (ebunyeni bukaMvelinqangi) benze nezenzo ezilungileyo (ezinhle) siyobangenisa ezivandeni okugeleza ngaphansi kwazo imifula lapho beyohlala khona ingunaphakade, isithembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso futhi ngubani onenkulumo eyiqiniso ngaphezulu kwekaMvelinqangi na
  123. Angeke kube njengezifiso zenu noma njengezifiso zabantu bencwadi noma ngabe ubani owenza okubi uyothola umvuzo ngako futhi angeke athole umvikeli noma umsizi ngaphandle kukaMvelinqangi
  124. Futhi noma ngabe ubani owenza izenzo ezilungile noma ngabe owesilisa noma owesifazane futhi eyikholwa ngakho-ke labo bayongena ezulwini futhi angeke benziwe okungenabo ubulungiswa ngisho nakancane
  125. Futhi ngubani ongcono enkolweni kunalowo ozininikela kuMvelinqangi (ngokuphelele) futhi engumenzi wokuhle futhi alandele inkolo ka-Abrahamu oqotho futhi uMvelinqangi wenza ukuthi u-Abrahamu abe umngane (wakhe) omkhulu
  126. Futhi kungokukaMvelinqangi konke okusemazulwini futhi nakho konke okusemhlabeni futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uzungeleze (wazi) zonke izinto
  127. Bakubuza (ngezindlela ezisemthethweni) mayelana nokuphathwa kwabesifazane ithi “uMvelinqangi uninika (izindlela ezisemthethweni) mayelana nabesifazane nalokho okufundelwa nina okusencwadini mayelana nezintandane zabesifazane eningaziniki lokho ezinqunyelwe kona futhi nifisa ukushada nazo nezingane ezicindezelwe (ezibuthakathaka) nokuthi nisukume ngokuqina mayelana nokwenza ubulungiswa ezintandaneni futhi noma ngabe yini enhle eniyenzayo ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uyazi ngayo”
  128. Futhi uma owesifazane esaba ukuphathwa kabuhlungu noma ukunganakwa umyeni wakhe asikho isono phezulu kwabo bobabili uma bona bobabili bebuyisana, ukubuyisana (ukuxolelana) kungcono futhi uma imiphefumulo ibuswa umona kodwa uma nenza okuhle futhi nesabe uMvelinqangi ngakho-ke ngempela ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uyazi ngalokho enikwenzayo
  129. Futhi anisoze nakwazi ukuthi niphathe amakhosikazi ngokulinganayo noma ngabe niyazama (ukukwenza lokho) ngakho-ke ningabonika omunye (unkosikazi) isikhathi esiningi (kunomunye) bese ningamnaki omunye futhi uma nenza ubulungiswa nesabe uMvelinqangi ngakho-ke ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyathethelela unesihawu
  130. Futhi uma behlukana (benza isehlukaniso) uMvelinqangi uyonika ngamunye (kubona) ingcebo enaleni yakhe futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi wanele (ukugcwalisa izidingo zezidalwa zakhe) unobuhlakani
  131. Futhi kungokukaMvelinqangi konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni futhi sabatshena labo ababenikwe incwadi ngaphambilini kwenu kanye nani ukuthi basabe uMvelinqangi kepha uma bephika ukholo ngakho-ke ngempela kungokukaMvelinqangi konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi akadingi lutho ungobongekayo
  132. Futhi kungokuka Mvelinqangi konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni futhi uMvelinqangi wanele njengommeli (wabakholwayo)
  133. Oh Bantu! uma ethanda anganihambisa (anganisusa) alethe abanye (esikhundleni senu) futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi unamandla okukwenza lokho
  134. Noma ngabe ubani ofisa umvuzo wakulomhlaba ngakho-ke kuMvelinqangi kunomvuzo wakulomhlaba nowempilo ezayo futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uyezwa uyabona
