8.The Spoils of War

  1. Bayakubuza ngezimpango zempi ithi, “izimpango zingezikaMvelinqangi nesithunywa ngakho-ke sabani uMvelinqangi bese nilungisa lokho okuphakathi kwenu (ukungezwani) futhi nihloniphe uMvelinqangi nesithunywa sakhe uma kungukuthi nina ningabakholwayo
  2. Kuphela abakholwayo yilabo uma kukhulunywa ngoMvelinqangi izinhliziyo zabo zigcwala ukwesaba futhi uma befundelwa amavesi akhe kuyenyukela kubona ukukholwa futhi babeka ithemba eNkosini yabo
  3. Labo abenza imithandazo futhi nakulokho esibabele kona bakusebenzise (banikele ngakho)
  4. Labo-ke bangamakholwa eqiniso okwabo amazinga (aphezulu) eNkosini yabo nentethelelo nesabelo esihloniphekile
  5. Njengoba iNkosi yakho yakukhipha endlini yakho ngeqiniso futhi ngempela iqembu kwabakholwayo lalingakuthandi lokho
  6. Bayakuphikisa mayelana neqiniso emva kokuba selicacisiwe kungathi badudulelwa ekufeni (kulapho) bona bekubona
  7. Futhi ngenkathi uMvelinqangi enethembisa elinye lamaqembu amabili (elihlomile nelingahlomile) ukuthi lona libe ngelenu nafisa ukuthi lelo elalingahlomile kube ngelenu kepha uMvelinqangi uthanda ukumisa iqiniso ngamazwi akhe bese enqamula izimpande (amasu) abangakholwayo
  8. Ukuze amise iqiniso abhuntshise amanga yize noma ngabe abayizoni bekuzonda lokho
  9. (Khumbulani) ngenkathi nifuna usizo lweNkosi yenu ngakho- ke yaniphendula (yathi) “ngempela mina ngizonilekelela ngenkulungwane yezingelosi zilandelana (enye ilandela enye)
  10. Futhi uMvelinqangi akasenzanga (leso simemezelo) ngaphandle kokuba (sibe) yizindaba ezimnandi nokuthi ukuze zenelekiseke izinhliziyo zenu (zibe nokuthula) futhi akukho ukunqoba ngaphandle kokunqoba okuvela kuMvelinqangi ngempela uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  11. (Khumbulani) ngenkathi enimboza ngobuthongo okuwukuphepha okuvela kuyena futhi wehlisela phezulu kwenu amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni ukuze anihlanze ngayo futhi wakususa kunina ukungcola kukasathane futhi ukuze aqinise izinhliziyo zenu nokuthi aqinise izinyawo (zenu) ngakho
  12. (Khumbula) ngenkathi iNkosi yakho yembula ezingelosini (ithi), “ngempela mina ngikanye nani ngakho-ke qinisani labo abakholwayo ngizophonsa uvalo ezinhliziyweni zalabo abangakholwayo ngakho-ke bashayeni ngaphezulu kwemiqala futhi nishaye yonke iminwe yabo
  13. Lokhu kungenxa yokuthi bona babephikisana noMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi noma ngabe ngubani ophikisana ngakho, ngempela uMvelinqangi unzima ekujeziseni
  14. Leso (yisijeziso) senu ngakho-ke sizweni futhi ngempela okwabangakholwa yisijeziso somlilo (wesihogo)
  15. Oh nina enikholwayo! Uma nihlangana empini nalabo abangakholwayo ningayifulathelisi imihlane yenu kubona
  16. Futhi noma ngabe ngubani ofulathelisa umhlane wakhe kubona ngalolosuku ngaphandle uma evivela impi noma ebalekela (kwelinye) iqembu uzehlisele intukuthelo kaMvelinqangi futhi isiphephelo sakhe yisihogo futhi sibi leso siphetho
