9.The Repentance

  1. Isimemezelo sokubamsulwa esivela kuMvelinqangi nesithunywa sakhe iya kulabo enenza nabo isivumelwano abangabakhonzi bezithixo
  2. Ngakho-ke hambani emhlabeni izinyanga ezine kepha nazi ukuthininaangekeniphunyuke(esijezisweni) sikaMvelinqangi nokuthi uMvelinqangi ungohlaza abangakholwa
  3. Nesimemezelo esivela kuMvelinqangi nasesithunyweni sakhe esiya kubantu ngosuku olukhulu kakhulu lwehajj ukuthi uMvelinqangi ukhululekile ngabantu abakhonza izithixo kanye nesithunywa sakhe, ngakho-ke uma nizisola kuzoba ngcono kunina futhi uma niphendukela emumva (ekoneni) azini ukuthi nina angeke niphunyuke (esijezisweni) sikaMvelinqangi futhi batshele labo abangakholwa ngesijeziso esibuhlungu
  4. Ngaphandlekwalaboenenzanaboisivumelwanoabayizikhonzi zezithixo bese benganidumazi ngalutho futhi bangeseki ngisho noyedwa (ekulweni noma ekuphikisaneni) nani ngakho-ke gcwalisa isivumelwano sabo kuze kube yisikhathi sabo esinqunyiweyo ngempela uMvelinqangi uyabathanda abalungileyo (abamesabayo)
  5. Ngakho-ke uma sekudlule izinyanga ezingcwele seningababulala abakhonzi bezithixo noma ngabe yikuphi lapho nibathola khona futhi nibathumbe futhi nibavimbele nihlale nibalindele kuzona zonke izindawo zokucasha kepha uma bezisola futhi benza imithandazo futhi bekhokha izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhelwa abampofu) iyekeni indlela yabo ikhululekile, ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
  6. Futhi uma oyedwa wabakhonza izithixo efuna ukuvikelwa nguwena ngakho-ke mvikele kuze kube uzwa amazwi kaMvelinqangi bese umuletha endaweni ephephile lokhu kungenxa yokuthi bona bangabantu abangazi (lutho)
  7. Singabakhona kanjani isivumelwano sabakhonzi bezithombe noMvelinqangi nasesithunyweni sakhe ngaphandle kwalabo enenza nabo isivumelwano eMasjid Al-Haraam ngakho-ke uma beqondile kunina yibani ngabaqondile kubona ngempela uMvelinqangi uyabathanda abalungileyo
  8. (Kungenzeka) kanjani ukuthi uma benehlula bangazinaki izibopho zobuhlobo nezesivumelwano na? Banithokozisa ngemilomo yabo kepha izinhliziyo zabo ziyenqaba (bayanikhohlisa) futhi iningi labo liyizoni
  9. Bathenga izimpawu zikaMvelinqangi okuyinzuzo encane ngakho-ke bavimbela (abantu) endleleni yakhe ngempela bona kwakukubi lokho ababekwenza
  10. Babengalinaki ikholwa mayelana nezibopho zobuhlobo noma ezesivumelwano futhi laba yibona abephula umthetho
  11. Kepha uma bezisola benza imithandazo futhi bakhokhe izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhwa kwabampofu) ngakho-ke bangabazalwane benu enkolweni futhi siwachaza ngobunjalo bawo amavesi kubantu abanolwazi
  12. Futhi uma bephula izifungo zabo emumva kwesivumelwano sabo futhi bagxeke inkolo yenu ngakho-ke yilwani nabaholi bokungakholwa ngempela bona izifungo zabo aziyilutho kubona ukuze bayeke ukona
  13. Ngakube angeke nilwe yini nabantu abephula izifungo zabo na? Behlose nokugxosha isithunywa futhi kuyibona abanihlasela kuqala, ngakube niyabesaba yini na? Ngakho-ke uMvelinqangi ofanelwe kakhulu ukuthi nimesabe uma nina ningabakholwayo
  14. Yilwani nabo uMvelinqangi uzobajezisa ngezandla zenu futhi uyobahlaza bese enenza ukuba nibanqobe alaphe izifuba zabantu abakholwayo
  15. Futhi asuse intukuthelo yezinhliziyo zabo, futhi uMvelinqangi uthethelela lowo amthandayo futhi uMvelinqangi unolwazi unobuhlakani
  16. Ngakube nicabange ukuthi nizoyekwa ngenkathi uMvelinqangi engakabazi labo kunina abazabalaza kanzima abalwa (endleleni yakhe) futhi abangathathanga umeseki ngaphandle kukaMvelinqangi, isithunywa sakhe kanye nabakholwayo na? Futhi uMvelinqangi uyisazi ngalokho enikwenzayo
  17. Akusikona okwabakhonzi bezithixo ukuthi bangahlala eMasjid kaMvelinqangi kulapho benobufakazi emiphefumulweni yabo ngokungakholwa, labo izenzo zabo ziphenduke zaba yize leze futhi bona bayohlala emlilweni ingunaphakade
