6.The Cattle

  1. Udumo malube kuMvelinqangi okunguyena owadala amazulu nomhlaba futhi wenza ubumnyama nokukhanya besekuthi labo abangakholwanga balinganisa (abanye) neNkosi yabo
  2. Nguyena owanidala ngobumba wayesenquma isikhathi (senu sokufa) nesinye isikhathi esinqunyiwe (sokuvuka kwabafileyo) sikuye, besekuthi nina nibe ngabanokungabaza
  3. Futhi nguyena uMvelinqangi osemazulwini nasemhlabeni wazi izimfihlo zenu nenikuvezayo futhi uyakwazi lokho enikuzuzayo
  4. Futhi alukho uphawu oluza kubona ezimpawini zeNkosi yabo ngaphandle kokuthi bayazifulathela (izimpawu)
  5. Ngakho-ke bayaliphika iqiniso ngesikhathi lifika kubona, kepha kuyofika kubona izindaba ngalokho ababenza ngakho inhlekisa
  6. Ababoni yini ukuthi zingaphi izizukulwane esazibhubhisa ngaphambilini kwabo, esazizinzisa emhlabeni ngendlela esingazange sinizinzise ngayo, senisa phezu kwabo (imvula) eningi evela esibhakabhakeni futhi senza imifula egeleza ngaphansi kwabo, ngakho-ke sababhubhisa ngenxa yezono zabo futhi sadala emva kwabo ezinye izizukulwane
  7. Futhi noma ngabe sathumela phansi kuwena incwadi (umyalezo) obhalwe ephepheni bese beyawuthinta ngezandla zabo ngempela labo abangakholwa babezothi, “Lokhu akuyilutho ngaphandle kokuthi kuwumlingo ocacile”
  8. Futhi bathi, “kungani kungathunyelwanga kuyena ingelosi, kepha ukube sasiyithumelile ingelosi ngempela udaba lwaluzoba ngolunqunyiwe babengeke banikwe ithuba”
  9. Futhi ukube sasimenze waba yingelosi ngempela sasizomenza avele njengendoda futhi ngempela sasizobamboza ngalokhu abazimboza ngako bona
  10. Futhi ngempela izithunywa zenziwa inhlekisa ngaphambilini kwakho, kepha kulabo ababehleka usulu kubona babezungelezwe yilokho ababenza ngako inhlekisa
  11. Ithi, “hambani ezweni bese nibona ukuthi sasinjani isiphetho sabaphiki (beqiniso)”
  12. Ithi kungokukabani konke okusemazulwini nasemhlabeni na? Ithi, “kungokukaMvelinqangi uzenzele yena uqobo umusa ukuze aniqoqele ndawonye ngosuku lokuvuka kwabafileyo ekungenakungabaza kulo, labo abalahlekelwa yimiphefumulo yabo abangakholwayo”
  13. Futhi ingeyakhe noma ngabe yini ekhona ebusuku nasemini futhi yena ungozwayo owaziyo
  14. Ithi omunye esikhundleni sikaMvelinqangi engimthatha njengomvikeli ongumdali wamazulu nomhlaba? Futhi yena uyondla kepha akondliwa, ithi ngempela ngiphoqwe ukuthi ngibe owokuqala kulabo abazinikela (ngaphansi kwentando kaMvelinqangi) futhi ungabi ngomunye wabenzela uMvelinqangi abalekeleli ekumkhonzeni
  15. Ithi ngempela ngiyesaba uma ngingayihloniphanga iNkosi yami (ngesaba) isijeziso sosuku olukhulu
  16. Lowo oyoqhelelaniswa naso (isijeziso) ngalelolanga (uMvelinqangi) uyobe enomusa kuyena futhi lokho kuyobe kungukunqoba okucacile
  17. Uma uMvelinqangi ekuthinta ngenhlupheko akekho oyoyisusa (noma oyoyiqeda) ngaphandle kwakhe futhi uma ekuthinta ngokuhle (ekwenzele okuhle) ngakho-ke yena unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto
  18. Futhi yena akavinjelwa (ekubhekeni) ngaphezulu kwezinceku zakhe futhi yena unobuhlakani uyazi
  19. Ithi, “iyiphi into enkulu kakhulu ebufakazini” ithi, “uMvelinqangi ongufakazi phakathi kwami naphakathi kwenu futhi leQur’an yembulwa kumina (Muhammad) ukuze nginexwayise ngayo futhi nakunoma ngabe obani eyofinyelela kubona, ngakube ngempela nina nethula ubufakazi ukuthi ngaphandle kukaMvelinqangi kukhona abanye onkulunkulu, ithi “angibethuli ubufakazi” ithi, “nguyena kuphela onguMvelinqangi oyedwa futhi ngempela mina ngimsulwa kulokho enenzela ngako uMvelinqnagi abahlanganyeli ekumkhonzeni”
  20. Labo esabanika incwadi bayazi njengoba bazi amadodana abo, labo abayolahlekelwa yimiphefumulo yabo (ngosuku lokwahlulelwa) ngakho-ke abangakholwa
  21. Futhi ngubani ongenabo ubulungiswa kakhulu kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga noma ophika amavesi akhe na? Ngempela abayizoni abasoze baphumelela
  22. Futhi ngelanga (lokwahlulela) siyobaqoqela ndawonye bonke bese sithi kulabo ababenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni baphi abahlanganyeli (izithixo) zenu enanizenza onkulunkulu na
  23. Ngakho-ke angeke babenenkulumo nempikiswano ngaphandle kokuthi bathi “nguMvelinqangi oyiNkosi yethu asizange sibe ngabenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni (asizange sizikhonze izithixo)
  24. Bheka ukuthi baziqambela kanjani amanga kepha ayonyamalala kubona (amanga) abawaqambayo