  17. Ngakho-ke anibabulalanga kepha uMvelinqangi owababulala futhi awuphonsanga lutho ngenkathi uphonsa kepha uMvelinqangi owaphonsa ukuze avivinye abakholwayo ngakho ukuvivinya okuhle ngempela uMvelinqangi uyezwa unolwazi
  18. Lokhu (kuyiqiniso) futhi ngempela uMvelinqangi ungumenzi wesu labangakholwa ukuthi lingaphumeleli
  19. Uma (abangakholwayo) befuna isehlulelo sesifikile kubona kepha uma nipheza (ukwenza ukona) ngakho-ke lokho kungcono kunina kepha uma niphindela (ezonweni) sizophinda (ngoku nijezisa), futhi angeke liniphumelelise ngalutho iqembu lenu ngisho noma lingaba liningi uMvelinqangi ukanye nabakholwayo
  20. Oh nina enikholwayo! Hloniphani uMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi ningamfulatheli nibe nizwa (amavesi akhe)
  21. Futhi ningafani njengalabo abathi, “sizwile kepha bona bengezwa”
  22. Ngempela (abantu) bayizidalwa ezihambayo ezimbi kakhulu kuMvelinqangi izithuli nezimungulu ezingenamqondo (yilabo abangakholelwa emavesini)
  23. Futhi uma uMvelinqangi azi ubuhle obuthize kuzona (izidalwa) ubezozenza zizwe futhi uma ubezenze zezwa bezizophendukela emumva zona zingabaphiki (beqiniso)
  24. Oh nina enakholwayo! Phendulani kuMvelinqangi nasesithunyweni (sakhe) uma sinibizela kulokho okuniphilisayo futhi yazini ukuthi uMvelinqangi uza phakathi komuntu nenhliziyo yakhe nokuthi niyoqoqelwa kuyena
  25. Futhi sabani ukulingwa (nokuvivinywa) okungeke kwehlele labo abakhethiweyo kunina abayizoni futhi yazini ukuthi uMvelinqangi unzima ekujeziseni
  26. Futhi khumbulani ngenkathi nanimbalwa nibuthakathaka ezweni nesaba ukuthi abantu bangase banithumbe ngakho- ke wanikhoselisa futhi waneseka ngosizo lwakhe wanabela ezintweni ezinhle ukuze nibonge
  27. Oh nina enikholwayo! musani ukuba abangathembekile kuMvelinqangi nasesithunyweni (sakhe) noma ningathembeki ezintweni enithenjwe ngazo nibe nazi
  28. Futhi yazini ukuthi kuphela umcebo wenu nezingane zenu kungukulingwa nokuthi kuMvelinqangi kunomvuzo omkhulu
  29. Oh nina enikholwayo! Uma nesaba uMvelinqangi uzonenza ukuba nikwazi ukwehlulela (phakathi kokuhle nokubi) futhi asule izono zenu futhi anithethelele futhi uMvelinqangi ungumnini womusa omkhulu
  30. Futhi (khumbula) ngenkathi bebopha uzungu ngawe labo abangakholwa ukuthi bakuvimbele noma bakubulale noma bakuxoshe babebopha uzungu noMvelinqangi wabopha uzungu futhi uMvelinqangi ungongcono kunalabo ababopha uzungu
  31. Futhi uma befundelwa amavesi ethu bathi, “sizwile ukube besithanda besingasho okufana nalokhu, lokhu akuyilutho ngaphandle kokuthi kuyizinganekwane zasendulo”
  32. Futhi (khumbula) ngenkathi bethi, “Oh Mvelinqangi! Uma kungukuthi lokhu kuyiqiniso elivela kuwena ngakho-ke nethisela amatshe phezulu kwethu avela esibhakabhakeni noma ulethe isijeziso esibuhlungu”
  33. Futhi uMvelinqangi angeke abajezise nawe ukanye nabo futhi uMvelinqangi angeke abajezise kulapho bona becela intethelelo (kaMvelinqangi)
  34. Futhi kungani uMvelinqangi engeke abajezise ngenkathi bona bevimbela (abantu) eMasjid Al-Haraam futhi babengesibona abalondolozi bayo, ayinabalondolozi ngaphandle kwabalungileyo kepha iningi labo alazi