  18. Kuphela abahlala eMasjid kaMvelinqangi yilabo abakholwayo kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina, benze imithandazo futhi bakhokhe izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhwa kwabampofu) futhi bangesabi (omunye umuntu) ngaphandle kukaMvelinqangi ngakho-ke kulindelekile ukuthi labo babengabaholiweyo
  19. Ngakube niyakunaka yini ukupha labo abenza iHajj amanzi okuphuza nokulondoza iMasjid Al-Haraam njengalowo okholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina futhi azabalaze kanzima endleleni kaMvelinqangi abalingani emehlweni kaMvelinqangi futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni
  20. Labo abakholwayo abashiya imizi yabo baya kwezinye izindawo futhi bazabalaza endleleni kaMvelinqangi ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo okwabo yizinga eliphezulu kuMvelinqangi futhi laba yibona abanqobayo
  21. Ibatshena izindaba ezimnandi iNkosi yabo ngomusa ovela kuyona nenjabulo yayo nezivande okwabo kuzona yinjabulo engapheliyo
  22. Bayohlala khona ingunaphakade ngempela uMvelinqangi kuyena kunomvuzo omkhulu
  23. Oh nina enikholwayo! Ningabothatha oyihlo kanye nabafowenu ukuthi babengabavikeli uma bethanda ukungakholwa kunokukholwa futhi noma ngabe ngobani phakathi kwenu abaphendukela kubona ngakho-ke labo yibona abangabenzi bokubi
  24. Ithi, “uma kungukuthi oyihlo namadodana enu nabafowenu namakhosikazi enu, nezihlobo zenu nengcebo eniyizuzile nebhizinisi enisaba ukwehla kwalo, nezindlu enizithandayo eziyigugu ngokwedlulele kunina kunoMvelinqangi nesithunywa sakhe nokuzabalaza kanzima endleleni yakhe (uMvelinqangi) ngakho-ke lindani kuze kube uMvelinqangi uyeza nesinqumo sakhe futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni
  25. Ngempela uMvelinqangi wanilekelela ezindaweni eziningi (zempi) nangosuku lwempi yaseHunayn ngenkathi kwakunithokozisa ukubabaningi kwenu kepha akuzange kunisize ngalutho nomhlaba njengoba ubanzi nenzelwa wancipha nabe senifulathela nibaleka
  26. UMvelinqangi wayesehlisela ukuthula kwakhe phezu kwesithunywa sakhe naphezu kwabakholwayo wayesethumela phansi amabutho eningazange niwabone (ngaphambilini) futhi wajezisa labo ababengakholwa futhi lokho ngumvuzo wabangakholwayo
  27. UMvelinqangi wayesephenduka ngentethelelo emva kwalokho kulowo amthandayo futhi uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
  28. Oh nina enikholwayo! ngempela abakhonzi bezithixo bangcolile ngakho-ke abangasondeli eMasjid Al-Haraam emva kwalonyaka wabo futhi uma nesaba ubuphofu ngakho- ke uMvelinqangi uzoninothisa ngomusa wakhe uma ethanda, ngempela uMvelinqangi unolwazi unobuhlakani
  29. Yilwani nalabo abangakholwa kuMvelinqangi futhi abangakholelwa osukwini lokugcina futhi abangakwenqabeli lokho okwenqatshelwa uMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi abangayilandeli inkolo eyiqiniso, phakathi kwalabo abanikezwa incwadi kuze kube bakhokha ijizya (intela) ngezandla zabo bezizwa bedunyaziwe
  30. Futhi amaJuda athi, “u-Ezra uyindodana kaMvelinqangi” namaKhrestu athi “uMesiya uyindodana kaMvelinqangi” lokhu kungamazwi abo abawasho ngemilomo yabo basho inkulumo efana neyalabo ababengakholwa ngaphambilini uMvelinqangi wababhubhisa ngokubalekelana kwabo neqiniso
  31. Bathathe ama-Rabbis (izifundiswa) nama-Monk (amaRoma abo angaganiwe ahlala esigodlweni) ukuthi babe ngamakhosi abo esikhundleni sikaMvelinqangi noMesiya indodana kaMariya (bamthatha njengeNkosi yabo) futhi babengazange baphoqwe ngalutho ngaphandle kokuthi bakhonze uNkulunkulu oyedwa, ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe, udumo lungolwakhe ngaphezu kwalokho abamenzela ngakho uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni
  32. Bafuna ukucisha ukukhanya kukaMvelinqangi ngemilomo yabo kepha uMvelinqangi angeke avumele lutho ngaphandle kokupheleliswa kokukhanya kwakhe yize noma ngabe bengakuthandi lokho abangakholwayo
  33. (UMvelinqangi) nguyena owathumela isithunywa sakhe nokuhola (okuyiqiniso) nenkolo yeqiniso (i-Islam ukuzinikela ngaphansi kwentando kaMvelinqangi) ukuze idlule zonke izinkolo noma ngabe bengakuthandi lokho abakhonzi bezithixo