  25. Futhi phakathi kwabo kunalabo (abenza sengathi) bayakulalela kepha sabeka izisithezo ezinhliziyweni zabo ukuze bangayiqondi (incwadi) nasezindlebeni zabo akukho ukuzwa futhi uma bebona zonke izimpawu abakholelwa kuzona kuze kube uma befika kuwena baphikisana nawe, labo abangakholwa bathi lokhu akuyilutho ngaphandle kokuthi kuyizinganekwane zabantu basendulo
  26. Futhi bona bavimbela (abanye) kuyena futhi bayaziqhelelanisa naye futhi (ngokwenza njalo) ababhubhisi lutho ngaphandle kwemiphefumulo yabo kepha abakuboni (lokho)
  27. Futhi uma ungase ubabone uma sebemiswe emlilweni bayothi “Oh! Sifisa sengathi besingabuyiselwa emumva (emhlabeni) besingeke siziphike izimpawu zeNkosi yethu futhi besizoba ngabakholwayo
  28. Kepha kwaba sobala kubona lokho ababekufihla ngaphambilini futhi noma ngabe babengaphindiselwa emumva babezophindisela kulokho ababenqatshelwe kukona, futhi ngempela bona bangabaqambimanga
  29. Futhi bathi, “Akuyilutho ngaphandle kwempilo yethu yakulomhlaba futhi thina asisoze savuswa (ngosuku lokuvuka kwabafileyo)”
  30. Uma ungase ubabone uma sebemiswe ngaphambili kweNkosi yabo iyothi “ngakube lokhu akusilona yini iqiniso na”? Bayothi, “yebo ngeNkosi yethu” bese ithi, “ngakho-ke yizwani isijeziso ngenxa yalokho enaningakukholwa”
  31. BangabalahlekelwalaboabaphikaukuhlangananoMvelinqangi kuze kube yilapho befikelwa yihora (ukufa) ngokuzuma bathi, “Oh maye! Kuthina kwesasingakunakile futhi kulapho bethwala imithwalo yabo ngemihlane yabo ngempela okubi yiloko abakuthwele
  32. Futhi impilo yakulomhlaba ayiyilutho ngaphandle kokuthi ingumdlalo nje nenjabulo kepha ngempela ikhaya lempilo ezayo lingcono kulabo abesaba (uMvelinqangi) ngakube aninawo umqondo yini na
  33. Siyazi ngempela ukuthi lokho abakukhulumayo ngempela kukwenza uphatheke kabi, ngakho-ke ngempela bona abakuphiki kepha izoni eziphika amavesi kaMvelinqangi
  34. Ngempela zaphikwa izithunywa ngaphambilini kwakho, zakubekezelela ukuphikwa kwazo nokuhlushwa kwaze kwafika kubona usizo lwethu futhi akekho ongaguqula amazwi kaMvelinqangi futhi ngempela lwafika kuwena ulwazi mayelana nezithunywa (ezazingaphambilini kwakho)
  35. Futhi uma inzondo yabo ibankulu kuwena ngakho-ke uma ungakwazi ukuthola intunja emhlabeni noma iladi eliya esibhakabhakeni ukuze ukwazi ukubalethela uphawu, kepha ukube uMvelinqangi wayethanda ngempela wayezobaqoqela bonke ekuholweni ngakho-ke ungabi ngomunye wabangazi lutho
  36. Yilabo kuphela abezwayo abayophendula, kepha abafileyo uyobavusa uMvelinqangi, bayophindiselwa kuyena
  37. Futhi bathi, “kungani kungazange kuthunyelwe phansi kuyena uphawu oluvela eNkosini yakhe” Ithi, “ngempela uMvelinqangi unamandla okuthumela phansi uphawu kepha iningi labo alinalwazi”
  38. Asikho isidalwa esinyakazayo (lapha) emhlabeni noma ngabe yinyoni endiza ngezimpiko zayo ngaphandle kwemiphakathi enjengani, asikhohlwanga yilutho encwadini ngakho-ke iseNkosini yabo (lapho) beyoqoqelwa khona
  39. Futhi labo abaphika amavesi ethu bayizithuli nezimungulu basebumnyameni, lowo amthandayo uMvelinqnagi umshiya esekudukeni futhi lowo amthandayo umholela endleleni eqondile
  40. Ithi, “ngitshele uma isijeziso sikaMvelinqangi sehlela phezulu kwenu noma nificwa yihora ngakube niyomemeza abanye kunoMvelinqangi uma kungukuthi nineqiniso”
  41. Qha, nguyena kuphela eniyommemeza ngakho-ke uyena kuphela oyosusa lokho enikumemeza kuyena uma ethanda futhi niyokhohlwa yilokho enanikwenzela uMvelinqangi ukuthi kube ngabahlanganyeli ekumkhonzeni (izithixo)
  42. Futhi ngempela sathumela (izithunywa) ezizweni ngaphambilini kwakho, ngakho-ke sababamba ngenhlupheko nobunzima mhlawumbe ukuze bazithobe
  43. Uma isijeziso sethu sifinyelela kubona kungani bengazithobi na? Kepha izinhliziyo zabo zilukhuni futhi usathane wabenzela kwaba kuhle konke lokho ababekwenza
  44. Kwathi lapho sebekhohlwa yilokho ababekhunjuziswe ngako, ngakho-ke sabavulela iminyango kuzona zonke izinto kwaze kwathi lapho sebejabulela lokho ababekunikiwe sababamba ngokungalindelekile ngesikhathi behlomeka belahlekelwe yithemba
  45. Ngakho-ke zanqunywa izimpande zalabobantu ababenze ukona futhi udumo lungolukaMvelinqangi iNkosi yemihlaba
  46. Ithi, “Ngitshele uma uMvelinqangi engase anephuce ukuzwa kwenu nokubona kwenu bese esicilela izinhliziyo zenu omuphi unkulunkulu ngaphandle kukaMvelinqangi ongabuyisela (lokho ezindaweni zako) kunina na? Bheka ukuthi siwaphindaphinda kanjani (ukuwachaza, nokuwacacisa) amavesi besekuthi bona beyawafulathela”
  47. Ithi, “ngitshele uma isijeziso sikaMvelinqangi sifika kunina ngokungalindelekile noma ngokusobala ngakube abanye bayobhujiswa ngaphandle kwabantu abayizoni na?”