  35. Futhi umthandazo wabo endlini (eMasjid Al-Haraam) wawungeyilutho ngaphandle kokushaya amakhwela nehlombe ngakho-ke yizwani isijeziso ngenxa yokungakholwa kwenu
  36. Ngempela labo abangakholwa bachitha ingcebo yabo ukuze bavimbe endleleni kaMvelinqangi ngakho-ke bayoqhubeka beyichitha (ingcebo) bese kuba ukuzisola (okukhulu) kubona bese benqotshwa futhi labo abangakholwa bayoqoqelwa ndawonye esihogweni
  37. Ukuze uMvelinqangi ahlukanise abangalungile kwabalungile futhi abeke abangalungile omunye phezulu komunye bese ebanqwabela ndawonye abafake esihogweni labo-ke yibona abalahlekelweyo
  38. Ithi kulabo abangangakholwanga uma beyeka (ukungakholwa) bayothethelelwa (izono) zabo zakudala kepha uma bephindela (lapho ekungakholweni) ngakho-ke kwagcwaliseka lokho okwakwenziwa ngabantu basendulo
  39. Futhi nilwe nabo kuze kube kuyaphela ukungakholwa bese kuthi yonke inkolo ibengekaMvelinqangi kepha uma beyeka (ukungakholwa) ngakho-ke ngempela uMvelinqangi uyakubona lokho abakwenzayo
  40. Futhi uma befulathela ngakho-ke yazini ukuthi uMvelinqangi ungumvikeli wenu, umvikeli wekhethelo nomsizi wekhethelo
  41. Futhi yazini ukuthi uma nizuze okuthize empini ngakho-ke okukodwa kokuyisihlanu kwako kungokukaMvelinqangi nesithunywa nezihlobo ezisondelene nezintandane nabaswele nezihambi uma kungukuthi nina nakholwa kuMvelinqangi nakulokho esakwehlisela phansi encekwini yethu ngosuku lokwahlukanisa ngosuku mzukwane kuhlangana amaqembu amabili futhi uMvelinqangi unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto
  42. (Khumbula) ngenkathi nina naninganeno kwesigodi bona bekude bengaphesheya kwesigodi nezinqola zazingezansi kwenu futhi ukube nanizamile ukuhlangana (nezitha) ngempelananizohlulekaemhlanganweni(empini) kephaukuze uMvelinqangi afeze udaba olwaselunqunyiwe ukuthi labo okwakufanele babhubhe (ngenxa yokuphika kwabo ukholo) babhubhe ngobufakazi obucacile nalabo okwakufanele baphile (basinde ekubhujisweni) baphile ngobufakazi obucacile futhi ngempela uMvelinqangi uyezwa uyazi
  43. Khumbula ngenkathi ekukhombisa bona uMvelinqangi ephuphweni lakho bembalwa futhi ukube wakukhombisa bona bebaningi ngempela (nina abakholwayo) nanizolahlekelwa ugqozi futhi ngempela nanizophikisana odabeni (ukuthi niye empini noma ningayi) kepha uMvelinqangi wanisindisa ngempela yena uyisazi salokho okusezifubeni
  44. Futhi (khumbula) ngenkathi enikhombisa bona ngenkathi nihlangana bembalwa emehlweni enu futhi wanenza nabukeka nimbalwa emehlweni abo ukuze uMvelinqangi afeze udaba olwaselunqunyiwe futhi ikuMvelinqangi lapho zibuyiselwa khona izindaba
  45. Oh Nina enikholwayo! uma nihlangane neqembu (lezitha) yimani ngokuzimisela futhi nikhumbule uMvelinqangi kaningi ukuze niphumelele
  46. Futhi hloniphani uMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi ningaphikisani lokho kunganenza ukuthi nilahlekelwe ugqozi (lokuya empini) nokuphelelwa ngamandla enu futhi nibekezele ngempela uMvelinqangi ukanye nababekezelayo
  47. Futhi ningabi njengalabo abaphuma emizini yabo ngokuqhosha nokuthi babukwe ngabantu nokuthi bavimbela (abantu) endleleni kaMvelinqangi, futhi uMvelinqangi ungamele lokho abakwenzayo