  135. Oh nina enikholwayo! Yibani ngabame ngokuqina ekwenzeni ubulungiswa, ofakazi baMvelinqangi noma ngabe kuphikisana nemiphefumulo yenu noma abazali (benu) noma izihlobo noma ngabe uyisicebi noma umpofu ngakho-ke uMvelinqangi ungumvikeli ongcono wabo bobabili ngakho-ke ungalandeli ize leze (lokho kuzokwenza) ukuthi ungenzi ubulungiswa kepha uma behlanekezela (iqiniso) noma benqaba (ukuliveza) ngakho-ke ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi lokho enikwenzayo uyakwazi
  136. Oh nina enikholwayo! Kholwani kuMvelinqangi nesithunywa sakhe (Muhammad) nasencwadini eyambulwa esithunyweni sakhe (iQur’an) futhi nasencwadini ayembula (kulabo) ababengaphambilini (kwaso) futhi noma ngabe ubani ongakholwa kuMvelinqangi nasezingelosini zakhe nasezincwadini zakhe nasosukwini lokugcina ngakho-ke uduke ukuduka okukude le
  137. Ngempela labo abakholwayo babuye bayeke ukholo babuye bakholwe babuye bangakholwa bese kuyanda ukungakholwa, uMvelinqangi akasoze abathethelele futhi akasoze abaholele endleleni (eqondile)
  138. Batshele abazenzisi ukuthi okwabo yisijeziso esibuhlungu
  139. Labo abathatha abangakholwa ukuba babengabavikeli esikhundleni sabakholwayo. Ngakube bafuna udumo kube olwabo na? Ngakho-ke ngempela udumo lonke lungolukaMvelinqangi
  140. Futhi sewanembulela encwadini ukuthi uma nizwa amavesi kaMvelinqangi (izimpawu nobufakazi) ephikwa futhi kwenziwa inhlekisa ngawo ngakho-ke ningabohlala kanye nabo kuze kube bangena enkulumweni ekungesiyona leyo (bashintsha inkulumo) ngempela niyofana nabo (uma nihlala nabo) ngempela uMvelinqangi uyobaqoqela ndawonye abazenzisi nabangakholwa bonke esihogweni
  141. Labo abanilindile (abanibhekile) uma ninokunqoba okuvela kuMvelinqangi bathi “Asizange yini sibe kanye nani na”? Kepha uma abangakholwa bevelelwe yinhlanhla bathi (kubona) asizange yini sibe ngaphezulu kwenu ngokunqoba futhi asizange yini sinivikele kwabakholwayo na? Ngakho- ke uMvelinqangi uyokwahlulela phakathi kwenu ngosuku lokuvuka kwabafileyo futhi uMvelinqangi akasoze wenzela abangakholwa indlela (yokunqoba) abakholwayo
  142. Ngempela abazenzisi (bacabanga) ukuthi bakhohlisa uMvelinqangi kepha uyena obakhohlisayo futhi noma ngabe besukumela umthandazo basukuma ngobuvila ukuze babonwe ngabantu futhi abamkhumbuli uMvelinqangi ngaphandle kwesikhashana esincane nje
  143. Bangabaza phakathi kwalokhu nalokhuya ukuthi ngabe (bayingxenye) yalabo (abakholwayo) noma (bayingxenye) yalabo (abangakholwa) futhi noma ngabe ubani oshiywa nguMvelinqangi ekudukeni awusoze wamtholela indlela (eya eqinisweni)
  144. Oh nina enikholwayo! Ningabathathi abangakholwa ukuba babe ama-Awliya (abangane, abasizi noma abavikeli) esikhundleni sabakholwayo ngakube nifuna ukunika uMvelinqagi ubufakazi obucacile obuphambene nobukunina na
  145. Ngempela abazenzisi bayokuba ebangeni eliphansi ekujuleni komlilo futhi awusoze wobatholela umsizi
  146. Ngaphandlekwalaboabacelaintethelelobenzeizenzoezilungile bese bebambelela kuMvelinqangi bese inkolo yabo ibeqotho kuMvelinqangi ngakho-ke labo bakanye nabakholwayo futhi uMvelinqangi uyonika abakholwayo umvuzo omkhulu
  147. Kungani uMvelinqangi eyonijezisa uma ninokubonga futhi nikholwa (kuyena) na? Futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi ungobongayo ungowaziyo
  148. UMvelinqangi akathandi kukhulunywe inkulumo embi ngaphambi kwabantu ngaphandle kwalowo owoniwe futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi ungozwayo owaziyo