  48. Futhi asizithumelanga izithunywa ngaphandle kokuthi zingabalethi bezindaba ezimnandi nabaxwayisi ngakho-ke noma ngabe ngubani okholwayo futhi azilungise angeke kubekhona ukwesaba kubona futhi bona angeke baphatheke kabi
  49. Futhi labo abaphika amavesi ethu bayothola isijeziso ngenxa yokuthi babephula imithetho
  50. Ithi anginitsheni yini ukuthi amagugu kaMvelinqangi akumina noma ukuthi ngiyakwazi okungabonwayo noma nginitshena ukuthi mina ngiyingelosi angilandeli lutho ngaphandle kokwembulwa kumina, ithi ngakube bayefana abangaboni nababonayo na? Ngakube anicabangi yini na
  51. Futhi xwayisa ngakho labo abesaba ukuthi bayoqoqelwa ngaphambili kweNkosi yabo angeke babenomvikeli nomncengeli ngaphandle kwakhe ukuze e babengabalungileyo
  52. Futhi ungabagxoshi labo abamemeza (abadumisa) iNkosi yabo ekuseni nakusihlwa belangazelela ubuso bayo, awunacala ngalutho kubona futhi nabo abanacala ngalutho kuwena ngakho-ke uma ubagxosha uzoba ngomunye wabayizoni
  53. Futhi sabavivinya kanjalo-ke abanye babo ngabanye ukuze bathi, “ngakube yibona yini labo uMvelinqangi abanobubele kubona phakathi kwethu na? Ngakube akusiyena yini uMvelinqangi owaziyo ngababongayo na
  54. Futhi uma beza kuwena labo abakholelwa emavesini ethu ngakho-ke ithi (kubona) ukuthula makube kunina iNkosi yenu yazibhalela yona umusa ukuze noma ngabe ngubani owenza okubi phakathi kwenu ngokungazi bese ephenduka (ezisola) emva kwalokho futhi enze izenzo ezinhle ngakho-ke ngempela yena ungothethelelayo onesihawu
  55. Futhi siwachaza kanjalo amavesi ukuze indlela yezoni icace
  56. Ithi ngenqatshelwa ukuthi ngikhonze labo enibamemezayo (enibakhonzayo) esikhundleni sikaMvelinqangi ithi angeke ngilandele izifiso zenu ngoba ngiyoba ngodukile futhi angeke ngibe ngomunye wabaholelwe (endleleni eqondile)
  57. Ithi ngempela mina ngisobufakazini obucacile obuvela eNkosini yami, kepha nina nabuphika anginako lokho enikujahayo, isinqumo akusona (samuntu) ngaphandle kokuthi singesika Mvelinqangi ukhuluma iqiniso futhi yena ungongcono kunabanye abehluleli
  58. Yithi ukube benginako lokho enikufisayo ngokushesha ngempela udaba beluzoba ngolunqunyiwe phakathi kwami nani futhi uMvelinqangi ungozazi kangcono izoni
  59. Futhi kuyena kunezihluthulela zokungabonwayo akekho ozaziyo ngaphandle kwakhe futhi wazi konke okusezweni nasolwandle futhi akuwi ngisho neqabunga ngaphandle kokuthi uyalazi noma uhlamvu ebumnyameni bomhlaba noma okumanzi noma okomile ngaphandle kokuthi (kushicilelwe) encwadini ecacile
  60. Futhi nguyena othatha imiphefumulo yenu ebusuku futhi uyazi ukuthi nenzeni emini bese eyanivusa kukona ukuze isikhathi esinqunyiwe sigcwaliseke, kukuye ukubuyela kwenu bese enitshela ngalokho enanikwenza
  61. Futhi yena akavinjelwa ukuba ngaphezulu kwezinceku zakhe uthumela kunina abalondolozi (izingelosi) kuze kuthi uma oyedwa wenu efikelwa ukufa, izithunywa zethu (izingelosi zokufa) ziwuthathe umphefumulo wakhe futhi azinabo ubudedengu (emsebenzini wazo)
  62. Bese bebuyiselwa kuMvelinqangi iNkosi yabo yeqiniso ngempela okwakhe ukwahlulela futhi yena ungoshesha kakhulu kwababalayo
  63. Ithi ngubani onikhipha ebumnyameni basezweni nobasolwandle nimmemeza ngokuzithoba nangemfihlo (nithi) uma usisindisa kulokhu ngempela sizoba kanye nababongayo
  64. Ithi uMvelinqangi onisindisayo (onikhipha) kukona futhi nakukho konke ukuhlupheka bese kuthi nina nenzele uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni
  65. Ithi yena unamandla okuthumela kunina isijeziso ngaphezulu kwenu noma ngaphansi kwezinyawo zenu noma animboze ngokunidida futhi enze abanye benu baxabane nabanye. Bheka ukuthi siwachaza kanjani amavesi ngezindlela ezahlukahlukene ukuze bawaqonde
  66. Kepha abantu bakho bayiphika (iQur’an) ibe iyiqiniso ithi angisiyena umhleli wezindaba zenu
  67. Zonke izindaba zinesikhathi esinqunyiwe futhi niyokwazi
  68. Futhi uma ubabona labo abakhuluma inkulumo engesilona iqiniso ngamavesi ethu, ngakho-ke qhelelana nabo kuze kube baqala enye inkulumo okungesiyona leyo futhi uma usathane ekwenza ukuthi ukhohlwe ngakho-ke emva kokukhumbula ungahlali kanye nabantu abayizoni
  69. Futhi labo abesaba uMvelinqangi abasiwona umthwalo kubona ngalutho, kepha ukubakhumbuzisa ukuze basabe uMvelinqangi
  70. Futhi bayeke labo abathatha inkolo yabo njengomdlalo nenjabulo futhi bakhohliswa yimpilo yalomhlaba ngakho- ke bakhumbuzise ngayo (iQur’an) hleze umphefumulo unikezelwe ekubhujisweni ngenxa yalokho okuzuzile (okuvunile) angeke ubenomvikeli futhi awuyikuba namncengeli ngaphandle kukaMvelinqangi futhi noma ngabe (umphefumulo) uletha yonke inhlawulo angeke yemukeleke kuwona, labo-ke bayilabo abanikezelwe ekubhujisweni ngenxa yalokho abakuzuzile, okwabo ukuphuza amanzi abilayo nesijeziso esibuhlungu ngenxa yokuthi babengakholwa