  48. Futhi (khumbula) ngenkathi usathane ebenzela ukuthi imisebenzi yabo ibukeke imihle futhi wathi, “namhlanje akekho onganinqoba phakathi kwabantu futhi ngempela mina ngingumakhelwane wenu (ngizonisiza)” ngakho-ke kwathi lapho amabutho amabili ebonana (ehlangana empini) waphendukela ezithendeni zakhe (wabaleka) wathi “ngempela mina angihlangene nani ngempela mina ngibona lokho eningakuboni ngempela mina ngiyamesaba uMvelinqangi futhi uMvelinqangi unzima ekujeziseni”
  49. Ngenkathi abangabazenzisi nalabo ezinhliziyweni zabo okunesifo (labo abangakholwayo) bethi (kulabo abakholwayo) laba bakhohliswa yinkolo yabo futhi noma ngabe ngubani othembela kuMvelinqangi ngakho-ke ngempela uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  50. Futhi uma wawungase ubone ngenkathi izingelosi zithatha imiphefumulo yalabo abangakholwa zibashaya ebusweni babo nasemihlane yabo (zithi) yizwani isijeziso somlilo oshayo
  51. Lokhu kungenxa yalokho okwenziwe yizandla zenu nokuthi uMvelinqangi akasiyena ongenabo ubulungiswa ezincekwini zakhe
  52. Njengokwenza kwabantu baFaro kanye nalabo ababengaphambilini kwabo abaphika amavesi kaMvelinqangi ngakho-ke wababamba uMvelinqangi ngenxa yezono zabo ngempela uMvelinqangi unamandla unzima ekujeziseni
  53. Lokhu kungenxa yokuthi uMvelinqangi akawushintshi umusa awethwesa abantu kuze kube yilapho beshintsha lokho okusemiphefumulweni yabo futhi uMvelinqangi ungozwayo owaziyo
  54. Njengokwenza kwabantu baFaro kanye nalabo ababengaphambilini kwabo baphika amavesi eNkosi yabo ngakho-ke sababhubhisa ngenxa yezono zabo saminzisa abantu baFaro futhi bonke babeyizoni
  55. Ngempela izidalwa ezihambayo ezimbi kuMvelinqangi yilezo eziphika ukholo ngakho-ke angeke bakholwe
  56. Labo owenza nabo isivumelwano bayasephula isivumelwano sabo ngasosonke isikhathi futhi bona abamesabi uMvelinqangi
  57. Uma nibafica empini hlakazekani kanye nabo ukuze labo abangemumva kwabo bakhumbule (babone)
  58. Futhi uma kungukuthi wesaba ukuboshelwa uzungu ngabantu ngakho-ke phonsa (buyisela isivumelwano) kubona ngokufanayo ngempela uMvelinqangi akabathandi ababopha uzungu
  59. Futhi abangacabangi labo abaphika ukholo ukuthi bayosala (bayosinda ekujezisweni) ngempela bona angeke baphunyuke (ekujezisweni)
  60. Futhi balindeleni ngawo wonke amandla nangamahhashi empi enisongela ngawo izitha zikaMvelinqangi kanye nezitha zenu nezinye ngaphandle kwalezo eningazazi uMvelinqangi uyazazi futhi noma ngabe yini eniyichithayo endleleni kaMvelinqangi iyobuyiselwa kunina futhi nina angeke nenziwe okungesibona ubulungiswa
  61. Futhi uma bethambekela (befuna) ukuthula ngakho-ke thambekela kukona futhi uthembele kuMvelinqangi ngempela yena ungozwayo onolwazi
  62. Futhi uma befuna ukukukhohlisa ngakho-ke ngempela uMvelinqangi wenele kuwena yena ungowokweseka ngosizo lwakhe nangabakholwayo
  63. Futhi wahlanganisa izinhliziyo zabo uma wawuchithe konke okusemhlabeni wawungeke uhlanganise izinhliziyo zabo kepha uMvelinqangi owabahlanganisa ngempela yena uphakeme ngamandla unobuhlakani