  149. Uma nikuveza okuhle noma nikufihla noma nithethelele (abenza) okubi ngakho-ke ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyathethelela unamandla
  150. Ngempela labo abangakholwa kuMvelinqangi nasezithunyweni zakhe bafuna ukwenza umehluko phakathi kukaMvelinqangi nezithunywa zakhe futhi bathi siyakholelwa kwezinye (izithunywa) kepha asikholelwa kwezinye futhi bafuna ukwenza indlela phakathi kwalokho
  151. Labo-ke bona bangabangakholwa ngokweqiniso futhi salungiselela abangakholwa isijeziso esidumazayo
  152. Futhi labo abakholwa kuMvelinqangi nasezithunyweni zakhe futhi bangawenzi umehluko phakathi kwanoma ngabe yimuphi phakathi kwabo (abaphrofethi) labo-ke uyobanika imivuzo yabo futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
  153. Abantu bencwadi bakucela ukuthi wehlisele phansi kubona incwadi evela ezulwini sebake bacela kuMose okukhulu kunalokho ngakho-ke bathi sikhombise uMvelinqangi ngokugqamile ngakho-ke bathathwa ukuphazima kombani ngenxa yokuba yizoni kwabo, bathatha ithole (isithixo ukuba balikhonze) emuva kokuba sebefikelwe ubufakazi obucacile kepha sabathethelela kulokho futhi sanika uMose igunya elisobala
  154. Futhi njengesivumelwano kubona saphakamisa intaba (yaqonga) ngaphezulu kwabo futhi sathi kubona ngenani esangweni niguqile ngokuzithoba saphinde sathi kubona ningaphambuki emthethweni wesabatha futhi sathatha kubona isivumelwano esiqinile
  155. (Sabaqalekisa) ngenxa yokuphula kwabo isivumelwano sabo nokuphika kwabo ama-Ayat (ubufakazi, izimpawu, amavesi, izifundo, izibonakaliso kanye nezambulo) zikaMvelinqangi nokubulala kwabo abaphrofethi ngokungesilona iqiniso (ngokungemithetho) nenkulumo yabo ethi izinhliziyo zethu zimboziwe (asikuqondi lokhu okushiwo yizithunywa) kepha uMvelinqangi uzimbozile (izinhliziyo zabo) ngenxa yokungakholwa kwabo ngakho-ke abakholwa ngaphandle kwedlanzana
  156. Futhi (Sibaqalekisile) ngenxa yokungakholwa kwabo nangenxa yenkulumo yabo eyinhlamba enkulu ngoMariya
  157. Futhi nangenkulumo yabo ethi, “ngempela thina sambulala uMesiya uJesu indodana kaMariya” uyisithunywa sikaMvelinqangi kepha abazange bambulale futhi abazange bambethele esiphambanweni kepha kwakwenziwe kwabonakalakanjalokubonafuthingempelalaboabaphikisana ngakho basekungabazeni ngakho, abanalo ulwazi ngakho ngaphandle kokulandela imicabango nje ngempela abazange bambulale
  158. Kepha uMvelinqangi wamkhuphulela kuyena futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  159. Futhi akukho noyedwa kubantu bencwadi ngaphandle kokuthi ngempela bakholelwa kuyena ngaphambi kokufa kwakhe futhi ngosuku lokuvuka kwabafileyo uyokuba ngufakazi obhekene nabo
  160. Ngakho-ke ngenxa yokuba yizoni kwalabo abangamaJuda sabanqabela ezintweni ezinhle ezazivumelekile kubona futhi nangokuvimbela kwabo abaningi endleleni kaMvelinqangi
  161. Nangokuthatha kwabo inzalo (yemali) ababekade benqatshelwe kukona futhi nangokudla kwabo ingcebo yabantu ngokungesikona ubulungiswa futhi silungiselele abangakholwa phakathi kwabo isijeziso esibuhlungu
  162. Kepha abanolwazi olunzulu phakathi kwabo kanye nabakholwayo abakholelwa kulokho okwehliselwa phansi kuwena nakulokho okwehliselwa phansi ngaphambilini kwakho nabenza umthandazo nabakhiphi bezakaah (ingxenye yengcebo enikwa abampofu) nabakholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina labo-ke siyobanika umvuzo omkhulu