  71. Ithi ngakube siyomemeza (abanye) ngaphandle kukaMvelinqangi (labo) abangeke basisize ngalutho futhi abangeke basilimaze ngalutho futhi ngakube kufanele ukuthi siphendukele emumva ezithendeni zethu emva kokuthi uMvelinqangi esesiholile na? Njengalowo odukiswe osathane (bamshiye) edidekile, emhlabeni abangane bakhe bambizela ekuholweni (bethi) “woza kuthina” ithi ngempela ukuhola kukaMvelinqangi yikona kuhola, futhi saphoqwa ukuthi sizinikele eNkosini yemihlaba
  72. Nokuthi nenze umthandazo futhi nimesabe futhi nguyena eniyoqoqelwa kuyena
  73. Futhi nguyena owadala amazulu nomhlaba ngeqiniso futhi ngosuku uma ethi “akwenzeke” kuyenzeka izwi lakhe liyiqiniso futhi bungobakhe ubukhosi ngosuku lokushawa kwecilongo, uyisazi sokungabonwayo nokubonwayo futhi yena ungonobuhlakani owazi (konke)
  74. Futhi (khumbula) ngesikhathi u-Abrahamu ethi kuyise u-Azar “ngakube uthatha izithixo njengonkulunkulu na? Ngempela mina ngibona wena nabantu bakho nisephutheni ngokucacile”
  75. Futhi kanjalo-ke samkhombisa u-Abrahamu umbuso wamazulu nomhlaba ukuze abengomunye walabo abanokholo ngokuqinisekile
  76. Ngakho-ke kwathi lapho esembozwa ubumnyama bobusuku wabona inkanyezi wathi (u-Abrahamu) “lena yiNkosi yami” kwathi lapho isisithela wathi, “Angizithandi lezo ezisithelayo
  77. Kwathi lapho ebona inyanga ikhuphuka wathi, “lena yiNkosi yami” kepha kwathi lapho isisithela wathi uma ingangiholi iNkosi yami ngempela ngizoba ngomunye wabantu abedukileyo
  78. Kwathi lapho ebona ilanga liphuma wathi “lena yiNkosi yami lena inkulu kakhulu” kepha kwathi lapho selisithela wathi, “Oh Bantu bami! ngempela mina ngehlukene nalokho enikwenzela uMvelinqnagi abahlanganyeli ekumkhonzeni
  79. Ngempela mina ngiphendukisele ubuso bami kulowo owadala amazulu nomhlaba oneqiniso, futhi mina angisiyena omunye walabo abenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni
  80. Futhi baphikisana naye abantu bakhe wathi (u-Abrahamu) ngakube niphikisana nami mayelana noMvelinqangi kulapho engiholilena? Futhiangikwesabilokhoenikwenzaonkulunkulu ngaphandle uma ifisa iNkosi yami okuthize, ingamele zonke izinto iNkosi yami ngolwazi ngakube anikhumbuli yini na
  81. Kepha ngingakwesaba kanjani lokho enanikwenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni (izithixo) kepha nibe ningakusabi lokho enanikwenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni, lokho angalehliselanga phansi kunina igunya ngakho ngakho-ke eliphi lamaqembu amabili elinelungelo lokuphepha uma nina ninolwazi na
  82. Labo abakholwayo futhi abangahlanganisi ukukholwa kwabo nokubi labo-ke okwabo ukuphepha futhi bona bangabaholiweyo
  83. Futhi lobo ubufakazi esabunika u-Abrahamu ukubhekana nabantu bakhe, siphakamisa amazinga kulowo esimthandayo, ngempela iNkosi yakho inobuhlakani inolwazi
  84. Futhi samnika u-Isaka noJakobe sabahola ngamunye wabo no- Nowa samhola ngaphambilini nesizukulwane sakhe uDavide noSolomoni noJobe noJosefa noMose no-Aroni, sibanikeza kanjalo-ke umvuzo abenzi bokuhle
  85. NoZakariya noJohane noJesu noElyas bonke babengabalungileyo
  86. No-Ishmayeli no-Elisha noJona noLothi futhi ngamunye wabo samkhetha ngaphezulu kwemihlaba
  87. Futhi abanye boyise nenzalo yabo nabafowabo (abazalwane) sabakhetha sabaholela endleleni eqondile
  88. Lokho ukuhola kukaMvelinqangi ahola ngako noma ngabe ubani amthandayo ezincekwini zakhe futhi ukube babenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni konke lokho ababekwenza kwakuyoba yize leze kubona
  89. Labo-ke bayilabo esabanika incwadi nokwahlulela nobuphrofethi kepha uma kungukuthi abakholwa kulokho labo-ke ngempela kuyobe sibanike wona (umyalelo) abantu abangeke bangakholelwa kuwo
  90. Labo-ke bayilabo abaholwa nguMvelinqangi ngakho-ke landela ukuholwa kwabo, ithi angiwufuni umvuzo kunina ngayo (iQur’an) kuphela yona iyisikhumbuzo emihlabeni
  91. Abazange bamcabangele uMvelinqangi ngendlela efanele acatshangelwe ngayo ngesikhathi bethi “akazange athumele lutho phansi uMvelinqangi kubantu” ithi ubani owathumela phansi incwadi okuyiyona afika nayo uMose engukukhanya nokuholwa kwabantu niyenza ibe semaphepheni niyayiveza bese niyakufihla okuningi futhi nafundiswa lokho enaningakwazi nina naboyihlo ithi, nguMvelinqangi ngakho- ke bayeke bezidlalela nje ezinkulumweni zabo eziyize leze
  92. Futhi Lena yincwadi esayithumela phansi ebusisiwe eqinisekisa leyo eyembulwa ngaphambilini kwayo ukuze ixwayise unina wamadolobha (iMakkah) nabobonke abayizungelezile nalabo abakholelwa empilweni ezayo bakholelwa kuyo, futhi bona bagcina imithandazo yabo