  34. Oh nina enikholwayo! ngempela baningi abangama-Rabbi (izifundiswa) nama-Monk (amaRoma angaganiwe) ahlala esigodlweni abadla ingcebo yabantu ngokungemthetho futhi bevimbela (abantu) endleleni kaMvelinqangi kanye nalabo abaqongelela igolide nesiliva bengalisebenzisa endleleni kaMvelinqangi ngakho-ke batshene ngesijeziso esibuhlungu
  35. Ngosuku lapho kuyoshiswa khona emlilweni wesihogo (konke lokho ababengakusebenzisi endleleni kaMvelinqangi) bese kushiswa ngakho iziphongo zabo nezinhlangothi zabo nemihlaneyabo, (kuyothiwa) “ilokhu imiphefumulo yenu eyakuqoqela ndawonye ngakho-ke yizwani lokho enanikuqoqela ndawonye
  36. Ngempela isibalo sezinyanga kuMvelinqangi izinyanga eziyishumi nambili (onyakeni) kuyisinqumo sikaMvelinqangi (kusukela) ngosuku edala amazulu nomhlaba, kuzona (lezizinyanga) ezine zingcwele, leyo inkolo elungileyo ngakho-ke ningenzi ukuthi imiphefumulo yenu yenze okungenabulungiswa kuzona futhi yilwani nabakhonzi bezithixo nonke njengoba belwa nani bonke futhi yazini ukuthi uMvelinqangi ukanye nabalungileyo
  37. Ukuhlehlisa (inyanga engcwele) ngempela kungukunezezela ekungakholweni okudukiswa ngakho labo abangakholwayo bakwenza kube semthethweni (ukuyihlehlisa inyanga engcwele ngomunye) unyaka ukuze kuvumelane (nesibalo sezinyanga) azenza zaba ngcwele uMvelinqangi ngakho-ke bakwenza kwaba semthethweni lokho akwenqabela uMvelinqangi, yenziwa yabukeka kubona imihle imisebenzi yabo emibi futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abangakholwayo
  38. Oh nina enikholwayo! kwenzekani kunina, uma kuthiwa kunina “hambani endleleni kaMvelinqangi (i-Jihad) aninyakazi ezweni nijabuliswa impilo yalomhlaba kunempilo ezayo na? Ngakho-ke injabulo yempilo yalomhlaba yincane kuneyempilo ezayo
  39. Uma ningayi phambili (ningahambi endleleni kaMvelinqangi) uzonijezisa ngesijeziso esibuhlungu bese enishintsha ngabanye abantu futhi angeke nimlimaze ngalutho futhi uMvelinqangi unamandla ngaphezu kwezinto zonke
  40. Uma ningamlekeleli (uMphrofethi) umlekelele uMvelinqangi ngenkathi bemgxosha labo abangakholwayo waba ngomunye wababili ngenkathi bobabili besemgedeni ngenkathi (oyedwa wabo) ethi komngane wakhe (Abubaker) “ungaphatheki kabi ngempela uMvelinqangi ukanye nathi” ngakho-ke uMvelinqangi wehlisela phansi ukuthula kwakhe kuyena futhi (uMvelinqangi) wameseka ngamasosha (amabutho) eningakaze niwabone futhi wenza ukuthi izwi lalabo abangakholwayo laba phansi, wenza izwi likaMvelinqangi laba ngeliphezulu futhi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  41. Hambani nilula (niphilile futhi ninothile) noma nihambe nisinda (nigula futhi nimpofu), nizabalaze kanzima ngengcebo yenu nangemiphefumulo yenu endleleni kaMvelinqangi lokhu kungcono kunina uma kungukuthi nina benazi
  42. Uma kungukuthi kuyinzuzo eseduze nohambo olulula ngempela babezokulandela kepha indlela yayiyinde kubona futhi bazofunga ngoMvelinqangi bathi “ukube sasingakwazi sasizohamba kanye nani” babhubhisa imiphefumulo yabo futhi uMvelinqangi uyazi ukuthi ngempela bona bangabaqambi bamanga
  43. UMvelinqangi wakuthethelela, kungani wabavumela kuze kube bavela obala kuwena labo abakhuluma iqiniso futhi uyabazi abangabaqambi bamanga na
  44. Abayiceli kuwena imvume labo abakholwayo kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina ukuthi bazabalaze (endleleni kaMvelinqangi) ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo futhi uMvelinqangi uyisazi ngabalungileyo
  45. Ilabo kuphela abangakholwayo kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina abacela imvumo kuwena futhi izinhliziyo zabo zisekungabazeni ngakho-ke bona bayanqikaza ekungabazeni kwabo
  46. Futhi uma babefuna ukuphuma (bazabalaze endleleni kaMvelinqangi) ngempela babezokwenzela amalungiselelo kepha uMvelinqangi akakuthandanga ukuthunywa kwabo ngakho-ke wabenza basalela ngemumva futhi kwathiwa (kubona) hlalani kanye nabahleli