  163. Ngempela sambula kuwena njengoba sambula kuNowa nakubaphrofethi abeza ngemva kwakhe futhi sembula ku- Abrahamu naku-Ishmayeli no-Isaka nakuJakobe nasezizweni nakuJesu nakuJobe nakuJona naku-Aron nakuSolomoni futhi sanikeza uDavide izabura (amahubo)
  164. Nezithunywa esasikutshenile ngazo ngaphambilini nezithunywa esingazange sikutshene ngazo futhi uMvelinqangi wakhuluma noMose
  165. (Sathumela) izithunywa njengabalethi bezindaba ezimnandi nabaxwayisi ukuze abantu bangabi nalo izwi lokuziphendulela kuMvelinqangi (emva kokufika) kwezithunywa futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  166. Kepha uMvelinqangi uyafakaza ngalokho akwehlisela phansi kuwena, wakwehlisela phansi ngolwazi lwakhe nezingelosi ziyofakaza futhi uMvelinqangi wanele njengofakazi
  167. Ngempela labo abangakholwanga futhi bavimba (abanye) endleleni kaMvelinqangi baduke ukuduka okukude le
  168. Ngempela labo abangakholwanga futhi benza ukona, uMvelinqangi angeke abathethelele futhi angeke abaholele endleleni
  169. Ngaphandle kwendlela yasesihogweni bayohlala khona lapho phakathi ingunaphakade futhi ngasosonke isikhathi lokho kuMvelinqangi kuyinto elula
  170. Oh Bantu! isithunywa sifikile kunina neqinio elivela eNkosini yenu ngakho-ke kholwani kungcono kunina kepha uma ningakholwa ngakho-ke ngempela kungokukaMvelinqangi konke okusemazulwini nokusemhlabeni futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi uyazi unobuhlakani
  171. Oh Bantu bencwadi! Ningayeqi imingcele enkolweni yenu futhi ningasho lutho ngoMvelinqangi ngaphandle kweqiniso ngempela uMesiya uJesu indodana kaMariya wayeyisithunywa sikaMvelinqangi nezwi lakhe alibeka (aliqondisa ngqo) kuMariya nomoya (ongcwele) ovela kuye ngakho-ke kholwani kuMvelinqangi nasezithunyweni zakhe futhi ningathi kuthathu (ningathi uMvelinqangi uyiziqu ezintathu) phezani (lokho) kungcono kunina ngempela uMvelinqangi unguMvelinqangi oyedwa udumo malube kuye ukuthi angaba nendodana, kungokwakhe konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni futhi uMvelinqangi wanele njengommeli (wabakholwayo)
  172. UMesiya akasoze azigqaje ukuthi abe yinceku kaMvelinqangi futhi nezingelosi eziseduzene (noMvelinqangi) azisoze (zazigqaja) futhi noma ngabe ngubani ozigqaja ngokukhonzwa kwakhe futhi aqholoshe ngakho-ke uyobaqoqela ndawonye kuyena bonke
  173. Kepha labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ngakho- ke uyobanika imivuzo yabo futhi abanezezele ekubapheni kwakhe futhi besekuthi labo abazigqajayo futhi baqhoshe uyobajezisa ngesijeziso esibuhlungu futhi angeke bazitholele ngaphandle kukaMvelinqangi umvikeli noma umsizi
  174. Oh Bantu! Sebafika kunina ubufakazi obanelisayo obuvela eNkosini yenu futhi sehlisela phansi kunina ukukhanya okucacile
  175. Besekuthi labo abakholwayo kuMvelinqangi futhi babambelela kuyena ngakho-ke uyobangenisa emseni ovela kuyena nasebumneneni futhi abaholele kuyena endleleni eqondile
  176. Bacela kuwena isinqumo esisemthethweni ithi, “uMvelinqangi oninika isinqumo ngesizukulwane, uma indoda ifa ingenayo ingane kepha inodadewabo okwakhe (udadewabo) yingxenye kulokho akushiyile futhi yena uthatha ifa lowesifazane uma owesifazane engayishiyanga ingane, uma kungukuthi odade babili okwabo (yifa labo) okubili kokuthathu kulokhu akushiyayo, uma kunabafowabo nodadewabo ngakho- ke owesilisa uyothola okulingana nesabelo sabesifazane ababili uMvelinqangi uyanicacisela ningaze niduke futhi uMvelinqangi wazi ngazo zonke izinto