  93. Futhi ngubani ongenabo ubulungiswa kakhulu kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga noma athi, “isambulo safika kumina” kube kungekho isambulo esafika kuyena nalowo othi “ngiyokwembula isambulo esifana naleso asembula uMvelinqangi” futhi uma ungazibona izoni zisebuhlungwini bokufa ngesikhathi izingelosi zelula izandla zazo (zithi) nikelani imiphefumulo yenu namhlanje nizothola umvuzo wesijeziso esiyihlazo ngenxa yalokho enanikusho ngoMvelinqangi okungesilona iqiniso futhi naniqholosha (niphika) amavesi akhe
  94. Ngempela nafika kuthina ngamunye njengoba sanidala ngesikhathi sokuqala futhi nashiya lokho esaninika kona ngemumva kwemihlane yenu futhi asiniboni nikanye nabancengeli benu okuyibona enanizenzela ukuthi babe ngabahlanganyeli ekukhonzeni uMvelinqangi ngempela bunqunyiwe ubudlelwano phakathi kwenu nabo, sekwanyamalala kunina konke lokho enanizifanekisela kona
  95. Ngempela uMvelinqangi owenza uhlamvu lwembewu nohlamvulwesundu ukuthi luqhekeke phakathi futhi luhlume wenza ukuthi kuvele okuphilayo kokufileyo futhi nguyena owenza kuvele okufileyo kokuphilayo lowo nguMvelinqangi ngakho-ke niphambuka kanjani eqinisweni na
  96. Ungumahlukanisi wokusa, futhi wenza ubusuku bube ngobokuphumula nelanga nenyanga ukwahlulela (phakathi kobusuku nemini) lokho kungamandla ophakeme owaziyo
  97. Futhi nguyena owanibekela izinkanyezi ukuze zinihole (zinikhanyisele) ebumnyameni bezwe nolwandle sawachaza ngobunjalo bawo amavesi kubantu abaziyo
  98. Futhi nguyena owanidala emphefumulweni owodwa (Adam) waninika indawo yokuhlala nendawo yokubekwa, sawachaza ngobunjalo bawo amavesi kubantu abaqondayo
  99. Futhi nguyena owehlisela phansi amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni okuyiyona esahlumisa ngayo imithi notshani okuyizinhlobonhlobo sihlumisa ngayo okuluhlaza esiveza kukona izinhlamvu eziyisixheke nasesihlahleni sesundu kuvela izithelo ezilengela phansi, nezivandezamagilebhisinomhlwathi (umgwenya) nehalananda (isithelo esinezinhlamvu eziningi) eziwuhlobo olufanayo zibe zingefani, bheka izithelo zaso uma sithela nangenkathi kuvuthwa izithelo zaso ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abakholwayo
  100. Kepha benzela uMvelinqangi amajinn ukuba abe ngabahlanganyeli ekumkhonzeni yize ewadalile, futhi ngokungesilona iqiniso babalela kuyena amadodana namadodakazi ngaphandle kolwazi, makadunyiswe futhi uphakeme ngaphezu kwakho konke lokho abakuqambayo
  101. Ungumsunguli wamazulu nomhlaba angaba kanjani nendodana kulapho engenankosikazi na? Futhi wadala zonke izinto futhi yena uyisazi ngazo zonke izinto
  102. Lowo-ke nguMvelinqangi iNkosi yenu ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe umdali wezinto zonke ngakho-ke mkhonzeni futhi yena ungummeli phezulu kwazo zonke izinto
  103. Awukho umbono ongamqonda kepha nguyena oqonda imibono wazi ngazo zonke izinto
  104. Ngempela bufikile kunina ubufakazi obuvela eNkosini yenu ngakho-ke noma ngabe ngubani obonayo uyokwenzela umphefumulo wakhe futhi noma ngabe ngubani ozenza impumputhe uyokwenza maqondana naye futhi angisiyena umlondolozi wenu
  105. Siwachaza kanjalo-ke amavesi ngezindlela ezahlukahlukene ukuze bathi “ufundile” futhi ukuze silwenze lucace udaba kubantu abaziyo
  106. Landela lokho okwembulwa kuwena okuvela eNkosini yakho, ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe futhi qhelelana nalabo abenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni
  107. Futhi ukube uMvelinqangi wayethanda babengeke bamenzela abahlanganyeli ekumkhonzeni futhi asizange sikubeke ukuba ube ngumlondolozi wabo futhi wena awusiyena umgadi wabo
  108. Futhi ningabethuki labo abamemeza (noma abakhonza abanye) ngaphandle kukaMvelinqangi hleze bathuke uMvelinqangi ngokuyiphutha ngaphandle kolwazi kanjalo- ke senzela leso naleso sizwe ukuba babone umsebenzi wabo, kuseNkosini yabo ukubuyela kwabo bese ibatshena ngalokho ababekwenza
  109. Futhi bafunga ngoMvelinqangi izifungo zabo ezinzima kakhulu uma kungase kufike kubona uphawu ngempela bangakholelwa kulona ithi, “izimpawu zikuMvelinqangi kuphela” futhi yini enganenza nibone ukuthi uma zona zingase zifike angeke bakholwe na
  110. Futhi sizochezukisa izinhliziyo zabo namehlo abo njengoba bengakholelwanga kukona ngesikhathi sokuqala futhi siyobashiya ekoneni kwabo beyizimpumputhe
  111. Futhi noma ngabe sasithumele phansi kubona izingelosi futhi bakhuluma nabo abafileyo futhi saqoqela ndawonye ngaphambili kwabo zonke izinto babengeke bakholwe ngaphandle uma wayethanda uMvelinqangi kepha iningi labo alazi