  64. Oh mphrofethi! ukwenele uMvelinqangi kanye nalabo abakulandelayo abangamakholwa
  65. Oh Mphrofethi! Gqugquzela abakholwayo ukuthi balwe (endleleni kaMvelinqangi), uma kukhona phakathi kwenu abangamashumi amabili ababekezelayo bayonqoba abangamakhulu amabili (kubona) futhi uma kunina kunabayikhulu bayonqoba abayinkulungwane kulabo abangakholwayo ngenxa yokuthi bona bangabantu abangaqondi
  66. Manje uMvelinqangi usenenzele kwabalula kunina futhi wazi ukuthi kunobuthakathaka kunina ngakho-ke uma kukhona abayikhulu kunina ababekezelayo bayonqoba abangamakhulu amabili futhi uma kukhona abayinkulungwane kunina bayonqoba abayizinkulungwane ezimbili ngentando kaMvelinqangi futhi uMvelinqangi ukanye nababekezelayo
  67. Akusikhona okomphrofethi ukuthi athumbe abantu empini ngaphandle kokuba uma (elwile nezitha) ezweni nifisa izinto zalomhlaba kepha uMvelinqangi (unifisela) impilo ezayo Futhi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  68. Ukube kwakungesi ngenxa yesinqumo esivela kuMvelinqangi benizokwehlelwa yisijeziso esikhulu ngenxa yalokho enanikuthathileyo
  69. Ngakho-ke yidlani ezintweni enizizuzile empini ezisemthethweni ukuba zingadliwa ezinhle futhi nesabe uMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
  70. Oh Mphrofethi! Ithi kulabo abathunjwe empini abasezandleni zenu uma uMvelinqangi ekwazi okuhle okusezinhliziyweni zenu, uzoninika okungcono kunalokho okwathathwa kunina futhi anithethelele futhi uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
  71. Futhi uma befisa ukwenza ubuqili kuwena ngempela babenza ubuqili kuMvelinqangi ngaphambilini ngakho-ke wakunika amandla ngaphezulu kwabo futhi uMvelinqangi uyazi unobuhlakani
  72. Ngempela labo abakholwayo abashiya imizi yabo baye kwenye indawo futhi bazabalaze ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo endleleni kaMvelinqangi kanye nalabo ababanika indawo yokukhosela futhi basiza, labo-ke abanye babo bangabangane babanye kanye nalabo abakholwa kepha abangazange bashiye imizi yabo baye kwezinye izindawo ningabavikeli ngalutho kuze kube bashiya imizi yabo baya kwezinye izindawo futhi uma becela usizo kunina mayelana nenkolo ngakho-ke umthwalo ophezulu kwenu ukubasiza ngaphandle kwabantu okunesivumelwano phakathi kwenu nabo futhi uMvelinqangi ungumboni walokho enikwenzayo
  73. Kanye nalabo abaphika ukholo abanye babo bangabangane babanye uma ningakwenzi lokho ifitna (ukungakholwa nengcindezelo) emhlabeni nokukhohlakala okukhulu
  74. Kanye nalabo abakholwayo futhi bashiya imizi yabo baya kwezinye izindawo futhi bazabalaza endleleni kaMvelinqangi kanye nalabo ababakhoselisa futhi babasiza labo bangabakholwayo ngokweqiniso okwabo yintethelelo nokuhlinzekwa okusezingeni eliphezulu
  75. Futhi labo abakholwayo emva (kwesikhashana) futhi bashiya imizi yabo baya kwezinye izindawo futhi bazabalaza kanye nani ngakho-ke labo bangabangani benu, nezihlobo ezosondelene ezinye zazo kwezinye (mayelana nefa) elabekwa nguMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi ungumazi wakho konke