  47. Ukube babehambile kanye nani babengeke baninezezele ngalutho ngaphandle kwesiphithiphithi futhi bajahe ukwenza uqhekeko phakathi kwenu futhi phakathi kwenu kunalabo ababezobalalela, futhi uMvelinqangi uyazazi izoni
  48. Ngempela babefuna ukwenza uqhekeko ngaphambilini futhi bahlanekezela izindaba ngawe kwaze kwafika iqiniso futhi kwavela nempoqo kaMvelinqangi futhi bona babengakuthandi (lokhu)
  49. Futhi phakathi kwabo kunalowo muntu othi, “ngivumele (ngisalele ngemumva ngingayi kozabalaza endleleni kaMvelinqangi) ungangilingi kepha sebewele ekulingweni futhi ngempela isihogo sibazungelezile abangakholwayo
  50. Uma wehlelwa okuhle bayakhathazeka futhi uma wehlelwa okubi bathi “ngempela saluthatha udaba lwethu (saqaphela) ngaphambilini bese bephendukela emumva bejabulile”
  51. Ithi, “ayikho into eyosehlela ngaphandle kwalokho uMvelinqangi asibekele kona yena ungumvikeli wethu, futhi ikuMvelinqangi lapho bebeka khona ithemba abakholwayo”
  52. Ithi ngakube nisilindelele okukodwa ezintweni ezimbili ezinhle na? Futhi nathi sinilindelele ukuthi uMvelinqangi anihlisele isijeziso esivela kuyena uqobo noma (anehlisele isijeziso) ngezandla zethu ngakho-ke lindani ngempela nathi sikanye nani ekulindeni
  53. Ithi, “chithani (ingcebo yenu) nithanda noma ningathandi ayisoze yemukeleka kunina ngempela nina ningabantu abephula umthetho.”
  54. Futhi akukho lutho olubavimbayo ukuthi yamukeleke kubona iminikelo yabo ngaphandle kokuthi bona abakholwanga kuMvelinqangi nasesithunyweni sakhe futhi abayenzi imithandazo ngaphandle kokuyenza ngobuvila futhi abanikeli (ngengcebo yabo) kepha (banikela ngayo) bengathandi
  55. Ngakho-ke mawungajabuliswa ingcebo yabo noma izingane zabo, kuphela uMvelinqangi ufuna ukubajezisa ngakho empilweni yakulomhlaba nokuthi imiphefumulo yabo iphume (bafe) bengakholwa
  56. Futhi bafunga ngoMvelinqangi ukuthi ngempela bona baphuma phakathi kwenu kulapho bengaphumi phakathi kwenu kepha bona bangabantu (abangabazenzisi) abesaba (ukuthi ningase nibabulale)
  57. Ukube babengase bathole indawo yokukhosela noma imigede noma indawo yokungena babezojika bangene khona bebaleka ngokushesha
  58. Futhi phakathi kwabo kunalabo abakusolayo mayelana nokukhishwakweziphoumabephiwekuzonabayajabulakepha uma bengaphiwanga kuzona kulapho bona bethukuthela
  59. Futhi ukube bona babekujabulela lokho ayebanike kona uMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi bathi “usanele uMvelinqangi uzosipha uMvelinqangi emseni wakhe nesithunywa sakhe ngempela thina ikuMvelinqangi lapho sithanda khona
  60. Ngempela umnikelo (izakaah) eyabampofu nabasweleyo, nalabo abaqashelwe ukuba bayiqoqe (izakaah) neyokuhlanganisa izinhliziyo zabo ndawonye (zihlanganiselwa i-Islam) neyokukhulula abaphangwe (empini noma izigqila) neyabakweletayo nokuyisebenzisa endleleni kaMvelinqangi neyesihambi, (izakaah eyalabo) kuphela, isinqumo esivela kuMvelinqangi futhi uMvelinqangi unolwazi unobuhlakani
  61. Futhi phakathi kwabo kunalabo abahlupha uMphrofethi futhi bathi “yena uyindlebe” (ulalela zonke izindaba) ithi uyindlebe (ungumlaleli wezindaba) ezinhle zenu ukholwa kuMvelinqangi futhi ukholwa ngabakholwayo nomusa kulabo abakholwayo phakathi kwenu futhi labo abahlupha isithunywa sikaMvelinqangi okwabo isijeziso esibuhlungu
  62. Bafunga ngoMvelinqangi kunina ukuze banijabulise futhi uMvelinqangi nesithunywa sakhe ekufaneleke kakhulu ukuthi bajatshuliswe uma (labo abafungayo) bengabakholiweyo
  63. Abazi yini ukuthi noma ngabe ubani ophikisa uMvelinqangi nesithunywa sakhe ukuthi okwakhe umlilo wesihogo uyohlala khona ingunaphakade lokho ihlazo elikhulu
  64. Abazenzisi bayesaba ukuthi hleze kwembulwe isahluko mayelana nabo sibatshela ngalokho okusezinhliziyweni zabo, Ithi, “enzani inhlekisa ngempela uMvelinqangi ungumvezi walokho enikusabayo”
  65. Futhi uma ubabuza ngempela bayothi “sasizikhulumela nje futhi sizidlalela” ithi “ngakube uMvelinqangi namavesi akhe nesithunywa sakhe enanenza ngabo inhlekisa.”