  112. Futhi kanjalo-ke senzela lowo nalowo mphrofethi isitha, osathane abangabantu namaJinn, abanye babo bashiselekisa inkulumo ehlotshlisiwe kwabanye ukubakhohlisa futhi ukube iNkosi yakho yayithanda babengeke bakwenze lokho ngakho- ke bayeke bodwa nalokho abakuqambayo
  113. Futhi zingakuthambekela (zingakuvumela) lokho izinhliziyo zalabo abangakholelwa empilweni ezayo futhi bayakujabulela lokho nokuthi bangenza lokho abakwenzayo
  114. Ithi ngakube ngifuna omunye umehluleli ngaphandle kukaMvelinqangi kube kunguyena owathumela phansi kunina incwadi (iQur’an) echazwe ngokuphelele, nalabo esabanika incwadi bayayazi ukuthi yona iyisambulo esivela eNkosini yakho ngeqiniso ngakho-ke ungabi ngomunye wabanqikazayo
  115. Futhi lagcwaliseka izwi leNkosi yakho ngeqiniso nangobulungiswa akekho ongaguqula amazwi akhe futhi yena ungozwayo owaziyo
  116. Futhi uma uhlonipha iningi lalabo abasemhlabeni bazokudukisa endleleni kaMvelinqangi, abalandeli lutho ngaphandle kwemicabango futhi bona abaqambi lutho ngaphandle kwamanga
  117. Ngempela iNkosi yakho iyona eyazi kakhulu lowo ophambukayo endleleni yayo futhi yona yazi kangcono ngabaholelwe (endleleni eqondile)
  118. Ngakho-ke yidlani kulokho okushiwo igama likaMvelinqangi kukona uma kungukuthi nina niyakholelwa emavesini akhe
  119. Futhi kungoba yini ningadli kulokho okushiwo igama likaMvelinqangi kukona (ngesikhathi kubulawa na?) kulapho anichazelangokusobalalokhoakwenqabelakuninangaphandle kwaleso simo esiniphoqela kulokho futhi ngempela abaningi badukisa (abanye) ngezifiso zabo ngaphandle kolwazi, ngempela iNkosi yakho yona yazi kabanzi ngezoni
  120. Futhi yekani isono ngokusobala nangokufihlakele, ngempela labo abenza isono bayothola umvuzo ngalokho ababekwenza
  121. Futhi ningadli kulokho ekungashiwongo igama likaMvelinqangi kukona (ngesikhathi kubulawa) futhi ngempela kona kuwukungahloniphi futhi ngempela osathane bagqugquzela abangane babo ukuthi baphikisane nani futhi uma nibahlonipha (nibalalela) ngempela nina niyokuba ngabenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni (ngabakhonza izithixo)
  122. Kungabe lowo owayefile samvusa (samupha impilo) samenzela ukukhanya ahamba ngakho phakathi kwabantu njengalowo osebumnyameni angeke akwazi ukuphuma kukona kanjalo- ke kwenziwele abangakholwa kwakuhle lokho ababekwenza
  123. Futhi ngokunjalo sabeka kuwona wonke amadolobha abaholi ekwenzeni ukona kulona kepha aboni lutho ngaphandle kwemiphefumulo yabo kepha abakuboni (lokho)
  124. Futhi uma befikelwa uphawu bathi asisoze sikholwe kuze kube sinikwa okufana nalokho okwakunikwe izithunywa zikaMvelinqangi, uMvelinqangi wazi kabanzi ukuthi ngubani ekufanele amnike umyalezo wakhe, bayohlushwa labo abenza uzungu. Ukuthotshiswa kukuMvelinqangi nesijeziso esinzima ngenxa yokwenza uzungu
  125. Ngakho-ke noma ngabe ngubani uMvelinqangi afisa ukumhola uvula isifuba sakhe esivulela i-Islam (ukuzinikela ngaphansi kwentando yakhe) futhi noma ngabe ngubani afisa ukumdukisa wenza ukuba isifuba sakhe sivaleke futhi sinciphe sengathi uyakhuphuka uya ezulwini, kanjalo-ke uMvelinqangi wehlisela ulaka (lwakhe) phezulu kwalabo abangakholwayo
  126. Futhi lena yindlela yeNkosi yakho eqondile, sawenza acaca amavesi kubantu abanakayo
  127. Okwabo yindawo yokuhlala enokuthula eseNkosini yabo futhi yena ungumvikeli wabo ngenxa yalokho ababekwenza
  128. Futhi ngosuku lapho eyobaqoqela ndawonye bonke (bese ethi kubona) Oh Nina sixuku samaJinn! (Nadukisa) abantu abaningi futhi abasizi babo phakathi kwabantu bayothi, “Nkosi yethu abanye bethu bazuza ngabanye futhi sesifinyelele esikhathini sethu okuyisona owasinqumela sona”, iyothi “umlilo yindawo yenu yokuhlala khona ingunaphakade” ngaphandle uma uMvelinqangi ethanda ngempela iNkosi yakho inobuhlakani iyazi
  129. Futhi ngokunjalo-ke senza abanye abayizoni ukuthi babe ngabangani babanye ngenxa yalokho abakuzuzayo
  130. Oh Nina sixuku samaJinn! Nabantu azizange zifike yini kunina izithunywa eziphuma phakathi kwenu zinitshena ngamavesi ami futhi zinixwayisa ngokuhlangana kwenu ngalolusuku (lokwahlulela) na? Bayothi “siyafakaza maqondana nathi” futhi babekhohliswe yimpilo yalomhlaba futhi imiphefumulo yabo iyofakaza ukuthi ngempela bona babengabaphiki bokholo
  131. Lokhu kungenxa yokuthi iNkosi yakho ayizange ibhidlize amadolobha ngokuba yizoni (kwabo) futhi abantu bawo (amadolobha) babenganakile
  132. Futhi kubona bonke kunamazinga (ahlukahlukene) mayelana nalokho ababekwenza futhi akusikhona ukuthi iNkosi yakho ayikunakile lokho abakwenzayo
  133. Futhi iNkosi yakho ayidingi lutho inomusa, uma ithanda inganisusa (inganibhubhisa) bese ilandelise emva kwenu ngalokho (ngalabo) ebathandayo njengoba anivusa esizukulwaneni sabanye abantu
  134. Ngempela lokho enithenjiswa kona ngempela kuyeza angeke niphunyuke (kukona)
  135. Ithi, Oh Bantu bami! Sebenzani ngendlela yenu nami ngenza ngendlela (yami) ngakho-ke niyokwazi ukuthi ubani oyothola ekugcineni ukuhlala (okuhle empilweni ezayo) ngempela angeke baphunyeleliswe abayizoni
  136. Futhi babela uMvelinqangi ingxenye kulokho akudalayo okutshalwayo nezinkomo (imfuyo) bathi lokhu kungokuka- Mvelinqangi ngendlela abasho ngayo futhi lokhu kungokwabahlanganyeli bethu (izithixo) ngakho-ke lokho okwezithixo zabo akufinyeleli kuMvelinqangi kepha lokho okukaMvelinqangi kona kuyafinyelela ezithixweni zabo, ububi yindlela abehlulela ngayo
  137. Futhi kanjalo benza kwakuhle kwabaningi kubakhonzi bezithixo ukubulala izingane zabo ukuze babaholele ekubabhubhiseni nokuthi babadidise enkolweni yabo, futhi ukube uMvelinqangi wayethanda babengeke bakwenze lokho ngakho-ke bayeke nalokho abakuqambayo
  138. Futhi bathi, “lezinto izinkomo nezitshalo kwenqatshelwe akekho ongazidla ngaphandle kwalowo esimthandayo ngokusho kwabo ukuthi izinkomo zenqatshelwe imihlane yazo (zenqatshelwe ukuthwala) nezinkomo (imfuyo) abangabizi igama likaMvelinqangi kuzona (ngesikhathi bezibulala) bamqambela okungesilona iqiniso uyobanika umvuzo ngenxa yalokho abakuqambayo
  139. Futhi bathi “Lokho okuseziswini zalezizinkomo kungokwabesilisa bethu kuphela futhi kwenqatshelwe kwabesifazane bethu, kepha uma kuzalwe kufile ngakho-ke bona bayohlanganyela kukona uyobanika umvuzo (isijeziso) ngencazelo yabo (engesilona iqiniso) ngempela yena unobuhlakani uyazi”
  140. Bangabalahlekelwe labo ababulala izingane zabo ngobuphukuphuku ngaphandle kolwazi futhi banqaba lokho ababela kona uMvelinqangi, beqamba amanga ngoMvelinqangi badukile futhi abaholelwanga (eqinisweni)
  141. Futhi nguyena owenza ukuthi kuhlume izivande (izithombo) eziphwaswe ngezinti nezingaphaswe ngalutho nezihlahla zamasundu nezitshalo, izithelo zazo ezahlukahlukene nemihlwathi namahalananda (uhlobo lwesithelo elinezinhlamvu eziningi) ezifanayo kepha ezinambitheka (nokungefani) yidlani ezithelweni zazo uma sezivuthiwe nilethe inkokhelo yazo ngosuku lukuvuthwa kwazo futhi ningazimoshi (izithelo) ngempela yena akabathandi abamoshayo
  142. Futhi ezinye izilwane (njengamakameli) zadalelwa ukuthwala (nezinye) ezingadalelwanga ukuthwala nezincane (njengezimbuzi, amagusha nokunye) yidlani kulokho anabela kona uMvelinqangi futhi ningalandeli izinyathelo zika sathane ngempela yena uyisitha esisobala kunina
  143. Imibhangqwano eyisishiyagalombili amagusha amabili, nezimbuzi ezimbili, ithi ngakube okwesilisa okubili okungavumelekile noma isifazane esibili noma lokho okusezizalweni zesifazane esibili ngitsheleni ngolwazi uma kungukuthi nineqiniso
  144. Futhi nasemakamelini amabili (elesilisa nelensikazi) nasezinkomweni ezimbili (inkunzi nesithole) ithi ngakube akenzanga kwabasemthethweni okuyisilisa okubili noma okuyizinsikazi ezimbili noma lokho okusezizalweni ezimbili zezinsikazi noma naningofakazi (nanikhona) ngesikhathi uMvelinqangi eniphoqa (enitshena) ngalokhu ngakho-ke ngubani ongenabo ubulungiswa kakhulu kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga ukuze adukise abantu ngaphandle kolwazi, ngempela uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni
  145. Ithi angitholi lutho kulokho okwembulwa kumina okungavumeli lowo ofisa ukudla makakudle ngaphandle uma kungukuthi kuyisilwane esizifeleyo noma igazi elichithekileyo noma inyama yengulube ngempela lokho kungcolile noma ayikho emthethweni inyama (yesilwane) ekungabizwanga igama likaMvelinqangi ngesikhathi sihlatshwa ngakho-ke noma ngabe ngubani ophoqwa yisimo (noma esebunzimeni) engaqondile ukungahloniphi ngakho-ke ngempela iNkosi yakho iyathethelela iNomusa
  146. Futhi nakulabo abangamaJuda sabanqabela zonke izilwane ezinezinzipho nezinkomo namagusha sabanqabela emafutheni ako kokubili ngaphandle kwalokho okusemhlane wazo zombili noma okusemathunjini noma lokho okuhlangene nethambo kanjalo-ke sabanika umvuzo (isijeziso) ngokubayizoni kwabo futhi ngempela thina singabaneqiniso
  147. Uma bekuphika ngakho-ke ithi, “iNkosi yenu (iyiNkosi) enomusa omkhulu, intukuthelo yayo (isijeziso sayo) angeke siqhelelane (noma sisuswe) kubantu abayizoni”