  66. Ningenzi sizathu, ngempela naphika ukholo emva kokukholwa kwenu uma sithethelela iqembu lenu sizojezisa iqembu ngenxa yokuthi bona babeyizigebengu (beyizoni)
  67. Abazenzisi besilisa nabesifazane bangabanye babanye bagqugquzela (abantu) ngokwenza okubi babanqabele ekwenzeni okuhle futhi bagodle izandla zabo bakhohlwa nguMvelinqangi ngakho-ke (naye) wabakhohlwa ngempela abazenzisi bangabephuli bomthetho (abahloniphi)
  68. UMvelinqangi wathembisa abazenzisi besilisa nabesifazane nabangakholwayo umlilo wesihogo bayohlala kuwona ingunaphakade wona ubanele futhi wabaqalekisa uMvelinqangi futhi okwabo isijeziso esingapheliyo
  69. Njengalabo ababengaphambilini kwenu babenamandla ngaphezu kwenu futhi benengcebo eningi nezingane ngakho-ke bazithokozisa ngengxenye yabo nani zithokoziseni ngengxenye yenu njengoba bazithokozisa labo ababengaphambilini kwenu ngengxenye yabo futhi bezitika ngezinkulumo ezingenamsebenzi njengalabo ababezitika ngezinkulumo ezingenamsebenzi labo-ke imisebenzi yabo yaba ize leze kulomhlaba nasemhlabeni ozayo, yibona kanye labo abalahlekelweyo
  70. Ngakube ayizange yini ifike kubona indaba yalabo ababengaphambilini kwabo yabantu bakaNowa no-A’d noThamud neyabantu baka-Ibrahim neyezakhamuzi zaseMadyan namadolobha abhubhileyo na? Zafika kubona izithunywa zabo nobufakazi obucacile, kwakungesiyena uMvelinqangi owona (imiphefumulo yabo) kepha imiphefumulo yabo eyazona yona
  71. Futhi abakholwayo besilisa nabakholwayo besifazane abanye babo bangabangane babanye bagqugquzela ngokwenza okuhle banqabela okubi futhi benza imithandazo futhi bakhokha izakaah bahlonipha uMvelinqangi nesithunywa sakhe, labo uMvelinqangi uyoba nomusa kubona ngempela uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
  72. UMvelinqangi wathembisa abakholwayo besilisa nabakholwayo besifazane izivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula bayohlala khona ingunaphakade nezindawo zokuhlala ezinhle ezivandeni zase – Eden nenjabulo evela kuMvelinqangi inkulu kakhulu, lokho kuyimpumelelo enkulu
  73. Oh Mphrofethi! zabalaza kanzima maqondana nabangakholwayo nabazenzisi, ubenzima kubona futhi indawo yabo yokuhlala isihogo sibi leso siphetho
  74. BafungangoMvelinqangiukuthiabazangebasholuthokulapho ngempela balisho izwi lokungakholwa, nokungakholwa emva kokuba sebamukela i-Islam futhi benza amacebo ngalokho angeke bakwazi ukukuzuza, babengacasulwa ukungazitholi ezinye izindlela zokwenza lokho ngaphandle kokuthi uMvelinqangi nesithunywa sakhe ubanothisile ngomusa wakhe ngakho-ke uma bezisola lokho kuyoba ngcono kubona kepha uma bephendukela emumva uMvelinqangi uyobajezisa ngesijeziso esibuhlungu lapha emhlabeni nakwelizayo futhi kulomhlaba abayikuba namvikeli futhi abayikuba namsizi
  75. Futhi phakathi kwabo kunalabo abenza isivumelwano noMvelinqangi (bathi) uma engasipha emseni wakhe ngempela besizoyikhokha isadaqah (isipho) futhi ngempela besizoba ngabalungileyo
  76. Kepha kwathi uma esebaphile emseni wakhe baphenduka abancishanayo ngawo futhi bafulathela bengathandi (ukukwenza lokho)
  77. Ngakho-ke wabajezisa ngokufaka ukuzenzisa ezinhliziyweni zabo kuze kube usuku lapho beyohlangana khona naye, ngenxa yokuphula isithembiso sikaMvelinqangi ababemthembise sona futhi (uyobajezisa) ngenxa yokuthi babeqamba amanga
  78. Ngakube abazi yini ukuthi uMvelinqangi uyazazi izimfihlo zabo nokuhlangana kwabo kwangasese nokuthi uMvelinqangi uyisazi ngezinto ezingabonwayo na
  79. Labo abahleba ngalabo abakholwayo abanikelayo ngokuzithandela kanye nalabo abangakwazi ukuthola izindlela zokunikela (abangenalutho lokunikela) ngaphandle (kokukuthola) ngokuzabalaza kwabo kanzima ngakho-ke babenza inhlekisa, uMvelinqangi uyobenza inhlekisa futhi okwabo isijeziso esibuhlungu
  80. (Oh Muhammad!) bacelele intethelelo noma ungabaceleli intethelelo, uma ubacelela intethelelo izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa ngakho-ke uMvelinqangi akasoze wabathethelela lokho kungenxa yokuthi bona babengakholwa kuMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abephula umthetho (abangahloniphi)
  81. Bajabula labo ababesalele ngemumva ngokusalela ngemumva kwabo kwesithunywa sikaMvelinqangi futhi babengakuthandi ukuzabalaza kanzima ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo endleleni kaMvelinqangi futhi bathi, “ningayi ekushiseni” ithi “umlilo wesihogo ushisa kakhulu ukube babekuqonda (lokho)”
  82. Ngakho-ke mabahleke kancane (okwesikhashana) kepha bakhale kakhulu, (lokho) kungumvuzo walokho ababekwenza
  83. Ngakho-ke uma uMvelinqangi ekubuyisela emumva eqenjini labo becela kuwena imvume ukuthi baphume (baye kolwa) ngakho-ke ithi, “(kubona) anisoze naphuma kanye nami futhi anisoze nalwa nesitha kanye nami, ngempela nina najabuliswa ukusalela ngemumva kokuqala ngakho-ke hlalani kanye nabasaleleyo ngemumva”
  84. Futhi ungathandazeli ngisho nanoyedwa wabo uma efile futhi ungami engcwabeni lakhe ngempela bona baphika uMvelinqanginesithunywasakhefuthibonabafabengabaphuli bomthetho kaMvelinqangi
  85. Futhi awungakumangalisi umcebo wabo nezingane zabo, kuphela uMvelinqangi uthanda ukubajezisa ngakho lapha emhlabeni nokuthi imiphefumulo yabo iphume (bafe) bengabangakholwayo
  86. Futhi uma kwembulwa isahluko ukuthi bakholwe kuMvelinqangi futhi bazabalaze kanzima kanye nesithunywa sakhe, labo ababenothile phakathi kwabo bacela imvume kuwena bathi, “sishiye ukuze sibe kanye nabaseleyo”
  87. Babethokoziswa ukuthi babe kanye nabasaleleyo (emakhaya abo) futhi izinhliziyo zabo zisicilelwe ukuze bangaqondi
  88. Kepha isithunywa nalabo abakholwayo kanye naso bazabalaza ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo labo-ke okwabo izinto ezinhle futhi labo yibona abangabaphumeleleyo
  89. UMvelinqangi wabalungiselela izivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula, bayohlala khona ingunaphakade lokho kungukuphumelela okukhulu
  90. Futhi labo ababenza amazaba abaphuma phakathi kwalabo abahlala ogwadule (ama-Arab) beza ukuze bavunyelwe futhi basalela ngemumva behleli labo abaqamba amanga ngoMvelinqangi nesithunywa sakhe, labo abangakholwanga phakathi kwabo bayokwehliselwa isijeziso esibuhlungu
  91. Akunacala kulaba ababuthakathaka nakwabagulayo nakulabo abangenaluthoabangaluchitha(endlelenikaMvelinqangi) uma beqotho kuMvelinqangi nasesithunyweni sakhe, akunandlela abangasolwa ngayo abenzi bokuhle, futhi uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu
  92. Futhi (akunacala) kulabo okwathi ngenkathi beza kuwena ukuzeubagibelisewathi(kubona)“angikutholiokokunigibelisa kukona” baphindela emumva amehlo abo egcwele izinyembezi zosizi ukuthi bangatholi lutho abangalusebenzisa
  93. Kuphela indlela (yokusola) ibhekene nalabo abacela imvume kuwena (ukuthi basalele ngemumva emakhaya abo) kulapho bona benothile bakuthokozela ukuthi babe kanye nabasaleleyo emumva futhi uMvelinqangi wasicilela izinhliziyo zabo ngakho-ke bona abazi
  94. Bazokwenza izaba kunina uma seniphindele emumva kubona ithi, “musani ukwenza izaba asisoze sinikholwe uMvelinqangi usitshenile ezinye zezindaba zenu futhi uMvelinqangi nesithunywa sakhe bayoyibona imisebenzi yenu, niyobuyisela emumva esazini sokungabonwayo nokubonwayo bese sinitshela ngalokho enanikwenza
  95. Bayofunga ngoMvelinqangi kunina uma senibuyele emumva kubona ukuze niqhelelane nabo ngakho-ke qhelelanani nabo ngempela bona bangcolile futhi indawo yabo yokuhlala yisihogo, inhlawulo ngenxa yalokho ababekuzuza (ababekwenza)
  96. Bafungakuninaukuzenibathokozelekephaumanibathokozela ngakho-ke ngempela uMvelinqangi akabathokozeli abantu abephula umthetho (abangahloniphi)
  97. Abahlali basogwadule (ama-Arab) bangabangakholwa kakhulu nobuzenzisi obukhulu benza sengathi abazazi izinqumo ezambulwa nguMvelinqangi esithunyweni sakhe futhi uMvelinqangi uyazi unobuhlakani