  148. Bayothi labo ababenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni (abakhonzi bezithixo) ukube uMvelinqangi wayethandasasingekesimenzeleabahlanganyeliekumkhonzeni ngisho nabobaba bethu futhi sasingeke senqabele lutho, ngokunjalo baqamba amanga labo ababengaphambilini kwabo kwaze kwaba bezwa intukuthelo yethu, ithi “ngakube kukhona yini eninakho okuwulwazi na? Ngakho-ke sikhipheleni kona, anilandeli lutho ngaphandle kwemicabango futhi nina anenzi lutho ngaphandle kokuqamba amanga”
  149. Ithi “bungobukaMvelinqangi ubufakazi obuphelele ngakho- ke ukube wayethanda ngempela wayezonihola nonke”
  150. Ithi “lethani ofakazi benu labo abafakaza ukuthi uMvelinqangi akenzanga kwaba semthethweni lokhu, ngakho-ke uma befakaza ungafakazi kanye nabo futhi ungalandeli izifiso zalabo abaphika amavesi ethu nalabo abangakholelwa empilweni ezayo futhi bona balinganisa (abanye) neNkosi yabo”
  151. Ithi, “wozani nginitshele lokho iNkosi yenu eyanenqabela kona, ukuthi ningayenzeli abahlanganyeli ekuyikhonzeni nenze okuhle kubazali futhi ningazibulali izingane zenu ngenxa yobuphofu, thina siyanondla kanye nabo futhi ningasondelani nobubi lobo obusobala nalobo obufihlakele futhi ningawubulali umphefumulo awenza uMvelinqangi kwangabi semthethweni (ukuwubulala) ngaphandle kweqiniso, lokhu waniphoqa ngakho ukuze nisebenzise umqondo”
  152. Futhi ningasondelani nengcebo yezintandane ngaphandle kokuba kuyilokhu okulungile kuze kube ukhule ngokwanele (lowo oyintandane) futhi nikezani isilinganiso nesisindo ngobulungiswa, asiwethwesi umphefumulo umthwalo ngaphandle kwalokho okuwulingene futhi uma nikhuluma khulumani ngobulungiswa noma ngabe (kuqondene) nezihlobo futhi nesivumelwano sikaMvelinqangi sifezeni, lokhu uniphoqa ngakho ukuze nikhumbule
  153. Futhi ngempela lena yindlela yami eqondile ngakho-ke yilandeleni ningalandeli (ezinye) izindlela zizonihlukanisa nendllela yakhe, lokhu waniphoqa ngakho ukuze nenze ukulunga
  154. Futhi sanikeza uMose incwadi saphelelisela (umusa) phezulu kwalowo owenza okuhle nencazelo yazo zonke izinto ngobunjalo bazo nokuholwa nomusa ukuze bakholelwe ekuhlanganeni neNkosi yabo
  155. Futhi lena yiNcwadi (iQur’an) ebusisiwe esayembula, ngakho- ke yilandeleni futhi nesabe (uMvelinqangi) ukuze nithole umusa
  156. Hleze nithi, “Kuphela incwadi yembulwa emaqenjini amabili ngaphambilini kwethu kepha sasinganakile ukuthi babefundani”
  157. Noma hleze nithi “ukube kuphela yayehliselwe phansi kuthina incwadi ngempela sasizoba ngabaholwa kakhulu kunabo, manje senafikelwa ubufakazi obucacile obuvela eNkosini yenu nokuholwa nomusa ngakho-ke ubani owenza okubi kakhulu kunalowo ophika amavesi kaMvelinqangi (izimpawu, ubufakazi, izifundo, izembulo kanye nezibonakaliso) bese eyawafulathela (amavesi) siyobanika umvuzo labo abafulathela amavesi ethu (siyobanika) isijeziso esibi ngenxa yalokho ababekufulathela
  158. Ngakube balinde okunye ngaphandle kokuthi zize kubona izingelosi noma kuze iNkosi yakho uqobo noma kuze amanye amavesi eNkosi yakho ngosuku lapho kuza khona amanye amavesi eNkosi yakho, lapho umphefumulo ungeke usizwe ukukholwa kwawo (umphefumulo) owawungazange ukholwe ngaphambilini noma ungazange wenze okuhle ekukholweni kwawo. Ithi “lindani nathi singabalindileyo”
  159. Ngempela labo abahlukanisa inkolo yabo bese kuba amaqembu ahlukehlukene awungene ngalutho kulolodaba labo kuphela udaba lwabo luqondene noMvelinqangi manjalo bese ebatshela ngalokho ababekwenza
  160. Lowo oletha okuhle (ngosuku lokwahlulelwa) okwakhe okuphindwe kashumi okufana nalokho (okuhle akwenzile) kepha lowo oletha okubi (izenzo ezimbi) angeke anikwe umvuzo ngaphandle kokufana nako (lokho okubi) futhi angeke kwenziwe okungenabo ubulungiswa kubona
  161. Ithi ngempela mina ngaholelwa yiNkosi yami endleleni eqondile, inkolo eqondile inkolo ka-Abrahamu oqotho futhi owayengesiyena omunye walabo abenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni
  162. Ithi ngempela umthandazo wami nomnikelo wami nokuphila kwami nokufa kwami kungokukaMvelinqangi iNkosi yemihlaba
  163. Akanabo abahlanganyeli (uMvelinqangi) futhi ngaphoqwa ngokunjalo (Muhammad), futhi ngingowokuqala kwabazinikeleyo (ngaphansi) kwentando kaMvelinqangi
  164. Ithi “ngakube ngifuna enye iNkosi esikhundleni sikaMvelinqangi kulapho yena eyiNkosi yazo zonke izinto futhi awukho umphefumulo ozuza (okunye) ngaphandle kokuqondene nawo futhi akekho umthwali womthwalo ekufanele awuthwalele omunye manjalo kuseNkosini yenu ukubuyela kwenu ngakho-ke uyonitshena ngalokho enaniphikisana kukona
  165. Futhi nguyena owanenza naba abalandelayo (ngokuhlala) ezweni futhi waphakamisa abanye benu ngamazinga ngaphezulu kwabanye ukuze anivivinye ngalokho aninika kona ngempela iNkosi yakho ingesheshayo ekujeziseni kepha ngempela yona ingethethelelayo inesihawu