  98. Kulabo abahlala ogwadule (ama-Arab) kunalabo abathatha lokho abakusebenzisayo njengenhlawulo balindele ukuthi nehlelwe okubi, kuyokwehlela kubona okubi futhi uMvelinqangi uyezwa uyazi
  99. Futhi phakathi kwabahlali basogwadule kunalabo abakholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina futhi bathatha lokho abakuchithayo (abaphana ngakho) njengezindlela zokusondela kuMvelinqangi nemithandazo yesithunywa, uma kungukuthi ngempela lezizindlela kubona zingezokusondela, uMvelinqangi uyobafaka emseni wakhe, ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
  100. Futhi ababengaphambilini bokuqala kwabafuduka (besuka eMakkah beya eMadina) nabasizi (izakhamuzi zaseMadina ezazisiza labo ababephuma eMakkah) kanye nalabo ababalandela ngokulunga (enkolweni) uMvelinqangi uthokozile ngabo nabo bathokozile ngaye futhi wabalungisela izivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula bayohlala khona ingunaphakade lokho kungukuphumelela okukhulu
  101. Nakulabo abanizungelezile abangama-Arab abangabazenzisi futhi nasebantwini baseMadina kunaphikelelayo ekuzenziseni angeke ubazi thina siyabazi siyobajezisa izikhathi ezimbili bese bephindiselwa esijezisweni esikhulu
  102. Futhi abanye bazivuma izono zabo bahlanganisa isenzo esihle nesibi kepha uMvelinqangi uyophendukela kubona ngentethelelo ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
  103. Thatha imali eyisipho engcebweni yabo ubahlanze futhi ubenze ukuthi babemsulwa ngayo, ubathandazele ngempela umthandazowakhouyindawoyokuhlalakubona(ungukuthula kubona) futhi uMvelinqangi uyezwa unolwazi
  104. Ngakube abazi yini ukuthi uMvelinqangi yena uyakwamukela ukuzisola ezincekwini zakhe futhi amukele izipho nokuthi uMvelinqangi yena ungokwamukelayo ukuzisola unesihawu
  105. Futhi ithi, “sebenzani” uMvelinqangi uzowubona umsebenzi wenu (kanjalo) nesithunywa sakhe nabakholwayo futhi niyophindiselwa esazini sokungabonwayo nokubonwayo ngakho-ke siyonitshena ngalokho enanikwenza
  106. Futhi abanye benziwa ukuthi balinde umyalelo kaMvelinqangi ukuthi uyabajezisa noma uphendukela kubona ngentethelelo futhi uMvelinqangi unolwazi unobuhlakani
  107. Kanye nalabo abathatha iMasjid (indlu yokuthandazela) njengendawo yokulimaza (nokona) neyokungakholwa neyokwenza uqhekeko phakathi kwabakholwayo nenjengesiphephelo kulabo abalwa (bangamhloniphi) uMvelinqangi nesithunywa sakhe ngaphambilini futhi ngempela bafunga (bathi) besingafisi lutho ngaphandle kobuhle futhi uMvelinqangi uyabona ukuthi ngempela bona baqamba amanga
  108. Ungabona nakancane phakathi kuyona (leyo Masjid uma ufuna ukuthandaza) iMasjid yasungulelwa ukulunga kwasekuqaleni ngosuku ekufanekele ngalo kakhulu nime (nithandaze) kuyona, kuyona kunamadoda athanda ukuthi ahlanzeke futhi uMvelinqangi uyabathanda abazihlanzayo
  109. Ngakube lowo obeka isisekelo sesakhiwo sakhe ekwesabeni okuvele kuMvelinqangi nasenjabulweni yakhe kungcono noma lowo owabeke isisekelo sesakhiwo sakhe onqenqemeni lewa olulungele ukubhidlika, ngakho-ke asibhidlike naye emlilweni wesihogo futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni
  110. Ziyoqhubeka njalo izakhiwo zabo abazakhaya ukuthi zibe ukungabaza ezinhliziyweni zabo ngaphandle uma uzinquma zibe izicucu izinhliziyo zabo futhi uMvelinqangi uyazi unobuhlakani
  111. Ngempela uMvelinqangi wathenga kwabakholwa imiphefumuloyabonengceboyabongokuthiokwaboyisivande. Bayalwa endleleni kaMvelinqangi, ngakho-ke bayabulala futhi bayabulawa, kuyisithembiso kuyena esiyiqiniso esikusi- Torah naseVangelini nakwi-Qur’an futhi ngubani oqiniseke kakhulu esithembisweni sakhe kunoMvelinqangi ngakho- ke thokozani esivumelwaneni senu enivumelene ngaso futhi lokho kungukuphumelela okukhulu
  112. (Amakholwa okuyiwona uMvelinqangi athenga izinhliziyo zawo yilawo) azisolayo (kuMvelinqangi), amkhonzayo, amdumisayo, ahamba (endleleni kaMvelinqangi) akhothamayo, aguqayo (emthandazweni) nawenza okuhle anqabele okubi futhi angabagcini bemingcele kaMvelinqangi futhi batshele izindaba ezimnandi abakholwayo
  113. Akusikhona okomphrofethi kanye nalabo abakholwayo ukuthi bacelele abakhonzi bezithixo intethelelo ngisho noma ngabe bayizihlobo ezisondele emva kokuba sekucacile kubona ukuthi bona bangabangane besihogo
  114. Futhi kwakungesikhona nje ukuthi u-Abrahamu wacelela uyise intethelelo ngaphandle kokuthi kwakuyisethembiso ayemthembise sona kepha kwathi lapho sekumcacele (u-Abrahamu) ukuthi (uyise) uyisitha sikaMvelinqangi waqhelelana naye, ngempela u-Abrahamu wayeqotho ekukhonzeni uMvelinqangi ebekezela
  115. Futhi angeke uMvelinqangi adukise abantu emva kokuba esebaholile kuze kube uyabacacisela okufanele bakwesabe ngempela uMvelinqangi uyisazi ngazo zonke izinto
  116. Ngempela uMvelinqangi ungowakhe umbuso wamazulu nomhlaba uyaphilisa futhi udala ukufa futhi aninaye umvikeli nomsizi ngaphandle kukaMvelinqangi
  117. Ngempela uMvelinqangi waphenduka ngentethelelo kumphrofethi nakulabo ababefuduka (bevela eMakkah beya eMadina) nakubasizi abafuduki kanye nalabo abamlandela ngesikhathi esinzima emva kokuba izinhliziyo zengxenye yabo zasezisondele ekuphambukeni wayesebathethelela ngempela yena kubona unobubele unesihawu
  118. Futhi (wabathethelela) labo abathathu ababesalele ngemumva kwaze kwaba ilapho umhlaba njengoba umkhulu kangaka uncipha kubona nemiphefumulo yabo yancipha futhi babecabanga ukuthi ayikho indawo yokubalekela uMvelinqangi ngaphandle kokubalekela kuyena ngakho- ke wabathethelela ukuze bacele intethelelo, ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo onomusa
  119. Oh nina enikholwayo! Sabani uMvelinqangi futhi nibe kanye nabaqinisileyo
  120. Kwakungafanele ukuthi abantu baseMadina kanye nalabo abaseduzane nabo abangama-Arabhu ukuthi basalele ngemumva kwesithunywa sikaMvelinqangi nokuthi kwakungesikhona okwabo ukuthi bakhethe impilo yabo kuneyesithunywa lokho kungenxa yokuthi bona abahlushwa ukoma noma ukudinwa noma indlala endleleni kaMvelinqangi futhi asibathathi isinyathelo ekunyuseni ukudinwa kwabangakholwayo noma bazwise isitha ubuhlungu kepha kulotshwe bona phansi njengomsebenzi olungileyo ngempela uMvelinqangi akawulahli umvuzo wabenzi bokuhle
  121. Futhi abayichithi (ingcebo yabo) noma ngabe yincane noma ngabe yinkulu futhi abasidabuli isigodi ngaphandle kwabalotshelwe kona phansi ukuze uMvelinqangi abanike umvuzo ongcono kakhulu walokho ababekwenza
  122. Futhi akusikona okwabakholwayo ukuthi bahambe bonke kanyekanye uma kuwona wonke amabutho abo kuneqembu eliphuma phakathi kwabo ukuze baqonde inkolo futhi ukuze baxwayise abantu babo uma sebebuyele kubona ukuze mhlawumbe babe nokunaka
  123. Oh Nina enikholwayo! Yilwani nalabo abaseduzane nani abangakholwa ukuze bezwe ubunzima kunina futhi bazi ukuthi uMvelinqangi ukanye nalabo abalungileyo
  124. Futhi ngasosonke isikhathi uma kwembulwa isahluko (seQur’an) ngakho-ke phakathi kwabo kunabanye abathi, “ngubani phakathi kwenu okumnyuselile lokhu ngokukholwa” ngakho-ke labo abakholwayo kwenyukela ukukholwa kwabo futhi bona bakujabulela
  125. Futhi labo ezinhliziyweni zabo okunesigulo (ukungakholwa, ukungabaza nobuzenzisi) ngakho-ke kwenyukela kubona ukungabaza ekungabazeni kwabo futhi bafa bengakholwa
  126. Ababoni yini ukuthi bona bayalingwa ngayoyonke iminyaka kanye noma kabili bese bengazisoli futhi bangakhumbuli
  127. Futhi ngasosonke isikhathi uma kwembulwa isahluko bayabhekana (bathi) ngakube ukhona yini oyedwa onibonayo na? Bese bephendukela le, uMvelinqangi waphendulela le izinhliziyo zabo ngenxa yokuthi bona bangabantu abangaqondi
  128. Ngempela safika kunina isithunywa esiphuma phakathi kwenu (esiphuma esizweni senu) kusiphatha kabi lokho okunihluphayo sinifisela (ubuhle ukuholwa ngendlela eyiqiniso) kwabakholwayo sinobubele nesihawu
  129. Ngakho-ke uma bephendukela emumva ithi, “uMvelinqangi wanele kumina akekho onokukhonzwa ngaphandle kwakhe, ngethembele kuyena futhi yena uyiNkosi yesihlalo sobukhosi esikhulu”